Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 7/15 kk. 21-23
  • Ukuhlangabezana Nezidingo Zasebegugile Bethu—Inselele YomKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlangabezana Nezidingo Zasebegugile Bethu—Inselele YomKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthwalo Wemfanelo Webandla
  • Indlela Amabandla Aye Asiza Ngayo
  • Ukuyisa Asebegugile Emihlanganweni
  • Ngokuhlakanipha Kodwa Ngokuphikelela
  • Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukubheka Izithakazelo Zasebegugile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukunakekela Asebekhulile—Umthwalo Wemfanelo WamaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • UNkulunkulu Uyabakhathalela Asebekhulile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 7/15 kk. 21-23

Ukuhlangabezana Nezidingo Zasebegugile Bethu—Inselele YomKristu

SEKUDLULE izinyanga ezintathu. Kepha ayikho neyodwa yezingane zowesifazane osegugile eye yazikhathaza ngokumvakashela. Uhlala yedwa ekhaya labagugile eKapa, eNingizimu Afrika. Izingane zakhe zihlala eduze.

Ekhaya labagugile eGoli, owesifazane ogugile uchitha isikhathi sakhe esiningi kuvulanda wekamelo lakhe. Ubonwa njalo ekhala.

Izenzakalo ezibuhlungu njengalezi ziya ziba ngezivamile, ngisho nasemazweni lapho asebegugile babenakekelwa khona kahle ngokwesiko. ESoweto, indawo enkulu ehlala abantu abansundu eseduze neGoli, ngokombiko welinye iphephandaba “abantu abagugile [baye] balahlekelwa ukuhlonishwa okungokwesiko, igunya nokunakekelwa okuvela emikhayeni yabo.” Isimo esifanayo sesikhona nasesibalweni esikhulu samaNdiya eNingizimu Afrika. Nakuba amaNdiya ayekhathazeka ngabazali bawo asebegugile, isisebenzi sikahulumeni muva nje sachaza ukuthi imibhangqwana esemisha yamaNdiya ‘ayifuni ukuthweswa umthwalo ngabazali bayo.’

Nokho, amaKristu eqiniso alalela umthetho weBhayibheli othi: “Yazisa uyihlo nonyoko.” (Eksodusi 20:12; Efesu 6:2) Lesibopho asipheli lapho abazali bawo beguga. Eyoku-1 Thimothewu 5:8 ithi: “Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” Abazali asebegugile baphakathi kwalabo umKristu okwakuyodingeka abondle, ngisho noma lokhu kwakuhilela ukuzidela okukhulu—ngokwemizwelo nangokwezimali.

Ngokuvamile, amalungu ebandla lobuKristu namuhla aye enza umsebenzi otusekayo wokunakekela izidingo zabazali bawo ezingokomzwelo nezingokwenyama. Nokho, kwenzekani lapho amaKristu asekhulile engenazo izingane ezesaba uNkulunkulu noma abazukulu abangabanakekela? Kuhlangatshezwana kanjani nezidingo zabo?

Umthwalo Wemfanelo Webandla

Umfundi uJakobe wabhala: “Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.” UJakobe waphinde wathi: “Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba-ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: Hambani nibe-nokuthula, nifudumale, nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.”—Jakobe 1:27; 2:15-17.

Ngakho-ke uma umKristu osekhulile edinga usizo, lena indaba edinga ukunakekelwa ibandla lonke. Abadala bangahola kulokhu. Njengoba uPawulu anikeza ukuqondisa kweyoku-1 Thimothewu 5:4, kumelwe bathole kuqala ukuthi osekhulile unazo yini izingane noma abazukulu abafisa ‘ukubuyisela okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.’ Uma bengekho, abadala bangase baphenyisise ukuze babone ukuthi yimuphi umshuwalense noma amalungiselelo alungiselelwe uhulumeni atholakalayo. Kungase ngisho kwenzeke ukuthi abanye ebandleni basesimweni sokusiza ngokwezimali ngokomuntu siqu.

Nokho, uma engekho amalungiselelo anjalo angase enziwe, abadala bangacabangela ukuthi uyakufanelekela yini ukuthola usizo ebandleni ngokwalo. UPawulu wathi: “Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabengumfazi wendoda inye, ebongwa ngemisebenzi emihle.”—1 Thimothewu 5:9, 10.

Nokho, ngokuvame kakhulu, akuyona imali edingekayo. Abadala bangase bathole lokho okudingeka ngempela. Ingabe osekhulile udinga ukusizwa ngokuyothenga? Ingabe unesizungu noma udinga isikhuthazo? Ingabe udinga into yokumusa emihlanganweni? Ingabe udinga othile ozomfundela iBhayibheli nezincwadi zobuKristu? Uma umuntu osegugile engakwazi ngokomzimba ukuya emihlanganweni, angarekhodelwa yona yini ukuze akwazi ukuyilalela ekhaya? Kungase kudingeke ukuvakashelwa okuningana nezingxoxo ngaphambi kokuba isimo sicace kahle. Kodwa njengabelusi, abadala ‘kumelwe bakwazi ukuma kwezimvu zabo.’—IzAga 27:23.

Indlela Amabandla Aye Asiza Ngayo

Lapho izidingo zabakhulile sezaziwa, kungenziwa amalungiselelo akhethekile. Lapho kukhona umoya ofudumele, wokunakekela, nowokungabi nabugovu ebandleni, akunzima ukuthola abazalwane nodade abaningi abathanda ukusiza. Ngaleyondlela umthwalo ongafanele awuthweswa abantu abambalwa. Ngokwesibonelo, elinye ibandla lenzele abamemezeli isimiso sokuvakashela asebegugile. Abazalwane nodade bayakujabulela ukuhlanganyela ekwenzeni lokhu, futhi akekho kwasebegugile onganakwa.

Kwelinye ibandla, uFakazi osegugile wayenganakwa izingane zakhe ezingakholwa. Nokho, oFakazi abasebasha bebandla babemwashela konke, bem-ayinela, futhi bemhlanzela indlu, benakekela ngisho negceke lakhe. Abazalwane babesiza ngokumkhokhelela indlu nokudla. Babemusa emihlanganweni. Futhi lapho eshona, banakekela wonke amalungiselelo omngcwabo nezindleko.

Kwelinye ibandla elincane laseNingizimu Afrika, umzalwane osegugile wekhaladi (ozalwa abazali abaxube izinhlanga) wayekhubazwe ngokuphelele istroke. Njengoba kwakungekho muntu womkhaya wakhe owayengamnakekela, udade osebandleni—ongumfelokazi ngokwakhe—kanye nendodana yakhe bamthatha. Abesilisa ebandleni babeshintshana ngokumgeza. Ngokungaphezulu, umzalwane omhlophe oyiphayona wayeqhuba lomzalwane osekhulile ngesihlalo sabakhubazekile ukuze ashaywe umoya. Lombukwane, ongavamile eNingizimu Afrika, washukumisa kakhulu. Ibandla lanikeza umzalwane osegugile ukunakekela kothando waze washona.

Nokho, lokhu akusho ukuthi ukuhlangabezana nezidingo zabazalwane nodade asebegugile kulula. Kungadinga ukuthatha isinyathelo sokuqala nokuzimisela kwangempela ukunqoba izinkinga ezingase ziphakame.

Ukuyisa Asebegugile Emihlanganweni

Ngolunye usuku udade osegugile, ongumfelokazi nophethwe isifo senhliziyo, wavakashelwa umdala. Njengoba elapho, umakhelwane wangena wakhononda, ethi: “Ngiza njalo lapha ngimthole ekhala ngoba engekho oke weza ukuzomthatha amuse eHholo LoMbuso.” Inkinga yayingenkulu njengokusho kukamakhelwane, ngoba umkhaya othile ebandleni wawusiza njalo ngezinto zokuhamba. Nokho, izikhathi ezimbalwa ubaba wayesebenza iovertime futhi wahluleka ukuzolanda udade. Ngokuqinisekile, ngabe kwenziwa amanye amalungiselelo ezinto zokuhamba.

Ngakho-ke, kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuba khona emihlanganweni kubalulekile kwasebegugile. (Heberu 10:24, 25) Omunye umdala uyaqikelela ukuthi uFakazi othile osegugile ukhona. Uma engekho ngoba ilungiselelo lento yokuhamba lingaphumelelanga, umdala uphuthumela emotweni yakhe bese emlanda. Ukumomotheka kothando ebusweni bakhe kumenelisa ngokwanele ukuba enze umzamo owengeziwe.

Ngokuhlakanipha Kodwa Ngokuphikelela

Nokho, ngezinye izikhathi abantu abagugile bangaba onkom’ idla yodwa. Bangase badinge usizo kodwa benqabe ukulwamukela. Futhi ngaphandle kokuthi abadala, noma labo ababelwe ukusiza, baphaphame, abagugile abanjalo bangase bathambekele ekuzameni ‘ukuzenzela izinto.’

Omunye umfelokazi osegugile wayenesifo somdlavuza kodwa wayesifihla isifo sakhe. Wayedinga usizo lokuthuthela izimpahla zakhe endaweni eqhele ngekhilomitha nengxenye. Kunokuba atshele abanye ngayekudinga, wacela usizo lomngane oneminyaka engama-84 ubudala. Bendawonye balayisha ezinye izinto enqoleni futhi bazama ukuyiqhuba ngokwabo. Nokho, ngokushesha baqaphela ukuthi lomsebenzi wawungaphezu kwamandla abo, futhi umngane womfelokazi waya kumdala oseduze ukuyocela usizo.

Ngakho-ke, kungase kudinge ukufunisisa ngokuhlakanipha kodwa ngokuphikelela ohlangothini lwethu ukuze sithole ukuthi yini ngempela esingayenza ukuze sisize abantu abanjalo. Uma simane nje sithi: Ùma kunokuthile okudingayo, ngazise,’ kungase kube nempendulo esheshayo: ‘Ngiyabonga, kodwa angidingi lutho.’ Nokho, khumbula ukuthi lapho uLidiya ecela umphostoli uPawulu nabanye ukuba bangenise kwakhe, akazange avinjwe ukwenqaba kwabo kokuqala okusobala. Kunalokho, ‘wabacindezela.’ (IzEnzo 16:15) Ngakho-ke phikelela. Funisisa okudingwa asebegugile nabakuthandayo ngaphambi kokuba bacele usizo.

Yiqiniso, asebegugile kufanele babe nokwazisa ngemizamo yabanye futhi bangasheshi ukuzwela, bafune ngokweqile, noma basole. Ngokwesibonelo, uma belungiselelwe izinto zokuhamba, ukuzimisela ukusiza ngokukhokha izindleko bekungaba okufanele ngempela. Omunye udade osegugile ubhaka isinkwa aluke izinto ezincane azinikeze njengezipho kulabo abamusa emihlanganweni. Nokho, ngezikhathi eziningi izwi nje lokubonga yilokho kanye okudingekayo.

AmaKristu namuhla alwela ukulalela umyalo okuLevitikusi 19:32 othi: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala.” Izinceku zikaJehova azilandeli umkhuba wezwe wokulahla abantu asebegugile nokubalekela umthwalo wemfanelo wabantwana. Kunalokho, ngesikhathi, ngokubekezela, nangosizo lukaJehova, amaKristu asebenzela ukuhlangabezana ngokuphumelelayo nenselele yokunakekela abagugile bethu.

[Isithombe ekhasini 23]

Intsha ebandleni ngokuvamile ingenza okwengeziwe ukusiza abantu abagugile

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela