Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/8 k. 8-k. 9 isig. 6
  • Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imiphumela
  • Isisekelo Sokuziphatha Okungcono Kakhulu
  • Izindinganiso Eziyisidala?
  • Izindinganiso Ezikwenza Ujabule
  • Ukubaluleka Kokuziphatha Kahle
    I-Phaphama!—2019
  • Ukuphila Ngezimiso Ezingaphelelwa Isikhathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izimiso Zokuziphatha Ezizuzisa Ngempela
    I-Phaphama!—2013
  • Ukushintsha Kwezindinganiso Njengoba Umlando Uqhubeka
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/8 k. 8-k. 9 isig. 6

Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo

YINI ingane ebiyoyenza uma ibishiywe ngaphambi kwetafula elinqwabelaniswe ngokudla okunempilo nangoswidi? Uma kungekho muntu owayeyiqondisa, cishe yayiyokhetha lokho ekuthanda kakhulu—ngokunokwenzeka uswidi—kuze kube yilapho igula.

Ngomqondo ongokokuziphatha, umuntu ubhekene nokukhetha. Yini ayifuna kakhulu? Ukuphila komkhaya ojabulayo nekusasa elilondekile noma, kungakhathaliseki imiphumela, ukuphila kwansuku zonke okugxile enjabulweni? Kungakhathaliseki ukuthi yini ayikhethayo, ukukhetha kwakhe kuyololonga ukuphila kwakhe futhi kuthinte isikhathi sakhe esizayo—ngokuhle noma ngokubi.

Imiphumela

Isithelo senguquko yobulili nenkululeko engabekelwe mingcele asizange sibe sihle. Abantu ababenza ngendlela abafisa ngayo baye bahlangabezana nenkindlane yezinkinga ezingafuneki: imikhaya ewohlokile, ukukhulelwa okungafunwa, ukufa ngenxa yengculaza nezinye izifo ezithathelwana ngobulili, ukuphila okonakalisiwe ngenxa yokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, kanye neminye imiphumela engathandeki. Lemiphumela emibi ifanelana nencazelo ephawulwe eBhayibhelini kuzAga 16:25: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.”—Bheka futhi amaGalathiya 5:19-21.

Ubugovu obudlangile nenkululeko engahambisani nomthwalo wemfanelo nakho futhi kuyafanelana nencazelo yesikhathi sethu etholakala kweye-2 Thimothewu 3:1-4: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”

Isisekelo Sokuziphatha Okungcono Kakhulu

Konke lokhu kubonisa isidingo somthombo wezindinganiso eziphakeme kunezomuntu ukuze sikwazi ukuhamba ngokuhlakanipha kulezinsuku ezibucayi. UJeremiya, omunye wabalobi beBhayibheli, wakuvuma lokhu lapho ethi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo.”—Jeremiya 10:23.

Kodwa ubani ongabeka isisekelo sezindinganiso zokuziphatha ezingcono kakhulu? Encwadini yakhe ethi Cours de philosophie, uprofesa waseFrance uArmand Cuvillier uchaza ukuthi yena, njengezazi zefilosofi eziningi, uye “wathatha ubuntu bomuntu njengendinganiso eyinhloko.” Nokho, uyasikhumbuza ukuthi zonke izimiso zokuziphatha ezisekelwe kumuntu zibuthakathaka futhi zithambekele ekuthathelweni indawo ezinye kamuva.

Ngokuvamile umenzi womshini ungumuntu ofaneleka kangcono ukuwenza ukuba usebenze kangcono kakhulu. Kungokufanayo ngoNkulunkulu nangomuntu. NjengoMdali womuntu, uJehova usesimweni esingcono kakhulu sokumbonisa izindinganiso okumelwe abe nazo, nokuthi kungani. EBhayibhelini, uJehova uzibiza ngokuthi unguMuntu ‘osifundisile okusisizayo, osiholile ngendlela okumelwe sihambe ngayo.’—Isaya 48:17.

Izindinganiso Eziyisidala?

Ingabe izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli zingasetshenziswa esikhathini sethu? Ngaphezu kweminyaka engu-1 900 edlule, umphostoli uPawulu wanikeza uhlu lwezimfanelo ezidingekayo ezincekwini zikaNkulunkulu. Waphawula ‘uthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene, ukuzithiba.’ Ingabe lezimfanelo zinokubaluleka okungaphansi namuhla? Lutho neze! Nakuba izimo ziye zashintsha, lezimiso eziphakeme zisengezingcono kakhulu.—Galathiya 5:22, 23.

Kungashiwo okufanayo ngezinto iBhayibheli elizilahlayo. Ngokwesibonelo, kungani uNkulunkulu abhubhisa imizi yaseSodoma naseGomora? Umfundi uJuda wachaza ukuthi lokhu kwakungenxa yokuthi izakhamuzi zayo “zazinikela ekuziphatheni okubi kobulili nokonakala.” UJuda wenezela ukuthi ukubhujiswa kwazo kusebenza ‘njengesixwayiso esimiyo.’ Njengoba lokhu kulandisa kanye nokunye okufanayo kuye “kwalotshelwa ukufundiswa kwethu,” “ukusiyala thina,” izifundo zokuziphatha ezivela kukho zisasebenza.—Juda 7, Phillips; Roma 15:4; 1 Korinte 10:11.

Izindinganiso Ezikwenza Ujabule

Khumbula njalo ukuthi iBhayibheli lisemqoka. Lamukele, ‘hhayi njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu.’ (1 Thesalonika 2:13) Kuzo zonke izigidi zezincwadi ezisemhlabeni, iBhayibheli kuphela ‘eliphefumlelwe uNkulunkulu, futhi lingaqondisa izinto.’ (2 Thimothewu 3:16) Yilona kuphela elingasinikeza izindinganiso ezingcono kakhulu futhi lisibonise indlela eziholela ngayo ekuphileni okuphakade ezweni elisha. Ngokuqinisekile, ukulihlola kuyinkambo yokuhlakanipha.

Yilokho kanye insizwa okuthiwa uJoël eyakwenza. Eminyakeni embalwa edlule, yayihamba nenye intsha ezitaladini zedolobha lakubo eFrance—behlome ngezikhali. Wayaziwa ngokuhluthuka kwakhe, futhi wayengumshushumbisi wezidakamizwa nomxhumanisi wabantu nezifebe. UJoël wafunda ngeBhayibheli nethemba elililethayo, futhi ngokuhamba kwesikhathi, washintsha ngokuphelele, wayeka imikhuba elahlwa iBhayibheli. Iningi labangane bakhe bangaphambili lakholiseka ukuthi wayethole iqiniso, ngakho nabo futhi benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo futhi babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova.

Yebo, iningi lalabo ababa oFakazi BakaJehova alizange liphile ukuphila okuphambene kakhulu nezimiso zeBhayibheli njengoba uJoël nabangane bakhe benza. Kodwa bonke ababa oFakazi BakaJehova bayavuma ukucabangela kabusha izindinganiso eziqondisa ukuphila kwabo—ngisho noma ngabe babengebabi ngokwabo—futhi bayaqiniseka ukuthi bathole isimiso sezindinganiso esingabenza bajabule.

Ezweni lonke, oFakazi abacishe babe izigidi ezine bazama ukuphila ngalezimiso usuku nosuku, kungakhathaliseki izwe noma uhlobo lomphakathi abaphila kuwo. Babeka futhi izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kuqala, benza izindinganiso ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwabo. Kungani ungamukeli isimemo sabo sokukusiza ukuba uhlole izinzuzo nawe futhi ongase uzizuze kulezindinganiso? ‘Ukuthula okuningi’ kuthenjiswa bonke labo abenza lokhu kukhetha.—IHubo 119:165; Mathewu 6:33.

[Isithombe ekhasini 9]

Abantu badinga izindinganiso eziwadlula kude amafilosofi abantu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela