Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 9/8 k. 11
  • Ukudlwengula—Wavikelwa Yilokho Akufunda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudlwengula—Wavikelwa Yilokho Akufunda
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indlela Yokuvimbela Ukudlwengulwa
    I-Phaphama!—1993
  • Indlela Yokubhekana Nokudlwengulwa
    I-Phaphama!—1993
  • Amaqiniso Ngokudlwengula
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 9/8 k. 11

Ukudlwengula—Wavikelwa Yilokho Akufunda

YINI okumelwe uyenze uma ubhekene nomdlwenguli? Kunezeluleko ezishayisanayo. Abanye bathi ukwenqaba kumane kuqhubezele umdlwenguli, nokho iBhayibheli libonisa ukuthi owesifazane kumelwe enqabe. (Duteronomi 22:23-27) Yisiphi iseluleko esingcono kakhulu?

Ukuhlola okusha kwakhishwa kumagazini kaJanuary iAmerican Journal of Public Health kusikisela ukwenqaba. Isihloko sithi: “Ukuhlola kokuhlangenwe nakho kungokoqobo kuyahlangana kusekele isiphetho esisodwa esibalulekile: ukwenqaba kunciphisa amathuba anokwenzeka okudlwengulwa ngokuphelele.” Lokho kwenzeka ngoSeptember odlule kowesifazane eJapane kuyakubonisa lokhu. Wayesanda kufika nje ekhaya lakhe ebusuku kakhulu, lapho ehlala khona yedwa. Uyachaza:

“Umdlwenguli wangena endlini yami futhi wahluthulela umnyango. Ngenxa yokumangala nokwethuka kakhulu, kwavele kwabanda emathunjini. Lendoda yazama ukungidonsela ekamelweni lokulala, kodwa ngabamba insika futhi ngenqaba.

“Kwakungalesosikhathi lapho ngakhumbula khona umbhalo kuDuteronomi isahluko 22. Uthi uma owesifazane engakhali lapho ehlaselwa, kubonisa ukuthi uyayivumela indoda futhi wenza isono kuJehova. Futhi, ngakhumbula lokho engakufunda esihlokweni iPhaphama! Esithi ‘Ukudlwengula—Ungazivikela Kanjani?’—October 8, 1980, kweyaseJapane; January 8, 1981 kweyesiZulu.

“Khona-ke, ngacabanga: ‘Kumelwe ngimemeze futhi ngenqabe ngawo wonke amandla ami.’ Ngakho ngamemeza kakhulu: ‘Jehova ngisize!’ ngokuphindaphindiwe futhi ngangilokhu ngiphikelela. Lapho umdlwenguli edonsela izandla zami ngakwesokudla, ngadonsela ngakwesobunxele. Lapho engidonsela phambili, ngadonsela emuva, futhi lapho evala umlomo wami ukuze azame ukungiyekisa ukumemeza, ngamshaya. Ngawo wonke amandla, ngaqhubeka nokwenqaba.

“Kancane kancane, ngakhathaia. Kwakuya kuba nzima ngami ukuba ngiphefumule, futhi ngacabanga ukuthi inhliziyo yami yayizoma, kodwa ngaqhubeka nokwenza konke engangingakwenza ukuze ngenqabe futhi ngaqhubeka nokucela uJehova ukuba angisize. Ngenxa yalokho, umdlwenguli wayeka, wahamba ngokushesha ebheke emnyango futhi waphuma.

“Ngikholelwa ukuthi ngakwazi ukugwema ukudlwengulwa ngenxa yosizo lukaJehova nangenxa yokusebenzisa engangikufunde kuPhaphama! Ukuba ngangingasifundanga lesihloko sePhaphama!, ngicabanga ukuthi ngenxa yokwesaba ngangiyothula futhi cishe ngangiyokwenza njengoba isigebengu sasisho. Nginibonga kakhulu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela