Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 3/8 kk. 30-31
  • “Omunye Wemisebenzi Yobungcweti Yendalo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Omunye Wemisebenzi Yobungcweti Yendalo”
  • I-Phaphama!—1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umboko Wendlovu
    I-Phaphama!—2012
  • Okudingekayo Ukuze Ube Umnakekeli Wezindlovu
    I-Phaphama!—2009
  • Ihlakaniphe Kangakanani Indlovu?
    I-Phaphama!—1988
  • Ukulondoloza IPachyderm Enokuthula
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 3/8 kk. 30-31

“Omunye Wemisebenzi Yobungcweti Yendalo”

ILEYONDLELA isazi sesayensi saseNingizimu Afrika esichaza ngayo umboko wendlovu. Lombhobho ongenamathambo, wezikhwepha wenza indlovu ukuba ikwazi ukumunca amalitha angu-4 amanzi bese iwathela emlonyeni wayo. Ngaphandle kwalomboko, lesilwane esikhulukazi sasiyoba nomsebenzi omkhulu wokuguqa phansi njalo uma sifuna ukuphuza amanzi. Umboko futhi usenza sikwazi ukudla uhlaza olungamakhilogremu angama-230 noma ngaphezulu ngosuku. Ngaleyondlela, izindlovu zisengozini yokuba zilambe uma lesisitho esibalulekile silinyazwa kabi.

Umboko usetshenziswa ngezinye izindlela eziningi, njengokumemezela isixwayiso, ukupotoza izinyane, noma ukulibhibiza lapho liganga. Ngokuvamile usetshenziselwa ukufafaza umniniwo ngamanzi noma udaka. Kungani izifafaza ngodaka? Ngokunokwenzeka ukuze ivikele isikhumba sayo elangeni nasezinambuzaneni. Kungani ngezinye izikhathi indlovu iphakamisela lomboko wayo emoyeni ume uqonde? Ukuze izwe lapho umoya uya ngakhona futhi ibambe iphunga lesigebengu? Yebo, ngaphezu kokuba isitho esizwela kalula sokuthinta, lesisitho esenza imisebenzi eminingi sixhunywe futhi ekhaleni. UJim Williams ongasekho, encwadini yakhe iElephant Bill, ulandisa ngezindlela ezithakazelisayo izindlovu ezisebenzisa ngayo imiboko yazo:

“Uma umboko wayo ungakwazi ukufinyelela ingxenye ethile yomzimba wayo olumayo, akuvamile ukuba izihlikihle emthini; kunalokho ingase ithathe ugodo olude bese izenwaya kamnandi ngalo. Uma ugodo eluthathile lungelude ngokwanele, ifuna olunye olude.

“Uma idonsa utshani, bese kuthi ezimpandeni zabo kube khona amagabade, ibushaya onyaweni lwayo kuze kube yilapho amagabade esethintithekile, noma, uma kunamanzi eduze, iyabugeza buhlanzeke, ngaphambi kokuba ibufake emlonyeni.”

Eminyakeni engaphezu kwengama-20, uWilliams wayelapha izindlovu ezaziqeqeshelwe ukuthutha izingodo emahlathini aseBurma anemithi ephuzi. Kodwa ngezinye izikhathi wayehluleka ukufihla umuthi ekudleni kwendlovu egulayo. Ngomboko wayo, kuchaza uWilliams, “yayikhipha iphilisi (elingangephilisi leaspirin) esithelweni setamarind esingangebhola lekhilikithi lapho engangilifihla khona, ilikhipha sengathi ithi: ‘Ngeke ungikhohlise.’”

Uyaqhubeka, “izindlovu futhi zingaxebula izitshalo ezinabayo njengeivy esihlahleni ngobunyoninco obukhulu obudlula umuntu osebenzisa izandla ezimbili. Lokhu kungenxa yesimo sazo sokuthinta ngokucophelela okukhulu.”

Ngakho esikhathini esizayo uma ubona indlovu esiqiwini noma epaki, kungani ungenzi njengoba kwasikisela uDkt. Gerrie de Graaff kumagazini wezilwane zasendle zaseAfrika iCustos: “Ubheke lesilwane ngokusesaba nangokusihlonipha futhi uzinikeze isikhashana sokucabanga nesokubona omunye wemisebenzi yobungcweti yendalo ushukuma—umboko wendlovu.” Khona ke zibuze, ‘Ubani okumelwe atuswe ngesitho esinjalo esiphawulekayo esenza imisebenzi eminingi?’ Impendulo yeBhayibheli kulowombuzo ingukuthi uJehova uNkulunkulu “wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo” nokuthi “wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:25, 31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela