Iyini Impilo?
INGABE egempela umuntu unempilo enhle ngoba nje akazizwa egula? Nokho, uye wezwa kaningi kangakanani ngabantu abebebonakala beyimiqemane yaegempela kodwa bafa ngokushesha ngenxa yembangela engalindelekile? Imibiko ibonisa ukuthi cishe ingxenye eyodwa kwezinhlanu yalabo ababulawa yisifo senhliziyo unyaka ngamunye ayizange ibonise ngisho nakancane nje ukuthi kwakukhona okwakungalungile ngayo. Ngokusobala, ukuzizwa kahle noma uwumqemane akusona isiqinisekiso sokuthi umuntu unempilo enhle.
Ngokwesibonelo, cabangela umdlali webhola lomnqakiswano wasekolishi oneminyaka engama-22 ubudala. Ngazo zonke izindinganiso ezivamile, wayengacatshangelwa njengomuntu onempilo ebunsizweni bakhe. Kodwa ngobunye ubusuku wafa—ngokuzumayo. Ukuhlola kwembula ukuthi imbangela yokufa kwakuwukweqisa ezidakamizweni. Nakuba ukubukeka kwakhe ngokomzimba kwakuseqopheiweni eliphezulu, ingabe wayephila ukuphila okunempilo? Lutho neze.
Khona-ke eqinisweni, impilo ingaphezu nje kokuba ongaguli. Yebo, ufuzo nendawo ezungezile kufeza izindima zakho, kodwa ngaphansi kwezimo ezivamile, mhlawumbe indlela yethu yokuphila iwukuphela kwesici esibaluleke kakhulu esilawula impilo yethu. Lokho esikudlayo nesikuphuzayo, indlela esikhuthele ngayo, ubungako bokuphumula esikutholayo, indlela esisabela ngayo ekucindezelekeni, kanye neminye imikhuba eminingi yomuntu siqu kuyokwenezela empilweni yethu noma kuyilimaze. Ngakho, ngezinga elikhulu, impilo yethu iyilokho esiyenza ibe yikho. Isimiso seBhayibheli esithi, “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna,” sisebenza ngokufanayo nje nasempilweni yethu engokomzimba.—Galathiya 6:7.
Impilo Nendlela Yokuphila
Ngokwesibonelo, kwaziwa kahle ukuthi ezinkampanini eziningi ezinkulu zaseJapane, abaqashwa banezinqubo zokuzivivinya okunzima usuku ngalunye. Umphumela? “Kukhona inqwaba ephawulekayo yobufakazi obungokwezibalo obunezela isisindo embonweni wokuthi izisebenzi zaseJapane zingezinempilo ukwedlula zonke ezinye emhlabeni,” kusho umagazini wezindaba hisiaweek. Ngakolunye uhlangothi, umbiko uveza ukuthi eJapane “umdlavuza uyimbangela cishe yokufa koyedwa kwabane; isifo senhliziyo nezifo zokuthwebuleka komzimba ngasinye oyedwa kwabahlanu, nesifo semigudu yomoya oyedwa kwabayishumi nambili. Owesilisa oyedwa kubo bonke abangama-52 uyazibulala (kwabesifazane, ozibulalayo uyedwa kwabangama-70).”
Ingabe lamazwi abonakala engavumelani noma ngisho ephikisana? Akunjalo ngempela, lapho sihlola amaqiniso. Njengoba inabantu abadala abangamaphesenti angama-40 abaphafuza imicu kagwayi eyizigidi eziyizinkulungwane ezingama-300 ngonyaka, iJapane ingeyesibili emhlabeni wonke (ilandela iGrisi) ekusebenziseni ugwayi umuntu ngamunye. Ngaphezu kwalokho, unyaka ngamunye amadoda aseJapane aphuza izigidi eziyizinkulungwane eziyi-8 zamabhodlela kabhiya namalitha ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,5 otshwala obenziwe ngerayisi baseJapane. Lokhu kuyefana nokuphuza cishe ingxenye yelitha yotshwala obushisayo komuntu ngamunye isonto ngalinye. Ngempela bekungamangalisa uma imikhuba enjalo elimazayo ibingazange ibe nomphumela ophawulekayo empilweni yabantu.
Nakuba kungase kuphikiswe ngokuthi abantu baseJapane baphila isikhathi eside kakhulu kunabanye abantu nangokuthi amazinga abo okusebenzisa ugwayi nophuzo oludakayo aphansi kunawabanye, ukuqhathanisa okunjalo akunangqondo ekugcineni. Isimo esingokoqobo siwukuthi abantu bafa ngaphambi kwesikhathi futhi ngokungadingekile. Bangase babonakale benempilo engcono kunabanye, kodwa ingabe banempilo ngempela?
Khona-ke, ngokusobala impilo yethu ibonisa ingqikithi yendlela yethu yokuphila nemikhuba yethu yansuku zonke. Impilo enhle ihilela indleia elinganiselwe yokuphila ephumela enhlalakahleni yethu engokomzimba, engokwengqondo, engokomzwelo, nengokwenhlalo, esenza sikwazi ukubhekana nesimo sethu esisizungezile futhi sithoie injabulo nokwaneliseka okukhulu emisebenzini yethu yansuku zonke. Yini esingayenza ukuze sirinyelele lokho?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ufuzo esizungezile kufezaizindima zakho, kodwa mhlawumbe indlela yethu yokuphila iwukuphela kwesici esibaluleke kakhulu esilawula impilo yethu
[Isithombe ekhasini 5]
Ukubonakala kokuba nempilo enhle kungase kukhohlise