Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 3/8 k. 32
  • Isehlakalo Esibaluleke Kakhulu Emlandweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isehlakalo Esibaluleke Kakhulu Emlandweni
  • I-Phaphama!—1989
I-Phaphama!—1989
g89 3/8 k. 32

Isehlakalo Esibaluleke Kakhulu Emlandweni

Lesehlakalo sasiwukufa kukaJesu Kristu. Kungani kunjalo?

Salwela ukulunga kukaNkulunkulu, siqinisekisa ukuthi umuntu angagcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu.

Savulela isintu ithemba lokuthola ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.

UJesu ngokwakhe waqalisa isikhumbuzo sokufa kwakhe ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. Kwakuwumkhosi ongenamicikilisho. Phakathi nawo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”—Luka 22:19, 20.

Ingabe uzokukhumbula?

OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uhlanganyele nabo ekugcineni lesehlakalo esibaluleke kakhulu emlandweni. Kulonyaka usuku lungoLwesithathu, March 22, ngemva kokushona kwelanga. Siza uthintane nabaseHholo LoMbuso endaweni yakini ukuze uthole isikhathi esiqondile nendawo. Azikho izinkongozelo ezizothathwa, nezivakashi zamukelekile ukuba zizolalela inkulumo efundisayo futhi ziphawule izinqubo ezingenamicikilisho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela