Intsha Iyabuza . . .
Yini Engalungile Ngokusho Inhlamba Ngezinye Izikhathi?
“Ukusebenzisa inhlamba. Wonke umuntu uyakwenza. . . . Kungase kuqale kancane, kancane ngamazwi ambalwa nje athathwe kubantwana abeyisayo esikoleni, kodwa ngokushesha kukhule kube ulimi oluvamile, kube nzima ngokwengeziwe ukukulawula.”—ULaura, oneminyaka eyi-14.
UKUTHUKA. Ukuqalekisa. Inhlamba. Intsha ichayeke cishe kulo lonke uhlobo lwenhlamba. IU.S.News & World Report yaphawula: “Iso nendlebe kuyahlaselwa ngenhlamba ebhalwe ekwazisweni okunanyatheliswe kubumper, ezinkinobheni, nasezikipheni.” Amazwi ayichilo siwezwa futhi eshiwo kithi ngamandla emsakazweni futhi afakwa njengokuyinqubo ezihlokweni zomagazini, emibukisweni yeTV, nakumabhayisikobho. Inhlamba kunqakiswana ngayo ngokungenamahloni abezombangazwe nawosaziwayo—ngisho nangabazali nontanga abathile.
Umlobi Alfred Lubrano uthi: “Amazwi enhlamba aye aba ulimi olwamukelekayo kubantu abaningi emahhovisi, ezindaweni zokudlela, emdlalweni webhola.” Eqinisweni, inhlamba iye yaba ngevame kangangokuba abanye banomuzwa wokuthi ayisethusi. Ngakho ungase uzibuze ukuthi ikhona yini ingozi yokusho amazwi ‘enhlamba’ ngezinye izikhathi, ikakhulukazi lapho umuntu ebhekene nesimo esikhungathekisayo.
Isizathu Sokuba Intsha Ithukane
Isazi sokusebenza kwengqondo uChaytor Mason uthi: “Inhlamba iyimfanelo yemvelo yomuntu. Njengokuzinwaya, idambisa ukukhathazeka.” Futhi ngokuthakazelisayo, lapho izintatheli zikamagazini iChildren’s Express zibuza intsha eningi lombuzo, “Kungani izingane zithukana?” zathola izimpendulo ezinjengokuthi: “Ngiyathuka ngoba ngithukuthele ngigane unwabu.” “Ngikwenza kuphela uma ngithukuthele.” “Kungenza ngizizwe kangcono, kuyisidambisi.”
Ngenxa yokuthi siphila ezikhathini ezicindezela ngokungajwayelekile, lesosifiso sokudambisa ukukhathazeka singase sifike njalo. Ngempela, uthisha wezifo zengqondo waseHarvard uThomas Cottle ubona “ukuvama” okusematheni kwenhlamba njengobufakazi ‘boshintsho olukhulu kakhulu empucukweni yaseMelika.’ UCottle uthi: “Abantu bathola ukuphila kwabo kungabazisa, kungenelisi, futhi bathukuthele. Sethuswa izinto ezingokoqobo futhi sithukutheliswa izinto ezingokoqobo ngempela. Okuzithukuse kulokuthukuthela ukulwa.”
Nokho, ngempela izinguquko uMnu. Cottle abhekisela kuzo ziye zenzeka emhlabeni wonke. Umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi abantu osukwini lwethu bayoba ‘abangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle.’ (2 Thimothewu 3:1, 3) Khona-ke, akumangalisi ukuthi ngenxa yokucindezela okukhulayo, intsha eningi ilwa ngamazwi. Iye ‘yalola ulimi lwayo njengenkemba’ futhi ‘yakhomba imicibisholo yayo engamazwi ababayo.’—IHubo 64:3.
Ingabe Iyisidambisi Esiphumelelayo?
Nokho, ukusho inhlamba kukudambisa ngokuphumelela kangakanani ngempela ukukhathazeka? Isazi solimi uReinhold Ahman uthi ukusetshenziswa kwamazwi enhlamba kusiza “ukwehlisa intukuthelo.” Uze ngisho athi ngaphandle kwesidambisi esingokomzwelo sokusebenzisa inhlamba, abantu baphathwa “izilonda zasesiswini, ikhanda, amathumbu ophayo.” Uphetha ngokuthini? “Inhlamba ngosuku ikugcina ukude nodokotela.”
Kuyavunywa, ngezikhathi zokucindezeleka okukhulu, ukusho izwi lenhlamba kungase kubonakale kukusiza ukuba ‘wehlise igwebu lentukuthelo.’ Nokho, iBhayibheli likulahla ngokucacile ukwenza kanjalo. Abase-Efesu 4:29 bathi: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo.” INew English Bible lelivesi ilihumusha ngalendlela: “Makungaphumi ulimi olubi ezindebeni zakho, kepha kube okuhle nokuwusizo kuphela ngaso sonke isikhathi.” Kunezizathu ezinengqondo ngaleseluleko.
Phakathi kokunye, ngokuphambene nokuba “okuhle nokuwusizo ngazo zonke izikhathi,” inkulumo yokuthukuthela ngokuvamile imane ikwenze uthukuthele ngokwengeziwe. Futhi kunjengoba isaga sikubeka: “Isififane siyenza ubuwula.” (IzAga 14:17; 15:18) Lokhu kwenza isimo esibi sibe sibi kakhulu, njengoba abantu bengavamile ukusabela kahle emazwini okuthukuthela, alimazayo. IzAga 15:1 zithi: “Impendulo ethambile iyabuyisa ukufutheka kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.” Futhi lapho umuntu eye wakwenza umkhuba ukusho amazwi enhlamba ekucasulweni okuncane kakhulu, amazwi amabi athambekele ukuphuma ngesikhathi esingafanele—noma kumuntu ongafanele, njengothisha noma umzali.
