Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 12/8 k. 7-k. 12 isig. 4
  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?
  • I-Phaphama!—1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iziqondiso Zokuphila Impilo Enhle
  • Imizwelo Namathemba Ekuphileni
  • Imikhuba Nezidakamizwa
  • Lapho Konke Ukugula Kuyophela Khona
  • Indlela Ongalonda Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1999
  • Ukudla Okudlayo—Ingabe Kungakubulala?
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Uwuvivinya Ngokwanele Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Siphila Kangakanani?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 12/8 k. 7-k. 12 isig. 4

Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?

NGOKWENGXENYE ngenxa yempumelelo enkulu yemithi yesayensi yezokwelapha yanamuhla, isimo sokuthi impilo ingokuthile odokotela abakunikeza abantu kunokuba okuthile umphakathi nabantu ngabanye abakufinyelela ngokwabo siye sasakazekela ezingxenyeni eziningi zomhlaba.” Wabhala kanjalo uDkt. Halfdan Mahler kuyiWorld Health, iphephabhuku elingokomthetho leNhlangano Yezempilo Yomhlaba.

Yebo, odokotela nezibhedlela bayanikela kakhulu empilweni nasenhlalakahleni yethu. Nokho, bafeza ikakhulukazi indima yokwelapha. Siyazidinga izinkonzo zabo lapho okuthile kungahambi kahle, kodwa kuyaqabukela sicabange ngabo lapho sizizwa kahle. Khona-ke, yini esingayenza ukuze sifinyelele impilo enhle thina ngokwethu?

Iziqondiso Zokuphila Impilo Enhle

Ngokuvamile, izazi ziyavumelana ngokuthi impilo enhle ixhomeke ezicini ezintathu eziyinhloko: ukudla okunazo zonke izakhi, ukuvivinya umzimba njalo, nokuphila ngokuzikhathalela. Kunentilibathwa yokwaziswa ngalezihloko, futhi okuningi kwakho kuyasebenza futhi kunenzuzo. Eminye imibono efanelekile neyamuva ngendlela ukudla esikudlayo nokuzivivinya okuhlobana ngayo nempilo yethu inikezwe emabhokisini athi “Ukudla Okudlayo Nempilo Yakho” nelithi “Ukuzivivinya, Ubuqemane, Nempilo.”

Nakuba ukwaziswa okuningi okuwusizo kutholakala, ngokudabukisayo amaqiniso abonisa ukuthi ukufinyelela impilo enhle akuyona into ephambili kakhulu ohlwini lwezinto eziza kuqala lwabantu abaningi. Phakathi kokunye, “wonke umuntu uyazi ukuthi yini edingekayo ukuze ehlise isisindo,” kwaphawula uDkt. Marion Nestle weHhovisi Lezokuvikelwa Kwezifo Nokuthuthukiswa Kwempilo eWashington, “nokho ukuvama kwesisindo eseqile akubonakali kushintsha kakhulu kangako.” Ngokokulandisa kwehhovisi lakhe, cishe umuntu oyedwa kwabane eUnited States unesisindo eseqile ngamaphesenti angaphezu kwama-20.

Ngokufanayo, ukuhlola okwenziwa iU.S. National Center for Health Statistics kwembula ukuthi: “Emhlabeni wonke, phakathi kuka-1977 no-1983 kubonakala kuye kwaba khona ukwanda emikhubeni yempilo engathandeki.” Iyini “lemikhuba yempilo engathandeki”? Akuzona izinkinga umuntu ngamunye angenakuzilawula, njengokuntula ukudla okunomsoco, umqedazwe, noma ukungcola. Kunalokho, ziyizici eziwumthwalo wemfanelo womuntu ngamunye ngokuphelele—imikhuba enjengokubhema, ukudla ngokweqile, ukuphuza ngokweqile, nokusebenzisa kabi izidakamizwa.

Ngokusobala, sidinga okungaphezu kokwaziswa okungokwezokwelapha noma okungokwesayensi ngalokho esingakwenza ukuze sifinyelele impilo enhle. Kudingeka isisusa esikhulu kakhulu sokuphila ngokwemithwalo yemfanelo yethu ngabanye. Akumelwe nje sishukunyiselwe ukwenza lezozinto eziyokwenezela empilweni enhle kodwa futhi ukugwema lezozinto eziyoyilimaza. Singasitholaphi Isisusa esinjalo sokusisiza ukuba siphile ukuphila okunempilo?

Nakuba abantu abaningi bengase bangakuqapheli, umlobi ongudokotela, uS. I. McMillen, esethulweni sencwadi yakhe ethi None of These Diseases waphawula: “Nginethemba lokuthi umfundi uyohlatshwa umxhwele ukuthola ukuthi iziqondiso zeBhayibheli zingamsindisa kwezinye izifo ezithathelwanayo, emidlavuzeni eminingi ebulalayo, nasezifweni eziningi ezisongelayo ezingokwengqondo nezingokomzimba ezandayo naphezu kwayo yonke imizamo yemithi yokwelapha yanamuhla. . . . Ukuthula akuveli emagobongweni anomuthi phakathi.”

Kulamazwi singabona ukuthi nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi engokwesayensi yezokwelapha noma isichazamazwi esingokwempilo, liyazinikeza izimiso neziqondiso ezingaphumela emikhubeni emihle nasempilweni enhle. Ziyini ezinye zalezimiso?

Imizwelo Namathemba Ekuphileni

Ngokwesibonelo, “isayensi yezokwelapha iyakuqaphela ukuthi imizwelo enjengokwesaba, usizi, umona, ukuthukuthela nenzondo iyimbangela yokugula kwethu okuningi,” kwasho uDkt. McMillen ocashunwe ngenhla. “Ukulinganisela kuyahlukahluka kusukela kumaphesenti angama-60 kuya cishe kumaphesenti ayi-100.”

Yini engenziwa ukuze kwelashwe lokhu? Ngokuthakazelisayo, iminyaka eyizi-3 000 edlule, iBhayibheli labonisa ukuthi: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.” (IzAga 14:30) Kepha umuntu uyithola kanjani “inhliziyo ezolileyo”? Iseluleko seBhayibheli siwukuthi: “Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza, makususwe kini kanye nakho konke okubi.” (Efesu 4:31) Ngamanye amazwi, ukuze sijabulele impilo enhle engokomzimba, kumelwe sifunde ukulawula imizwelo yethu.

Yebo, lokhu kuphambene neseluleko sezinye izazi zokwelapha izifo zengqondo nezazi zokusebenza kwengqondo. Ngokuvamile batusa ukuthi senze ngokuvumelana nemizwa yethu kunokuba sizame ukuyilawula. Ukudedela ulaka nokuveza ukuthukuthela kungase kulethe inkululeko yesikhashana kumuntu ozizwa elinyaziwe futhi ephazamisekile. Kodwa lokho kwenzani ebuhlotsheni bakhe nalabo abamzungezile, futhi hlobo luni lokusabela lokho okungase kulubangele engxenyeni yabo? Kulula ukucabanga ngokucindezeleka nemizwelo elimele, kungasaphathwa ukulimala okungokomzimba okungenzeka, okwakungaphumela kukho uma wonke umuntu ayengakhipha imizwa yakhe kunokuba azame ukuyilawula. Kumane nje kwakhe inzondo engapheli.

Yebo, akulula ukunqoba lemizwelo eyingozi, ikakhulukazi uma umuntu ethambekele ekuboniseni ulaka nokuthukuthela. Yingakho iBhayibheli lithi: “Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane.” (Efesu 4:32) Ngamanye amazwi, lithi esikhundleni semizwa ephambene eyingozi kumelwe sifake eqondile.

Yini imizwa enjalo eqondile eboniswa kwabanye eyenzayo kithi? “Ukukhathalela kuyisici esingokwemvelo,” kubhala uDkt. James Lynch encwadini yakhe ethi The Broken Heart “Isibopho ‘sokuthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena’ akusona nje isibopho sendlela yokuziphatha—siyisibopho esingokomzimba.” Ngokuphathelene nezinzuzo ubuhlobo obunjalo obuqondile obuzilethayo, uRobert Taylor, isazi sezifo zengqondo, uyenezela: “Ukwazi ukuthi unabantu ongaphendukela kubo ngezikhathi zokuswela kunganikeza imizwa ebaluleke kakhulu yokulondeka, ukulindela okuhle nethemba—konke okungaba amakhambi amahle kakhulu okucindezeleka.” Ngakho, nakuba abezokwelapha banamuhla bengase bazame ukuza namakhambi okuthile kwalokho okubizwa ngokuthi ukugula okungokwengqondo nokungokomzimba, okokuqala nje iziqondiso ezilula zeBhayibheli zingasiza ukukuvimbela ukuba kwenzeke. Noma ubani ozimisele ukusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli uyozuza ngokomzwelo nangokomzimba.

Imikhuba Nezidakamizwa

Okunye futhi okuthinta inhlalakahle yethu engokomzwelo nengokomzimba indlela esiphatha ngayo umzimba wethu. Ngomzamo osesilinganisweni ngasengxenyeni yethu—ukudla ngokufanelekile, ukuthola ukuzivivinya nokuphumula okudingekile, ukuzigcina sihlanzekile, nokunye —umzimba wethu uyozinakekela ngokwawo. Nokho, uma kuwumkhuba wethu ukuwusebenzisa kabi, ngokushesha noma kamuva uyowohloka, futhi siyoyizwa imiphumela.

Iseluleko seBhayibheli siwukuthi: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Singasisebenzisa kanjani leseluleko esinjalo, futhi ziyini izinzuzo? Cabangela umbiko olandelayo ngeNhlangano Yokuhlolwa Kwezwe yaseWashington: “Ukubhema kuwumqedazwe owanda ngamaphesenti ayi-2,1 ngonyaka ngaphezu kwezakhamuzi zomhlaba. . . . Ukwanda kokusetshenziswa kogwayi kwancipha kancane ekuqaleni kweminyaka yamashumi ayisishiyagalombili, ikakhulukazi ngenxa yezizathu ezingokomnotho, kodwa kuqale phansi kwanda ngamandla. Abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane manje bayabhema, babhema okungenani izigidi eziyizigidi ezi-5 zemicu kagwayi ngonyaka, isilinganiso esingaphezu kwengxenye yephakethe ngosuku.”

Yini ebiwumphumela ‘walomqedazwe owandayo’? Ibhokisi elilandelayo linikeza ukwaziswa okuthile okunengqondo kokucatshangwa ngakho. Uhlu olunikeziwe alubhocobalisi neze, kodwa isigijimi sicacile: Ukuluthwa ugwayi kunamandla futhi kuyizindleko. Kuwumkhuba ongcolisayo olimaza impilo yakho kokubili imilutha nalabo ebazungezile.

Kuthiwani ngemizamo yokuyeka lomkhuba? Naphezu kwayo yonke imikhankaso yokunqandwa kokubhema, impumelelo iye yaba ngencane kakhulu ngokwesilinganiso sezwe lonke. Lokhu kungenxa yokuthi ukunqoba umkhuba wokubhema ugwayi kuyimpi ewumqansa ekhandlayo. Ukucwaninga kubonisa ukuthi oyedwa kuphela kwabane ababhemayo ophumelelayo ekunqobeni lomkhuba. Ngokusobala zonke izixwayiso zokuthi ukubhema kuyingozi empilweni azishukumisi ngokwanele.

Nokho, iseluleko seBhayibheli esicashuewe ngenhla, sihambisana nendinganiso yamaKristu yokuthanda omakhelwane babo njengalokhu bezithanda, siye sashukumisela izinkulungwane manje ezingoFakazi BakaJehova ukuba ziyeke ukubhema. Kungakhathaliseki ukuthi kusemaHholo oMbuso abo, lapho behlangana khona amahora amaningana isonto ngalinye, noma emihlanganweni yabo emikhulu, lapho izinkulungwane zabo zihlangana khona izinsuku ezithile, awunakubona ngisho noyedwa wabo ephethe umucu kagwayi. Ukuzimisela kwabo ukwamukela nokusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli kuye kwabanikeza ukuzimisela okudingekile ukuba bafeze lokho abanye abahlulekayo ukukufinyelela.

Eminye imikhuba eyingozi ihlanganisa ukweqisa ophuzweni oludakayo, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukuziphatha okuxekethile kobulili ngokunokwenzeka okubangela ubhadane lwezifo, kanye nomqedazwe wezinye izinkinga zempilo nezenhlalo ezikhathazayo. Nakuba izazi zempilo zizama kanzima ukubhekana nalezinkinga, uzothola ukuthi iBhayibheli linikeza iseluleko kokubili esinengqondo nesisebenzayo.a—IzAga 20:1; IzEnzo 15:20, 29; 1 Korinte 6:13, 18.

Lapho Konke Ukugula Kuyophela Khona

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi singase sizame kanzima kangakanani ukulondoloza impilo enhle, iqiniso elinzima lihlala liwukuthi okwamanje, siyagula futhi sife. Nokho, uMdali womuntu, uJehova uNkulunkulu, akasitsheli nje kuphela ukuthi kungani umuntu egula futhi efa kodwa usitshela futhi nangesikhathi esizofika ngokushesha lapho konke ukugula ngisho nokufa uqobo kuyonqotshwa.—Roma 5:12.

Isiprofetho seBhayibheli kuIsaya 33:24 siyethembisa: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” IsAmbulo 21:4 naso siyathembisa: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona.” Yebo, isithembiso soMdali siyizwe elisha khona lapha emhlabeni, lapho isintu siyovuselwa ekupheleleni kobuntu, sinobungqabavu bempilo nokuphila okuphakade okuwumvuzo womkhaya wesintu!—Isaya 65:17-25.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza ubheke isahluko 10 sencwadi ethi Happiness—How to Find It, eyanyatheliswa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Ibhokisi ekhasini 8, 9]

Ukudla Okudlayo Nempilo Yakho

“Uma . . . ungabhemi noma ungaphuzi ngokweqile, uhlobo lokudla olukhethayo lungathonya amathemba akho empilo ehlala isikhathi eside ngaphezu kwanoma yisiphi esinye isenzo ongase usithathe.”—Owayengudokotela wokuhlinza odumile waseU.S. uDkt. C. Everett Koop.

Eminyakeni yamuva, izazi zempilo ziye zakhuluma ngemiphumela eyingozi leyo izici ezithile zokudla kwezizwe zezemisebenzi enayo empilweni yabantu. Ngaphandle kokuletha ukunakekela ezintweni ezinjengogwayi, uphuzo oludakayo, usawoti, noshukela, kuye kwagcizelelwa ngokukhethekile iqiniso lokuthi ukudla kwabantu abaningi kunesilinganiso esiphakeme kakhulu samafutha necholesterol futhi kunesilinganiso esincane kakhulu sokudla okungacolisekile.

UDkt. Koop uyaqhubeka: “Okukhathalelwa ngokuyinhloko, ukudla kwethu amafutha ngokweqile kanye nokuhlobana kwakho nengozi yezifo zenhliziyo njengesifo semithambo emikhulu yenhliziyo, izinhlobo ezithile zomdlavuza, isifo sikashukela, umfutho ophakeme wegazi, ukuthwebuleka komzimba kanye nesisindo eseqile.” Ngokufanayo, isazi sokuhlinza saseBrithani uDkt. Denis Burkitt nabanye bebedonsela ukunakekela ekuhlobaneni phakathi kokuntuleka kokudla okungacolisekile nesifo semithambo emikhulu yenhliziyo, umdlavuza wamathumbu, ukuphazamiseka kwesisu namathumbu, isifo sikashukela, kanye nezinye izifo.

Akuyona yonke imininingwane eqondwayo yendlela ukudla esikudlayo okuthinta ngayo ukuphila kwethu, futhi akukho ukuvumelana okuphelele phakathi kwazo zonke izazi zempilo. Nokho, kunamanye amaqiniso ezokwelapha okufanele siwacabangele kahle.

Nciphisa Amafutha

Isilinganiso esiphakeme secholesterol, uphuzo oludakayo olunesilinganiso esiphakeme samafutha egazini, kuhlobene ngokuqondile nengozi enkulu yesifo senhliziyo. Labo abanesifo senhliziyo noma umlando womkhaya walesisifo, nalabo abafuna ukunciphisa ingozi yakho, bayokwenza kahle ukugcina icholesterol yegazi isesilinganisweni esikahle. Yini engenziwa?

Indlela yokuqala yokuzivikela etuswayo ngokuvamile iwukudla uhlobo lokudla olungenayo icholesterol eningi, etholakala kuzo zonke izinhlobo zokudla esikuthola ezilwaneni, njengenyama, amaqanda, nezinye izinhlobo zemikhiqizo yobisi, kodwa hhayi ekudleni okuyizitshalo. Nokho, ukuhlola kwamuva kuye kwathola ukuthi ukudla ukudla okucebe ngecholesterol kuphela, kunomphumela nje osesilinganisweni ezingeni lecholesterol yomuntu esegazini. Kodwa uma ukudla kucebile futhi ngamafutha angancibiliki (njengamafutha ezilwane, imifino efakwe amafutha amaningi, namafutha esundu nokhukhunathi), kubantu abaningi ukwenyuka kwecholesterol esegazini kuba kukhulu. Ngakho, ezinsukwini zanamuhla ukugcizelela kuwukuthi ‘nciphisa amafutha.’ Yidla inyama encane nengenamafutha, wasuse amafutha abonakalayo, sisuse isikhumba enyameni yenkukhu, futhi yidla ngokusesilinganisweni isikhupha seqanda, ubisi olunolaza, ushizi oqinile, nokudla okufakwe izinongo eziningi okunamafutha esundu nokhukhunathi.

Nakuba amafutha amaningi ethambekele ekunyuseni izinga lecholesterol esegazini, amafutha okupheka ancibilikayo (omnqumo, esoybean, esafflower, ombila, kanye namanye amafutha atholakala emifinweni), inhlanzi enamafutha, neshellfish kona kwenza nje ngokuphambene nalokho. Okunye kwalokhu kungase ngisho kusize ukwenyusa izinga elikhudlwana lalokho okubizwa ngokuthi icholesterol enhle, iHDL (high-density lipoprotein), egazini noma yehlise izinga lohlobo olulimazayo lwecholesterol, iLDL (low-density lipoprotein).

Yidla Ukudla Okuningi Okungacolisekile

Ukunciphisa nje amafutha akwanele. Ukudla okucolisekile nokuthakwe kakhulu—okugcwele ufulawa omhlophe, ushukela, okwenezelwe ngamakhemikhali, nokunye—kuwuntula ngokuphelele umsoco. Umphumela uba yilokho okuthiwa izifo eziphucuzekile: ukusongelana kwesisu, amahemorrhoid, ihernia, idiverticulosis, umdlavuza okhubaza izindawo zokukhipha indle, isifo sikashukela, isifo senhliziyo, nezinye. “Abantu abadla ukudla okuncane okungacolisekile, basengozini enkulu yokufa izikhathi eziphindwe kathathu ngenxa yazo zonke izimbangela kunabantu abakudla kakhulu,” kusho umbiko kuyiLancet.

Ukudla okungacolisekile okusesilinganisweni esihle kakhulu kufeza indima yakho ngezindlela ezimbili. Kumunca amanzi njengoba kungena enqubweni yokugaywa kokudla, futhi kudlula ngokushesha emgudwini wethu wokugaywa kokudla. Izazi zempilo zinomuzwa wokuthi kuhamba nezinto eziningi eziyingozi futhi kusheshise ukususwa kwazo emzimbeni. Kutholakala ukuthi okunye ukudla okungacolisekile okuncibilikayo kwehlisa izinga likashukela necholesterol yeLDL egazini—okuwusizo ngeziguli eziphethwe isifo sikashukela nesenhliziyo.

Ungazuza kanjani kulolulwazi ngokuphathelene nokudla okungacolisisekile? Uma kungenzeka, yenyusa isilinganiso sezithelo, imifino, nemikhiqizo yokusanhlamvu ekudleni kwakho. Yeka isinkwa esimhlophe uphendukele esinkweni esenziwe ngokolo ongacolisiwe futhi yenezela okusanhlamvu etafuleni lakho lokudla kwasekuseni. Ubhontshisi uwumthombo omuhle kakhulu wokudla okungacolisekile. Nestarch—amazambane nerayisi—kungase kube nezakhi ezilwisana nomdlavuza.

Yebo, kunezici eziningi zokudla kwakho ezithinta impilo yakho. Nokho, ukugwema amafutha nokwandisa ukudla okungacolisekile izindawo ezimbili ekudleni kwabantu abaningi ezidinga ukunikezwa ukunakekela okuphuthumayo.

