Ukuhlakanipha Kokwenziwa Kulingana—Nokwesibungu
“KUNGENZEKA kulonyaka odlule uyizwile indaba-mlonyeni yokuhlanganiswa kwemizwa yengqondo, izingqondo zamacomputer ezisebenza kanye kanye, izingqondo zamacomputer ezenza imisebenzi ehlukahlukene ngesikhathi esisodwa neminye imizamo engokwezentengiselwano nengokwemfundo ephakeme yokwakha amacomputer ngezinga elisondele kakhulu engqondweni yomuntu. Kodwa into eyodwa okungenzeka ubungakezwa okuningi ngayo ukuthi usho ukuthini ngempela lomzamo noma lokho ngempela ubuchwepheshe obusha okubufezayo. Umngane osebenza enkampanini ehlanganisa imizwa yengqondo wangitshela ukuthi ngokokuziphendukela kwemvelo ‘kwengqondo ephilayo,’ imikhiqizo yanamuhla ingalingana ngokuthe nsé nezinga lokuhlakanipha okulingana nokwesibungu. Isibungu nje kuphela, uyabuza? isibungu. Ukuzama ukwenza imisebenzi yengqondo yomuntu kungadinga . . . nokho, ingqondo yomuntu.”—Computerworld, February 27, 1989, ikhasi 21.
Ingqondo ingenisa ukwaziswa ngamandla kagesi okhiqizwa ngamakhemikhali. “Nakuba amandla anjalo edume kabi ngokungasheshi—cishe amamitha [angu-30] ngomzuzwana—nokho ayawadlula amandla kagesi ahamba ngemizila eyinsimbi, angahamba cishe amamitha [angu-0,3] ngengxenye eyodwa kweziyizigidigidi zomzuzwana noma amamitha ayizigidi [ezingu-300] ngomzuzwana.” Enye yamacomputer athusa kakhulu akhona namuhla inamaprocessor angu-65 536 okusingatha ukwaziswa futhi ilingana nomshini wokuwasha, nokho “ingqondo ilayisha amaprocessor aphindwa izikhathi ezingu-150 000 ogebhezini lwekhanda lomuntu.” Icomputer ebiza kakhulu iyisazi esiwuchwepheshe. Ingabala ngokushesha okulingana nokufaka kwakho izinombolo kuyo, kodwa ake uyizame ukuba yenze isinqumo esinengqondo, ivele yephuke.
Isihloko kuyiComputerworld siyaphetha: “Injongo yawo wonke lomsebenzi imane nje iwukukubonisa ukuthi kunzima kangakanani ukuzama ukushintsha ingqondo yomuntu esikhundleni sayo ufake uhlobo lomklamo wensimbi ebonakalayo noma wezinhlelo. Ngisho naphansi kwezimo eziphansi kakhulu, ingqondo isalokhu iyicomputer yokuqala, futhi zonke ezinye izifanekiso—kungakhathaliseki ukuthi izinga lomsebenzi wazo liphakeme kangakanani—zingabalingisi abakhasayo ngokuqhathaniswa.”