Ngakho kunokuba idambise ukukhathazeka ngokuphumelelayo, inhlamba imane yakhe ukukhathazeka kwayo. Kunokuba ixazulule izinkinga zakho, imane ihlehlisele emuva ukubhekana kwakho nazo ngokuqondile.
Iyakhanga Noma Iyalulaza?
Akuyona yonke inhlamba eshiwo ngenxa yokuthukuthela. Incwadi iExploring Language iyachaza: “Ngokuvamile amazwi angcolile asetshenziswa intsha ekuxoxeni ngezindaba eziyihlazo . . . Njengoba imizimba yabo ikhula futhi ishintsha, kokubili abafana namantombazane bayamangala futhi bakhathazeke. Ukuze babalekele ukunqotshwa yilokhu kwesaba, bakwenza kube amahlaya noma izindaba ezingcolile.” Enye intsha ize ibe ngisho nomuzwa wokuthi inhlamba ihlobisa inkulumo yayo noma iyenze ibonakale ikhulile.
Nokho, okubizwa ngokuthi amazwi angcolile, kuthambekele ekuchazeni imisebenzi evamile eyenziwa umzimba kanye nezenzo zobulili ngendlela elulazayo neyehlisayo. Ebhekisela kwamanye amagama avame ukusetshenziswa ukuchaza ukuhlangana ngokobulili, uBarbara Lawrence, uprofesa ophakathi wezindaba zabantu, uthi “ekuqaleni nasekusetshenzisweni kolimi olungokomfanekiso kwawo, lamagama athwele izincazelo zobuhlungu ngokungenakuphikwa, uma kungewona awobudlova obuzwisa ubuhlungu.”
Yeka ukuthi lokhu kuphambene kanjani nendlela ephakeme nehloniphekile iBhayibheli elichaza ngayo izindaba ezingokobulili! (IzAga 5:15-23) Amazwi ayichilo afundisa umbono owonakele nosontekile ngobulili nomshado. Emlonyeni amazwi angcolile ayilokho izincwadi zezithombe ezingcolile eziyikho esweni. Njengezincwadi zezithombe ezingcolile, ukukhuluma ngobulili ngendlela elulazayo kungavusa imicabango engafanelekile enhliziyweni. Uma imbewu yezifiso ezimbi isitshaliwe, okudingekayo nje kuphela ithuba lokukhipha lezozifiso.—Jakobe 1:14, 15.
Ngaphezu kwalokho, ngokuphambene nokuhlobisa inkulumo, inhlamba yenza inkulumo ibe ehlasimulisa umzimba necasulayo. Enye intombazane eneminyaka eyi-13 ubudala eyaxoxisana nabeChildren’s Express yathi: “Ngiye ngakha inzondo ngenhlamba. . . . Kukhona ezinye izinto ongazijwayeli.” Indoda ehlakaniphile uSolomoni. “wafuna ukuthola amazwi enamisayo” ekuvezeni imiqondo yakhe. (UmShumayeli 12:10) Nawe futhi ungadlulisela amaphuzu akho amahle ngokumane usebenzise amazwi akhethwe kahle. Akudingekile ukuba uphendukele emazwini ashaqisayo.
Ekugcineni, amanye amagama ayichilo aze ngisho alethe isihlamba kuNkulunkulu ngokwakhe! Ngempela lokhu kungaletha nje kuphela intukuthelo yakhe. (Eksodusi 20:7) Ngokubhekwa kwakho konke lokhu, iBhayibheli liyeluleka: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele.”—Efesu 5:3, 4.
Ukucindezela Kontanga
Nokho esinye isizathu sokuzitika kwenye intsha olimini olungcolile ukucindezela kontanga. Njengoba omunye umKristu osemusha ekubeka: “Iningi lentsha alifuni ukubhekwa njengelihlukile. Lifuna ukuba phakathi kweningi. Ngakho uma ukusho inhlamba kungenye yezinto okufanele uzenze uyakwenza.”
Ukucindezela kontanga kungase kube namandla ngokukhethekile emisebenzini enjengemidlalo yasesikoleni. Ngezinye izikhathi, lapho inhlamba ithuthukiswa ngokuqondile abaqeqeshi bamaqembu. Ngakho osemusha okuthiwa uKinney uchaza ukuthi inhlamba idlangile endlini yokushintshela ngaphambi komdlalo webhola lomnqakiswano ngoba “ithukuthelisa umuntu, imbangele ukuba avuke indlobane.”
Kodwa yini ngokuvamile eba umphumela uma imizwelo ivuselwa ekuthukutheleni okujulile ngalendlela? Khona-ke umdlalo awusewona umdlalo kodwa ukuziqeqesha ngenzondo nokuqhudelana kobudlwangudlwangu. Ukulwa nokulimala kuvamile. Futhi kuvuma osemusha okuthiwa uTyrone: “Lapho wonke umuntu ethakazeliswe umdlalo futhi othile otholwe enephutha ebheva ngolaka futhi athuke adlala naye welinye iqembu noma unompempe womdlalo, lokho kungakuthonya nawe.”
Nokho, ngokusobala ukusebenzisa inhlamba kuwumkhuba omubi ukuba uwuvumele “ukuthonye.” IBhayibheli lithi: “Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.” (IzAga 29:11) Nokho, ‘ungawugcina kanjani umlomo wakho ngesifonyo’ lapho ungaphansi kokucindezela kokusho inhlamba? (IHubo 39:1) Isihloko sethu esilandelayo sizoxoxa ngalokhu.
[Isithombe ekhasini 23]
Umuntu onomkhuba wokukhuluma izinto eziyichilo angase azithole ezikhuluma obala