INcwadi Yokwazisa
OFAKAZI BAKAJEHOVA unyaka nonyaka banyathelisa futhi basakaze amashumi ezigidi amakhophi eBhayibheli nezincwadi ezisiza ekuqondeni iBhayibheli. Muva nje, umfundi weBhayibheli waseTexas, eU.S.A., wemukela incwadi yokwazisa evela kumshana wakhe oneminyaka engu-20 ubudala ngamakhophi alezincwadi ayemnikeze wona. Ngokwengxenye, washo lokhu okulandelayo ngokuphathelene nalezincwadi:
“Babekazi Irene Othandekayo Nomkhaya Wonke,
“. . . Manje sekungu–1:00 a.m., ngakho angiqiniseki ukuthi lencwadi iyoba yinde kangakanani, kodwa ngizozama ukusho engifuna ukukusho, futhi lokho ngokuyinhloko kuwukuthi ngiyabonga!
“Izincwadi owangithumelela zona ziyamangalisa ngempela! Zingokungaphezulu ngempela kunalokho ebengikulindele. Zifaka izinongo kukho konke; lesosithako esisodwa esincane esizenza zithakazelise futhi ukuzifunda kuwufanele umzamo.
“Ethi Life . . . by Evolution or by Creation iyincwadi edonsa isithakazelo ngendlela ekhexisayo ngempela! Abalobi balencwadi badinga ukuxhawulwa ngokufudumele! Izincazelo zilula, ziqondakala kahle futhi zinengqondo. Umusho engiwuthanda kakhulu kulencwadi othi ‘Ukuphila okudalwe ngenhlanhla kuyafana nesichazamazwi esiphelele esiwumphumela wokuqhuma esitolo sokunyathelisa izincwadi.’ Iyamangalisa indlela obekwe ngayo!
“Ethi IPharadesi [Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni] enye incwadi ebhalwe kahle. Lencwadi ibukeza izinto eziningi engiye ngazifunda kodwa ngendlela yobuciko nangokuqiniseka kunezinye izincwadi. Lencwadi sengizoyiqeda.
“Ethi Ukubonisana [NgemiBhalo] iyisichazamazwi ebengilokhu ngisifuna. Ukubonisana okunengqondo emiqondweni eyisisekelo engiye ngahluleka ukuyithola ngaphambili; imibono engokweBhayibheli ezihlokweni zengxoxo zamanje. Ivelele ngempela! Iyincwadi ongabheka kuyo ngokuqinisekile; kumelwe ngikubonge futhi.
“Ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iyincwadi efike ngesikhathi edingeka ngaso namuhla. Ngayisebenzisa ekunikezeni iseluleko kumngane wami engimthandayo onezinkinga ezimbalwa zokuphola. Izimpendulo ezinengqondo zizwakale kahle ngempela kuye. Futhi ngiye ngayithola iwusizo ngokomuntu siqu ekuziqondeni mina ngokwami kangcono. Ngiyabonga.
“Futhi okokugcina kodwa ngokuqinisekile okubalulekile, iNew World Translation. Lenguqulo kulula kakhulu ukuyiqonda kuneKJV [King James Version] yami kangangokuthi ngiyaye ngizithole ngibhekisela kuyo kakhulu kunakweyami . . . UNkulunkulu akubusise ngalezipho eziwusizo! . . .
“Ngaphandle kwezincwadi ongithumelele zona cishe bengizolokhu ngicwile ekukhathazekeni kokuzizwa ngimunyu, kodwa manje nginamathuluzi okubhekana nesimo sami, futhi lokho okuthile okunzima ukukukhokhela. UJesu wayeyoziqhenya ngawe. Futhi nami ngiyaziqhenya!
“Ngifunde okuningi kakhulu ngesikhathi esincane kakhulu, kuyajabulisa! Angizange ngicabange ukuthi iBhayibheli lingathakazelisa futhi livuse amadlingozi ngalendlela. Manje nginezizathu eziqinile zokudlubulundela obishini lokuphila uSathane aye wangifaka kulo, futhi ngifuna ukukuhlanganyela nezwe. Ngiyabonga!
“Siza ungikhonzele emkhayeni. . . .
“Ngiyanithandazela nonke!
Obongayo,
UMichael”