Waqiniswa Ithemba LoMbuso
NGOAPRIL ka-1987, uLila, owesifazane omaphakathi neminyaka yama-80 ubudala, wabukela indoda yakhe ifa esibhedlela esiseduze nePortland, eOregon. Amehlo abahlengikazi abanozwela ayemgqolozele. Wasibuka isidumbu wayesesukuma futhi esibhambatha.
Wathi: “Ubuyindoda enhle. Ngiyokubona ovukweni! Khona-ke waphenduka futhi wathi: “Lokho ngikusho ngenxa yokuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Ake ngichaze.” Waqhubeka ebatshela ngovuko nangezwe elisha likaNkulunkulu.
Kamuva. njengoba ayehamba esibhedlela, udokotela wenhliziyo owayelaphe indoda yakhe weza kuye ephaseji. Wathula okwesikhashana futhi wabe esezwakalisa ukudabuka kwakhe. Ngokushesha waqala ukuchaza ukuthi wayezoyibona ngokushesha indoda yakhe ezweni elisha ngovuko. ULila wamnikeza ubufakazi obuningi ngaphambi kokuba ahambe ngokudabuka, futhi wathi: “Lila. ngiyethemba ukuthi kuzokwenzeka ngaleyondlela kuwe.” Njengoba ayephenduka ehamba, uLila wathi: “Kuzokwenzeka, futhi nawe ngifuna ukukubona ulapho!”
ULila engazi, udokotela wayevakashelwe oFakazi BakaJehova. Manje, ebona indlela ukholo lukaLila olwalumqinise ngayo phakathi nokucindezeleka ngenxa yokufa komyeni wakhe futhi ezwa ngethemba lakhe eliqinile ngekusasa, udokotela wakhuthazeka. Yena nomkakhe baqhubeka beba nezingxoxo noFakazi BakaJehova.
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngoJanuary 1988, uLila waqala ukugula futhi wagcina esesesibhedlela. Wayengalapheki ngemithi futhi wabonakala ewohloka. Udokotela wenhliziyo wakuzwa lokho futhi ngokushesha waya wayombona egumbini labembulwa bembeswa. Wambuza: “Kunjani kodwa Lila?”
“Ngicabanga ukuthi akukuhle kangako.”
“Ukhumbula uErick, akunjalo?”
“Yebo, ngicabanga ukuthi ngiyamkhumbula, kakhulu kunangaphambili.”
Khona-ke udokotela waxoxa naye ngesithembiso seBhayibheli sokuphinda ambone uErick ovukweni, kanye nangethemba lokuphila phakade ephelele emhlabeni omusha. Empeleni, lezi yizo kanye izinto uLila ayemtshele zona ngaphambili lapho umyeni wakhe efile! Kwakuwumuthi ongcono kakhulu ayengamnikeza wona. Walulama ngaso lesosikhathi, waphuma esibhedlela lingakapheli nesonto, futhi waqalisa kabusha inkonzo yakhe yobuKristu enomfutho ovuselelwe.
Futhi kuthiwani ngodokotela wenhliziyo? Yena nomkakhe banikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu futhi babhapathizwa emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova owawuseCorvallis, eOregon, ngoJune 1988.—Inikelwe.