Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/8 k. 17-k. 19 isig. 8
  • Kungani Kumelwe Ngizidele Ngenxa Yabanye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Ngizidele Ngenxa Yabanye?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiqalo Sobugovu
  • Lokho Ukusiza Abanye Okukuhilelayo
  • Ukuzidela Ngenxa Yomkhaya Wakini
  • Ukuba Nomusa KumaKristu Okanye Nawo
  • Ukusiza ‘Labo Abangaphandle’
  • Uzuza Ngokupha
  • Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Bayajabula Abantu Abaphanayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukuhlangabezana Nezidingo Zasebegugile Bethu—Inselele YomKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukubheka Izithakazelo Zasebegugile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/8 k. 17-k. 19 isig. 8

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Kumelwe Ngizidele Ngenxa Yabanye?

“IZITHAKAZELO zikabani eziza kuqala ekuphileni kwakho?” Umcosheli wezindaba wePhaphama! waphakamisa lombuzo eqenjini lentsha elalisemgwaqweni ophithizelayo. UMike wathi, “Ezami. Ngiphishekela ukuba ‘ngungqá phambili’ zisuka, okokugcina, nangaso sonke isikhathi.” USusie oneminyaka engu-17 ubudala wathi: “Uma kwakuhilela kuphela inhlala-kahle yomkhaya wakithi noma eyami, eyami eyayiyothatha indawo yokuqala.”

Kuyadabukisa ukusho ukuthi, imiqondo enjalo ivamile. Incwadi ethi The Postponed Generation ikhuluma ngokuhlolwa kwabafundi abangu-1 125 lapho izazi ezimbili zesayensi yezenhlalo zazama ukuthola ukuthi intsha yayizikhathalela yona ngokuyinhloko yini noma umphakathi. Waba yini umphumela? Amaphesenti acishe abe ngu-80 abonakala “ezifunela okwawo, engenaluzwela noma isibopho emphakathini.”

Khona-ke, akumangalisi ukuthi bambalwa abazimisele ukuzidela ngenxa yabanye, ukuba baphazamiseke noma badele izithakazelo zabo ngenxa yothile kunokuba kube yibo ngokwabo. Izincwadi ezinjengethi The Art of Selfishness nethi Looking Out for Number One zidayiswa kakhulu, ziyisibonelo sokuthuthukisa umkhuba wokuzazisa. Njengoba iBhayibheli laprofetha, abantu namuhla ‘bangabazithandayo.’—2 Thimothewu 3:1, 2.

Nokho, wena usabela kanjani ezidingweni zabanye? Uma ngokwesibonelo, usulungele ukuhlala phansi futhi ubukele uhlelo lwakho oluthanda kakhulu lwethelevishini bese uMama noma uBaba ekucela ukuba uye esitolo, ingabe uyathukuthela noma ucasuke? Ingabe uyakucasula umbono wokwenza imisetshenzana ethile ekhaya, ukuhlanganyela izingubo zokugqoka noma indawo yokuhlala nomfowenu noma udadewenu, noma ukwenzela nje othile umusa lapho ‘ungekho esimweni esikahle sokukwenza’? Khona-ke isikhathi ngawe sokuba wenze izinguquko ezithile. Kodwa kungani? Futhi okubaluleke ngokwengeziwe, kanjani?

Isiqalo Sobugovu

Umthetho kaNkulunulu ngabantu bakhe uwukuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.“ (Mathewu 22:39) Lokhu kusho ukuthi sibophekile ukuba sibe ngabakhathalelayo, abangenabugovu, abanozwela ngezidingo zabanye. Nokho, asikwazi ngaso sonke isikhathi ukuphila ngokuvumelana nalendinganiso enhle ngokuphawulekayo, futhi iBhayibheli liyasisiza ukuba siqonde ukuthi kungani. KuGenesise 8:21 lithi: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.”

Ukhokho wethu uAdamu akazange ayikhathalele indlela isenzo sakhe sokuhlubuka esasiyothinta ngayo abanye. Khona-ke, akumelwe kusimangaze ukuthi thina, nzalo yakhe, sizalwa sinokuthambekela kobugovu. (Qhathanisa neHubo 51:5.) Ngokumangalisayo lokhu kubonakala eminyakeni yokuqala yokuphila. Umagazini iParents uyaphawula: “Zonke izingane ezikhasayo zinobugovu. . . . Zinaso isithakazelo kuwe kodwa kuphela lapho uzenzela okuthile.” Uma bungaqashelwa, ubugovu bungaba yisici esiphikelelayo sobuntu.

Esinye isici sobuntu esivimbela umuntu ukuba azidele ngenxa yabanye ubuvila. (IzAga 21:25) Ngempela, lapho kubusa ubuvila, umuntu uyoqamba izaba eziyinqaba ukuze agweme ukwenza izinto. IzAga 22:13 zithi: “Ivila lithi: Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa ngaphandle esigcawini.”

Lokho Ukusiza Abanye Okukuhilelayo

Umfanekiso womSamariya onomusa olotshwe kuLuka 10:29-37 ubonisa ukuthi ukusiza abanye kungase kuhilele ukuzidela kwangempela. Ephendula umbuzo othi, “Umakhelwane wami ngubani na?” UJesu walandisa ngendoda ewumJuda eyashaywa izigcwelegcwele futhi yashiywa ukuba ife. Naphezu kwemibango yobuzwe eyayikhona phakathi kwamaJuda namaSamariya, indoda engumSamariya yashukumiseleka ukuba izidele ukuze isize isisulu sobugebengu. Yanakekela amanxeba alendoda, isebenzisa iwayini kanye namafutha okwakusemgodleni wayo. Khona-ke yayiphakamisa kancane lendoda yayikhwelisa esilwaneni sayo futhi yayisa endlini yezihambi. Yakhokhela umninindlu cishe ngomholo wezinsuku ezimbili futhi yathembisa ukukhokhela nezinye izindleko ezingase zivele.

Lomfanekiso oshukumisayo ugcizelela ukubaluleka kwalokho okushiwo ukuzidela ngenxa yabanye: Ukuthatha isinyathelo kuqala, ukuzenza umakhelwane wabanye. Kuhilela ukuzimisela ukudela isikhathi, amandla, kanye nezindleko. Ake sixoxe ngezinye izindlela zokukwenza lokhu.

Ukuzidela Ngenxa Yomkhaya Wakini

Omakhelwane bakho abaseduze kakhulu bangamalungu omkhaya wakini—abazali, abafowenu, odadewenu. Nokho, ungase ube nomuzwa wokuthi labo abaseduze kakhulu nawe kumelwe baqonde ukuphila kwakho okumatasa futhi bangafuni ngokungadingekile kuwe. Nokho, iBhayibheli liyeluleka: “Anongenisana ngenjabulo, ningakhononi.” (1 Petru 4:9) Zama ukubheka izinto ezibonakala ziphazamisa ezingase zibe umphumela, hhayi njengezinto ezicasulayo, kodwa njengethuba lokuqinisa isibopho sobunye bomkhaya.

UEddie uyakhumbula: “Ngokuvamile isimiso sikaMama sasimshiya ekhathele. Kodwa ngeke ngikhohlwe isimo sobuso bakhe lapho ayevula umnyango futhi ethola izitsha zigeziwe, indawo yaphansi ikolojiwe, netafula selidekelwe ukudla kwasemini. Ngizovuma ukuthi ngangingathanda ukudlala ibhola ngalesosikhathi, kodwa ukuzidela kwasiza ekusondelanisaneni umkhaya wakithi ndawonye.” Ingabe ungacabanga ngezinye izindlela zokuzidela ngenxa yamalungu omkhaya wakini?

Ukuba Nomusa KumaKristu Okanye Nawo

Umphostoli uPawulu wathi: “Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.” (Galathiya 6:10) Uthola injabulo enkulu lapho uzikhandla ngenxa yamaKristu okanye nawo.—IzEnzo 20:35.

Ngokwesibonelo, uChris oneminyaka engu-16 ubudala, ungomunye woFakazi BakaJehova. Uyakujabulela ukuthunywa yilungu eseligugile lebandla lakubo. Ngesinye isikhathi lamshayela ucingo licela usizo. Ikheshe esakhiweni elihlala kuso lalingasebenzi, futhi ngenxa yokuthi lalingakwazi ukugibela izitebhisi zezitezi ezinhlanu lalikhathazekile. Lapho efika, uChris wathi: “Beletha kimi, ngizokugibelisa ngikuse phezulu uma lokho kukulungele.” Bagibela baze bafika esitezi sesihlanu! Ingabe kwakukhathaza? Ngokungangabazeki. Kodwa uChris wavuzwa hhayi nje kuphela ngokubonga komngane wakhe osegugile kodwa futhi nangokwazi ukuthi izenzo zakhe zazimjabulisa uNkulunkulu!

Nokho, akudingeki ukuba ulinde izimo ezinkulu njengalezo ukuze ubonise ukukhathalela kwakho abanye. Ngokwesibonelo, ngaphambi nangemva kwemihlangano yobuKristu, enye intsha ithambekele ekubuthaneni yodwa, ikhipha inyumbazana abantu abadala. Lokhu akuvumelani neseluleko seBhayibheli ‘sokuhlonipha’ abantu abadala. (Levitikusi 19:32) Ngezinye izikhathi, usawubona wobungane noma ingxoxo emfushane yilokho nje kuphela okudingekayo ukuze ujabulise umuntu osegugile. Ungase uphikise ngokuthi, ‘Kodwa kunzima ngami ukuxoxa nabantu abadala. Kuncane esifana ngakho.’

UDoug, manje okhonza njengomdala ebandleni lamaKristu, ukhumbula ngenjabulo: “Lapho ngineminyaka engu-19 abangane bami abakhulu babebadala ngokwanele ukuba babe abazali bami noma ogogo nomkhulu bami. Yeka indlela abanikela ngayo kakhulu ekukhuleni kwami ngokomoya!” Kungani ungazikhandli nje kancane futhi uqikelele ukuba wakhe ubungane nabathile babantu abadala, mhlawumbe emhlanganweni wenu wobuKristu olandelayo? Ngokuvamile uyothola ukuthi unokuningi ofana ngakho nabo kunanjengoba ubuqaphela! Futhi njengoDoug, uyothola ukuthi ungafunda kokuhlangenwe nakho kwabo okuyinzuzo ekuphileni.

Ukusiza ‘Labo Abangaphandle’

KwabaseKolose 4:5 umphostoli uPawulu wathi: “Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.” OFakazi BakaJehova babonisa ukukhathalela abanye ngokushumayela isigijimi seBhayibheli. (Mathewu 24:14) Intsha esithatha ngokungathi sína isibopho sayo phambi kukaNkulunkulu ishukumiseleka ukuba ihlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka kulomsebenzi.

UTamitha uthi: “Ngiyazikhandla emsebenzini wokushumayela ngenxa yothando lwami ngoJehova.” Nakuba eneminyaka engu-11 kuphela ubudala, usebenzisa amahora amaningi inyanga ngayinye emsebenzini wobuvangeli. “Ukushumayela futhi kunginikeza ithuba lokubonisa uthando ngomakhelwane bami.” Esikhundleni sokufuna imisebenzi eholela kakhulu, izinkulungwane zentsha engamaKristu ziye zenza ukukhonza abanye njengabavangeli besikhathi esigcwele kwaba umsebenzi wokuphila kwayo, ngokuvamile zibamba amatoho ukuze zizondle. Enye iye yakhetha ngokuzithandela ukuba ibe yizithunywa zevangeli noma izisebenzi zasemahhovisi amagatsha ahlukahlukene eWatch Tower Society.

Uzuza Ngokupha

Umagazini iAmerican Health wathi: “Abantu bayabadinga abanye ngenxa yempilo yabo.” Abacwaningi baze ngisho bathi abantu abazidela ngenxa yabanye bathola izinzuzo ezingokwempilo. Nokho, uJesu Kristu wakhomba kwenye futhi inzuzo, ethi: “Yiphani, khona niyakuphiwa.” (Luka 6:38) Umuntu ophanayo uzuza uthando lwabanye; nakanjani uzuza ukuphiwa yena ngokwakhe!—Qhathanisa nezAga 11:25.

Ngakho yipha, uzidele ngenxa yabanye. Noma nini lapho ukuthambekela kobugovu kuzibonakalisa, khumbula ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithi: “Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube-yilowo nalowo afunele omunye.” (1 Korinte 10:24) Ngokwenza kanjalo uyozuza hhayi nje kuphela ubungane nabanye kodwa ukuvunyelwa uNkulunkulu oPhezukonke.

[Isithombe ekhasini 18]

Ukuzidela ngenxa yabanye kuletha injabulo enkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela