Ikhasi Lesibili
Izibhamu Ziyintilibathwa
Lapho kuba nenkindlane yezibhamu, kuba nokudubula okwengeziwe, kube nokubulala ngonya okwengeziwe. EUnited States indoda ephethe isibhamu idedela ithala lezinhlamvu ngesibhamu sokuhlasela esiwuntuluntulu esixukwini sezingane zesikole: ezinhlanu zifile, ezingu-29 zalimala. ENgilandi indoda ewuhlanya ibulala abantu abangu-16 ngesibhamu sokuhlasela iAK-47. ECanada indoda ezonda abesifazane iya eYunivesithi yase-Montreal futhi ibulala abangu-14 babo. ESan Salvador onogada bantshingela ngamavolovolo emaphaseji okuhamba kuwo abathengi ezitolo ezinkulu, futhi abathengi kulindeleke ukuba bashiye izikhali zabo emnyango.
Abesifazane abengeziwe manje bathenga izibhamu. Batheleka ngo-buningi ezindaweni zokufundela ukudubula ngamavolovolo nezibhamu, bededela ithala lezinhlamvu ezithombeni zabantu ezilingana nabantu abaphilayo ngenjongo yokuziqeqesha, bevula izimbobo ngenhlamvu phakathi kwamehlo azo. Abaklami bamavolovolo akhethekile abesifazane bathola imali enhle.
Nezingane ungazikhohlwa. Kwesinye isehlakalo phakathi kweziningi: Umfana oneminyaka engu-10 walayisha ngezinhlamvu isibhamu sikayise sokuzingela esinamandla amakhulu futhi wadubula wabulala intombazane eyayimqhoshela ngokuthi yayingcono kunaye emidlalweni yevideo.”
Ukuqhudelana komphakathi ngezikhali zempi kuyaqhubeka. Kuyophelelaphi? Kuyophela nini?