Yini Ongayenza Ngokulungisa Indlu?
INDODA ehlakaniphile yezikhathi zasendulo yathi: “Konke kunesikhathi sakho.” (UmShumayeli 3:1) Lapho kuziwa ekunakekeleni indlu, yeka ukuthi lokhu kuyiqiniso kangakanani! Uma kunganakekelwa ngokushesha, ukulungisa ikhaya lakho kungaba okubiza kakhulu nokudla isikhathi. Liyini ikhambi?
Yenza isimiso sokunakekela ngenjongo yokuvimbela, bese unamathela “esikhathini esimisiwe” sokukwenza. Ungase ukhethe ukuphawula ekhalendeni yakho izinsuku zokwenza umsebenzi onjalo. Lokhu kuyoqaphelisa amanye amalungu omkhaya wakho ukuba akhululeke ukuze akusize lapho kudingeka.
Kunezimiso eziqondisayo ezimbili zokunakekela kahle indlu. Esokuqala, vimbela izinkinga eziningi ngangokusemandleni akho ngaphambi kokuba ziqale. Futhi okwesibili, zilungise ngokushesha ngangokunokwenzeka izinkinga eziba khona. Hlola indlu yakho kahle entwasahlobo noma ekwindla, unakekele uphahla. Ukuvuza kwezimbobo ngeke nje konakalise ingaphakathi lekhaya lakho kodwa futhi kungonakalisa izindonga nengaphandle lesakhiwo.
Nezela ekuhloleni kwakho uphahla kwaminyaka yonke ngokunye ukuhlola ngemva kwesiphepho esinamandla. Nakuba ungase ukwazi ukwenza ukulungisa okuthile okuncane ophahleni oluyisicaba, inkontileka enokwethenjelwa inamathuluzi angcono kakhulu okuqinisekisa ikhambi elihlala isikhathi eside ngokwengeziwe lezinkinga zophahla.
Uma indlu yakho izungezwe izihlahla, khona-ke ikwindla lingase lilethe inkinga yokunqwabelana kwamahlamvu abunile emiseleni kathayela yokudlulisa amanzi, avimbele ukugeleza kwamanzi emvula. Khona-ke, hlolani imisele kathayela kanye namapayipi agelezisa amanzi. Valani noma iziphi izimbobo ezivuzayo ngetiyela lokunameka. Ukusebenzisa upende ocwebezelayo wohlobo olukahle kuyonikeza isivikelo emiseleni yamapayipi ensimbi.
Izindonga zekhaya lakho nazo zidinga ukuhlolwa njalo. Qaphela imifantu, umswakama, kanye nokusuka kodaka phakathi kwezitini. Umphumela ohlangene womoya, imvula, kanye nenkungu ungase uthambise udaka noma okunye kokunameka okugcina izindonga zingangenwa amanzi. Uma lokhu kuthamba sekwenzekile, kuyodingeka nenze ukulungisa okudingekile.
Njalo ngesikhathi esithile, hlolisisa izinto ezenziwe ngokhuni zendlu yakho. Hlola ngaphansi kweminyango, izinsika zayo, kanye nonqenqema lwamafasitela ukuze ubone ukuthi akukhunti yini. Uma indawo ethintekile inkulu, kungenzeka ukwazi ukuyikhipha futhi ufake ukhuni oluphilayo esikhundleni sayo. Kungase kwenzeke ukulungisa indawana encane ekhuntile ngomuthi ovikela ukhuni onesithako esiqeda ukukhunta.
Ukukhunta okomile kwakheka ezindaweni ezingaphakathi endlini ezinomswakama ezingangeni kahle umoya. Kuyakwazi ukusakazeka, ngisho nangodaka, kanye nesitini. Ukususa ukukhunta okomile kudinga ukunakekelwa okusheshayo nokobuchwepheshe. Okungcono futhi kakhulu, kuvimbele ukuba kungaqalisi ngisho nokuqalisa ngokuqikelela ukuthi kungena umoya owanele kuyo yonke indlu.
Ukuze ube uchwepheshe wokunakekela indlu, yiba oqaphile. Lihlole njalo ikhaya lakho, kokubili ngaphandle nangaphakathi. Yenza ukulungisa okudingekayo ngokushesha. Zenzele ngokwakho konke ongakwazi ukukwenza, kodwa lapho kudingekile, unganqikazi ukubiza ochwepheshe ukuba bazokusiza.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]
IMISELE KATHAYELA EDLULISA AMANZI NAMAPAYIPI
Ukususa Izinto Ezivimbayo Emiseleni Kathayela
◼ Ngaphambi kokususa udaka nesihlabathi, vala imbobo yepayipi ngendwangu enkulu ukuze uvimbele ukuba isihlabathi singangeni epayipini.
◼ Hwayela izinto ezivimbile ebhakedeni elilengiswe esikhwelweni.
◼ Susa indwangu, bese uthela amanzi ehle ngomsele. Uma engagelezi ngokukhululeka, khona-ke kuyosho ukuthi izinto ezivimbile zisepayipini.
Ukuvula Ipayipi
◼ Uma kunemihubhe lapho amapayipi echithela khona, beka isitsha lapho ukuze uvimbele ukuba inhlabathi ingawavali.
◼ Faka insimbi ngaphansi kwepayipi, uhlokoloze ubhekise phezulu ukuze ususe noma iziphi izinto ezivimbe ngaphansi.
◼ Faka insimbi enehhuku phezulu epayipini ukuze udonse noma yini evimbe phezulu.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]
UKULUNGISA IZINDONGA ZEZITINI NOMA ZAMABHULOKI
Ukuhwaya (Ukulungisa Lapho Kuhlangana Khona Izitini)
◼ Sebenzisa ishizolo nesando ukuze ususe udaka oluxegayo ngokujule ngesentimitha elilodwa.
◼ Shanela indawo ezohwaywa ngebhulashi eliqinile lensimbi ukuze ususe amanembe odaka kanye nothuli.
◼ Xuba udaka kodwa olungeluningi ngaphezu kwalowo oluzosetshenziswa ngaphambi kokuba lome.
◼ Manzisa izitini kanye nodaka ngamanzi.
◼ Faka udaka ngetrowel ecijile ezikhaleni eziphakathi kwezitini.
◼ Ngemva kokuba udaka selomile, kodwa lungakaqini ngokuphelele, susa ngebhulashi elomile futhi eliqinile noma imaphi amanembe odaka asezitinini.
Ukuvuselela Ukubukeka Kwengaphandle
◼ Hhudla noma ususe usimende noma ukhonkolo oklayekile.
◼ Manzisa udonga.
◼ Nameka ngetrowel udaka olusha odongeni.
◼ Vumela ukuba udaka luthi ukuqina.
◼ Hhudla udonga ukuze kusize ekuqiniseni udaka lokugcina olufakiwe.
◼ Faka udaka lokugcina.
◼ Ukuze wenze udonga lulingane, donsa ukhuni lokulolonga luhambe phezu kwaloludaka olumanzi njengesaha.