[Ibhokisi ekhasini 10, 11]

Ukuvivinya Umzimba, Ubuqemane, Nempilo

Ukuhlola okwathatha iminyaka engama-40 okwenziwa kubantu abayizi-17 000 kwathola ukuthi labo ababevivinya umzimba kancane ngesilinganiso samahora amabili ngesonto (besebenzisa amacalorie angama-500) babenesilinganiso sokufa esisukela kumaphesenti ayi-15 kuya kwangama-20 ngaphansi kunalabo ababengawuvivinyi nhlobo umzimba. Labo ababezivivinya ngokuphikelelayo (beshisa amacalorie ayizi-2 000 ngesonto) babenesilinganiso sokufa esiyingxenye eyodwa kwezintathu ngaphansi. Okunye ukuhlola kuye kwafinyelela isiphetho esifanayo: Ukuvivinya umzimba njalo kunciphisa ingozi yomfutho wegazi ophakeme, isifo semithambo emikhulu yenhliziyo, futhi mhlawumbe ngisho nomdlavuza. Ukuvivinya umzimba njalo kusiza futhi ekulwisaneni nesisindo eseqile, ukungazethembi, ukukhathala, ukukhathazeka, nokucindezeleka.

Isizathu sokuba ukuvivinya umzimba njalo kubonakale kwenza konke lokhu ukuthi kwenyusa amandla omuntu angokomzimba nokubekezela. Ngamanye amazwi, ukuvivinya umzimba njalo kwenza umuntu abe umqemane ngokomzimba. Nakuba ubuqemane bungaqinisekisi impilo enhle, umzimba ophapheme noqinile akulula ukuba ungenwe yizifo. Futhi ululama ngokushesha lapho kwenzeka ungenwa ukugula. Ubuqemane obungokomzimba bunganikela enhlalakahleni engokwengqondo nengokomzwelo yomuntu futhi kwehlise nemiphumela yokuguga.

Kuphi Futhi Okungakanani?

Imibuzo evamile ngokuzivivinya umzimba iwukuthi, Hlobo luni lokuzivivinya, futhi okungakanani? Lokho ngempela kuxhomeke kulokho umuntu afuna ukukufeza. Umgijimi weOlympic kumelwe azivivinye isikhathi eside futhi kanzima ukuze ahlale ewumqemane. Kubantu abaningi, umgomo ungase ube ukwehlisa isisindo, ukulolonga isimo sokubukeka komzimba, ukujabulela impilo engcono, noma mhlawumbe ukuzizwa ukahle. Ngabantu abanjalo, izazi eziningi ziyavumelana, imizuzu engama-20 kuya kwengama-30 yokuzivivinya umzimba izikhathi ezintathu ngesonto iyadingeka ukuze bahlale beyimiqemane. Kodwa hlobo luni lokuvivinya umzimba?

Ubuqemane buhilela amandla omuntu angokomzimba, iminyaka yobudala, nokubekezela, ngakho ukuvivinya umzimba kufanele kwenyuse izinga lokushaya kwenhliziyo nokuphefumula komuntu phakathi nesikhathi sokuzivivinya. Lokhu kuyilokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi ukuzivivinya okunikeza umzimba umfutho, okubizwa ngokuthi iaerobic. Ukugijima, ukuhamba ngokushesha, umdanso weaerobic, ukudlala ingqathu, ukubhukuda, nokugibela ibhayisekili izindlela ezivamile zokuzivivinya okuthiwa iaerobic, ngakunye kunezinzuzo nezinkinga zakho uma kukhulunywa ngokuzikhethela komuntu, izindleko zendawo nezinto zokusetshenziswa, amathuba okulimala kanye nokunye.

Ezinye izinhlobo zokuvivinya umzimba ziqinisa imisipha futhi zakhe ukubukeka komzimba. Lokhu kuhlanganisa ukuzivivinya ngokusebenzisa imishini kanye nezinsimbi. Ukuzivivinya okunjalo kwandisa amandla omuntu angokomzimba nokubekezela futhi kungathuthukisa ukuma komzimba nokubukeka komuntu—konke kwenezela ekwenzeni umzimba onobuqemane.

Kuthiwani ngokuzivivinya kokugxumagxuma nokunyakaza abaningi bethu abasakukhumbula kahle ezikhathini zethu zesikole? Kwasenzela okuhle okuningi kakhulu, kungakhathaliseki ukuthi sasikwazisa noma sasingakwazisi ngalesosikhathi. Ukuthwishika, ukuphenduphenduka ngezingxenye ezithile zomzimba, nokugoba umzimba ubheke phansi naphezulu. Ukugxumagxuma nokukhahlela kunyusa izinga lokushaya kwenhliziyo. Ukulala ngomhlane uvuke uhlale uqonde, nokujikela ngezandla ensimbini, namachin-up kuqinisa imisipha. Inzuzo enkulu yokuvivinya umzimba okunjalo okwelula umzimba njengoba umuntu eguga ukuthi umuntu angase ahlale eqinile futhi akwazi ukuqhubeka enomfutho wokwenza noma yini isikhathi eside.

Ekugcineni, kukhona imidlalo yokuzijabulisa—ithenisi, iracquetball, isoftball, iskating, neminye imidlalo eminingi. Inzuzo yemidlalo enjalo iwukuthi iyajabulisa kakhulu kunezinhlobo zokuvivinya umzimba ezinesicefe futhi ngaleyondlela kungase kube isici esidingekayo ukuze senze umuntu azivivinye umzimba njalo. Ukuvivinya umzimba okunjalo kungase kunikeze noma kungalinikezi izinga lokuzikhandla elifanayo njengoba kungase kwenze ezinye izinhlobo zokuzivivinya kuye ngokwendlela umuntu akuphishekela ngayo ngokuhlakanipha nangokuzikhandla. Nokho, kuyasiza ekugcineni umzimba usesimweni esihle, kuthuthukise ukubambisana komzimba, futhi kukhulise ukushukuma nobulula bomzimba.

Unezinhlobo eziningi kangaka zokuvivinya umzimba okumelwe ukhethe kuzo, imfihlo yempumelelo isekukhetheni uhlobo olulodwa, noma inhlanganisela yazo, lezo oyozijabulela. Lokhu kuyokusiza ukuba unamathele ezinhlosweni zakho, njengoba ukuhlola kubonisa ukuthi amaphesenti asukela ema-60 kuya ema-70 abantu abadala abaqala ukuvivinya umzimba ayayeka esikhathini esingangenyanga noma ngaphezulu. Khumbula, ukukwenza njalo, hhayi izinga lokuzivivinya okunendaba. Ngokuhlanganyela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zokuzivivinya ngezikhathi ezihlukahlukene, uyonikeza futhi umzimba wakho ukwakheka okuhle, ube umqemane ngendlela elinganayo.

Okokuqala, uhlobo lokuzivivinya olukhethayo kumelwe futhi lulawulwe iminyaka yakho yokukhula kanye nesimo sakho esivamile esingokwempilo. Yebo, labo abanezinkinga zempilo kumelwe bathintane nodokotela wabo ngaphambi kokuqalisa isimiso sokuvivinya umzimba. Kunoma yikuphi, qala kancane kancane, futhi ukwandise njengoba wenza intuthuko. Funda ngezinhlobo zokuzivivinya ozikhethayo—kunezincwadi eziningi nezeluleko ezimaqondana nalendaba—futhi uyojabula futhi uzuze emizamweni yakho.

[Ibhokisi ekhasini 12]

Izindleko Zokubhema

◻ Ugwayi ubangela ukugula nokufa okwengeziwe phakathi kwabantu abadala kunanoma yini enye into ewushevu endaweni esizungezile.

◻ Ukuphila okulahlekayo emhlabeni wonke manje kufinyelela izigidi eziyi-2,5 ngonyaka, cishe amaphesenti ayi-5 akho konke ukufa.

◻ Izindleko ezingokwempilo kuhlanganise nokulahlekelwa okungokomnotho [eUnited States] kusukela emaRandini ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-99 kuya emaRandini ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-247, noma kusukela ku-R3,25 kuya ku-R8,20 ngephakethe ngalinye. Lezingqikithi azizihlanganisi izindleko zogwayi ngokwawo—ezilinganiselwa emaRandini ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-78 ngonyaka.

◻ Abantu ababhemayo abangabhemi njalo cishe mhlawumbe basengozini yokubulawa umdlavuza wamaphaphu izikhathi eziphindwe kathathu kunokuba bekungase kube njalo uma bebengabhemi.

◻ Ukubhema komama kulimaza amakhono angokomzimba nangokwengqondo abantwana babo, futhi emazweni amaningi abantwana abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezinhlanu basengozini yokubhema ngalendlela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela