Omusha Waduduzeka
Ngasekupheleni kwelinye ihlobo, uDenise waba umngane wenye inhlambi kanye naye. Lapho lomngane esemncane washonelwa unina. Futhi wayesanda kushonelwa uyise. UDenise uyachaza: “Ngamthumelela isipho sesikhokhelo sezinyanga eziyisithupha sePhaphama! Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, uDenise wathola incwadi elandelayo ivela kumngane wakhe:
“Ngafunda omagazini ababili bokuqala bePhaphama! futhi izihloko ezimbili ezangisiza ngempela. Esinye sasikhuluma ngokuthola induduzo ngemva kokulahlekelwa othile osondelene naye futhi esinye sasikhuluma ngezindlela zokunqoba ukucindezeleka. Angikwazi ukuyichaza indlela eziye zangisiza ngayo. Lesi sesibili sacaphuna eyabaseFiliphu 4:7, ‘Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.’ Ukufunda lokho ngokushesha kwanginikeza ithemba elisha. Ngikubonga kakhulu ngokungenzela isikhokhelo sePhaphama!”
Ingabe ukhona othile omaziyo ongazuza kumagazini wePhaphama!? Kungani ungabathumeleli isipho sesikhokhelo? Ungakwenza lokhu ngokumane ugcwalise futhi usithumelele isigqebhezana, ufake u-R4.50.
Sizani nithumele isipho sesikhokhelo sonyaka se-Phaphama’. kulomuntu olandelayo, kanye nencwadi echazayo ukuthi siyisipho esivela ku-‐‐‐‐‐‐‐‐(igama lakho). Ngifaka U-R4.50.