Lokho Okushiwo Izindaba Zanamuhla
AKE ubheke iphephandaba noma uvulele ithelevishini. Yini oyifundayo, oyizwayo noma oyibonayo? Izindaba ezikhuluma ngokubulala, ukudlwengula, izidakamizwa, ukuwohloka kwemikhaya, ukugumbuqela, ukuvukela, amahlazo, ukugqiba ububi, izifo ezinjengengculaza, ukuzamazama komhlaba, indlala. Lezi izindaba ezingapheli zosuku. Nokho, isici esibaluleke kakhulu sezindaba ngokuvamile asinakwa, futhi noma sishiwo, silahlwa ngokushesha.
Ngokwesibonelo, ngesikhathi sakhe sokuqala njengomongameli waseU.S., uRonald Reagan wakhuluma ‘ngeArmagedoni,’ ethi: “Ngizithola ngizibuza ukuthi—engabe siyisizukulwane esizokubona lokho kwenzeka yini.” Nokho, ngemva kwalokho wayithalalisa lendaba, ephikelela ngokuthi akazange asho ukuthi “kumelwe sihlelele iArmagedoni.”
Nokho, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo isitshela ngokuza kweArmagedoni, ichaza ukuthi ‘amakhosi ezwe lonke’ ayohlanganiselwa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” Liqhubeka, iBhayibheli lithi izizwe ‘ziyohlanganiselwa endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.’—IsAmbulo 16:14, 16.
Iyokwenzeka nini leyompi ezamazamisa umhlaba yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke? Ingabe kungaba sesikhathini sethu? Ngisho noRonald Reagan washukunyiselwa ukuba athi: “Angazi noma niye naziphawula yini ezinye zalezoziprofetho muva nje, kodwa ngikholelweni, ngokuqinisekile zichaza izikhathi esikuzo.”
Izindaba Ezinokubaluleka Okukhulu
Zibonele ngokwakho isiprofetho seBhayibheli esilandelayo: “Yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina [zalesimiso sezinto] kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ingabe ubungathi lesiprofetho manje siyagcwaliseka?
Ngaphezu kwalokho, lapho ekhuluma ngokuba khona kwakhe kwesikhathi esizayo nokuphela kwesimiso sezinto, uJesu waprofetha: “Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi . . . Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. . . . Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:3-12) Ingabe wena ubungeke uvume ukuthi lesiprofetho siyagcwaliseka?
Ukuze abafundi bakhe ababeyobe bephila phakathi nesikhathi sokugcwaliseka kwaleziprofetho baqonde lokho ezikushoyo ngempela, uJesu wanikeza lomfanekiso: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezozinto zenzeka [ngempela, zona kanye izenzakalo esizibona zenzeka namuhla], yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:29-31.
Ngokuqinisekile, kunobufakazi obuningi bokuthi siphila esikhathini lapho ukuza koMbuso kaNkulunkulu kanye nempi yakhe yeArmagedoni kuseduze kakhulu khona! Nakuba lezindaba ezibalulekile ziye zanganakwa cishe ngokuphelele imizila yezindaba yomhlaba, oFakazi BakaJehova bayahlanganyela ekuzisakazeni emhlabeni wonke. Lezindaba ezinhle abazimemezelayo azikhona nje ukuthi uNkulunkulu uyohlanza umhlaba kukho konke ukungcola kuphela, kodwa ukuthi ngaphansi kokubusa kukahulumeni woMbuso wakhe, umhlaba wonke uyokwenziwa ipharadesi elijabulisayo elinjengensimu.
Ngokuphathelene nalezindaba, iBhayibheli liyathembisa: “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” Futhi liqhubeka lithi: “Abathobekileyo bazakudla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IzAga 2:21, 22; IHubo 37:11, 29.
Ingabe ungathanda ukuthola ukwaziswa okungcono ngokuphathelene nobufakazi bokuthi ukugcwaliseka kwaleziprofetho ezinhle kuseduze kakhulu? Uma kunjalo, tshela oFakazi BakaJehova. Bayokujabulela ukukusiza ukuba ubone ukuthi ngempela izindaba zanamuhla zisho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze, yebo, ukuthi izwe elisha lokulunga liseduze.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 9]
Nordhausen/slave camp: USAF Official Photo; Starving child: WHO photo by W. Cutting; Industrial plant: WHO photo by P. Almasy