Kungani Isibhakabhaka Siluhlaza?
Izindawo ezibanzi zomkhathi ongaphandle zimbozwe ubumnyama. Esikubiza ngokuthi isibhakabhaka umoya ozungeze umhlaba, indawo yomkhathi ebonakala esweni lomuntu. Bebheka phezulu kulomkhathi omkhulu, isibhakabhaka, abaningi baye bazibuza, ‘Kungani isibhakabhaka siluhlaza?’ Kungani singabi bukhwebezane, sibe luhlaza njengotshani, sibephuzi, singabi sawolintshi, noma sibe bomvu—eminye imibala eyisisekelo yokubonakalayo okusathingo?
Ukukhanya kwelanga kwenziwa ukukhanya okunamaza anobude obuhlukahlukene, abonakala njengemibala ehlukahlukene yokubonakalayo okusathingo. Amade kunawo wonke kulamaza okukhanya abomvu, futhi amafishane kakhulu aluhlaza noma abukhwebezane. Izilongoshane zomoya wendawo yethu esizungezile engenalutho zihlakaza ukukhanya okuningi kakhulu kwamaza amafishane, aluhlaza, kunamaza amade, abomvu. Ngenxa yalokho, isibhakabhaka esicwebile sinombala oluhlaza. Umoya ozungeze umhlaba, nezinhlayiyana zawo ezingenakubalwa zezinto eziphathekayo, njengothuli, uhlakaza ukukhanya ukuze unikeze isimo sokubonakala, njengokungathi kubonakala esibukweni.
Ngakolunye uhlangothi, uma ilanga seliseduze nomkhathizwe, ukukhanya kwalo kuhamba phakathi kwesilinganiso esikhulu somoya osizungezile ukuze kufinyelele esweni, futhi amaza amade achusha kangcono kunamaza amafishane, kubangela ukuba isibhakabhaka sibe nokubukeka okusawolintshi ngokujulile noma okubomvu. Izinhlayiyana eziphathekayo ezisemoyeni zigqamisa lombala obomvu. Ngokufanayo, lapho intuthu noma amafu aminyene kugcwalisa isibhakabhaka, amaza okukhanya ayo yonke imibala ayahlakazeka. Lokhu kubangela ukuba isibhakabhaka sibonakale simpunga.
Lombukwane omangalisayo wokusebenzisa kukaNkulunkulu ukukhanya emkhathini wamazulu usikhumbuza amazwi omhubi: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.”—IHubo 19:1.