Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 11/8 kk. 12-13
  • Kuyophela Nini Konke Lokhu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuyophela Nini Konke Lokhu?
  • I-Phaphama!—1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindinganiso Ezintsha Kwezemidlalo
  • Izidakamizwa Nobudlova—Ingabe Kuyoke Kuphele?
  • Ubudlova Kwezemdlalo—Kungani Banda?
    I-Phaphama!—1989
  • Yini Eyenzekayo Kwezemidlalo?
    I-Phaphama!—1989
  • Umdlala Kanobhutshuzwayo WeNdebe Yomhlaba—Umdlalo Noma Impi?
    I-Phaphama!—1991
  • Izikhathi Zethu Ezinzima—Kungani Zinobudlova Obungaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 11/8 kk. 12-13

Kuyophela Nini Konke Lokhu?

UKUHILELEKA emsebenzini oqabula umzimba kuyajabulisa futhi kuyimpilo. Kodwa ngeshwa, ukuba abadlali noma ngisho ukuba yizibukeli nje kuphela emdlalweni ngokuvamile kusho ukungena shí ezweni elinobudlova ngokweqile, futhi ezikhathini eziningi eligcwele izidakamizwa.

Imidlalo yosuku lwanamuhla iwukubonakaliswa nje okukodwa kwalelozwe elinobudlova. Sikhuluma ngezigameko zaseBelgium ngo-1985 ezabangela ukufa kwabantu abangama-39 ezinkundleni zomdlalo kanobhutshuzwayo, isazi sefilosofi uEmanuele Severino sathi: “Ngokuvamile kuyavunywa ukuthi izenzakalo ezinjengaleso saseBrussels ziyenzeka ngenxa yokuntuleka okukhulayo kokukholelwa kwabantu ezindinganisweni ezithile eziyisisekelo zomphakathi wethu.” Khona-ke wenezela: “Ubudlova besikhathi sethu abuveli ngenxa yokuswelakala kwezindinganiso kodwa ngenxa yokuba khona kwezindinganiso ezintsha.”

Izindinganiso Ezintsha Kwezemidlalo

Ziyini lezindinganiso ezintsha ezaphawulwa nguProfesa Severino? Enye yazo iwukuzazisa kwabadlali okwenza ompetha babe amaqhawe “angonkulunkulu.”

Khona-ke kukhona ubuzwe nezindaba ezihilelekile ezingokombangazwe eziwumphumela. Umagazini iEspresso uyaphawula: “Umdlalo uye waba imbangela eyinhloko yokuthuthukiswa kwezenhlalo. Lapho isizwe siphumelela kaningi, kuyilapho sicatshangelwa kakhulu.”

Imali futhi ingenye indinganiso entsha eye yaba ingxenye yezemidlalo. Izinzuzo ezinkulu ezingokomnotho—amalungelo okuvezwa kuthelevishini, ukwaziwa, ukubutha izimali nokuzisakaza kwabaphumelele, nokuxhaswa—kuqinisekisa “umncintiswano engenazindinganiso,” ngisho naphakathi kwabadlali ngokwabo. Owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo wathi ibhola likanobhutshuzwayo “alisewona umdlalo. Limane nje liyibhizinisi.”

Isimiso esibusayo esokunqoba kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, futhi ngokwezindinganiso ezintsha zanamuhla, lokhu kusho yonke into—kusukela ebudloveni kokubili enkundleni yomdlalo nasezindaweni zamaqembu abalandeli kuye ebudloveni obubangelwa abalandeli ngaphambi nangemva komdlalo, kusukela ekusetshenzisweni kwezidakamizwa ezingekho emthethweni nemiphumela yazo ebulalayo kuya ebulwaneni nasesimweni sokuntula izimiso. Umoya womdlalo, obizwa ngokuthi umdlalo wobungane, ubonakala sewaba yinto yesikhathi esidlule. Ingabe uyoke ubuye? Uma sahlulela ngalokho osekishiwo, abantu bathemba kanjalo, kodwa amaqiniso awanikezi sikhuthazo.

Izidakamizwa Nobudlova—Ingabe Kuyoke Kuphele?

Njengoba uProfesa Severino evuma, ubudlova emidlalweni buyisici esisodwa nje kuphela sobudlova obuvame kakhulu obuhlupha umphakathi wanamuhla. Iyini imbangela yobudlova obuningi kangaka? Isiprofetho seBhayibheli siyasisiza ukuba siqonde lenkinga. Ekhuluma ngezinsuku zokugcina zalesimiso sezinto esibi, umphostoli uPawulu wabhala uhlu lwezici ezilandelayo: “Abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabahlazisayo, nabangazithibi, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo.” Futhi wenezela: “Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini.”—2 Thimothewu 3:1-5, 13.

IBhayibheli lichaza ukuthi lelizwe lanamuhla, ‘limi emandleni omubi.’ (Johane 5:19, NW) USathane uDeveli ‘ungomubi’ owonakalisa izinto ezinhle, njengemidlalo enempilo. Uyena oyimbangela yomoya wobudlova. Futhi uphehla ubuzwe, ubugovu, nokuhaha okuye konakalisa umphakathi nemidlalo.

Kodwa njengabantu ngabanye, akumelwe sivumele lowomoya wobudemoni. Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, ‘singakhumula’ ubuntu bethu obudala nemikhuba yabo engalungile, kuhlanganise nemikhuba yobudlova, futhi sembathe ‘umuntu omusha,’ oveza isithelo sokuthula.—Kolose 3:9, 10; Galathiya 5:22, 23.

Nokho, ingabe buyoke buphele ubudlova nokusetshenziswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni emidlalweni? Ngokuqiniseke kakhulu! Nini? Lapho ubudlova nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa emphakathini kufika esiphelweni. Ukwanda kwanamuhla kobubi kubonisa ukuthi isikhathi sesifikile!—IHubo 92:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela