Ithemba Ngabafileyo, Induduzo Ngabakhalayo
UJESS Romero okukhulunywe ngaye esihlokweni sethu sokuqala, wagcina ephinde washada. NgoAgustin noValentina Caraballoso, ukufa kukaJonathan kusabaphazamisa, kodwa sebengcono. URamon noMaria Serrano baseSpain basakhala izinyembezi eminyakeni engama-24 ngemva kokufa kukaPaquito. Kodwa kuzo zonke lezimo, yini eye yabagcina besesimweni esihle? Bayaphendula: “Yithemba lovuko!”
Kodwa sisho ukuthini ngempela ngokuthi “uvuko”? Obani abayovuswa? Nini? Futhi singaqiniseka kanjani?
Ithemba Ngabafileyo—Njengoba UJesu Afundisa
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wavusa abantu abaningi. (Marku 5:35-42) Lokhu kwasebenza njengomfuziselo wovuko olukhulu oluyokwenzeka lapho umhlaba usuphinde waba ngaphansi kokubusa okuphelele kukaNkulunkulu, njengoba nje izigidi zicela lapho zithandaza: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Isibonelo samandla kaNkulunkulu kulokhu silapho uJesu evusa umngane wakhe uLazaru. Ngesikhathi esifanayo, lendaba ikhanyisa isimo sabafileyo. UJesu wathi kubafundi bakhe: “uLazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Bengatholi ukuthi usho ukuthini, abafundi bathi: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” Bacabanga ukuthi wayesho
ukuthi uLazaru wayemane elele, kanti eqinisweni wayefile. Ngakho, uJesu washiya kungenakungabaza: “ULazaru ufile.”
Siza uphawule ukuthi uJesu akazange abhekisele kunoma yimuphi umphefumulo ongafi odlulela kwesinye isimo noma indawo. Wayengathonyiwe ifilosofi yamaGreki kodwa yimfundiso ecacile yeBhayibheli emiBhalweni yesiHeberu. uLazaru wayelele ekufeni futhi lapho uJesu efika kakade wayesenezinsuku ezine esethuneni lokukhunjulwa. Ngakho, yiliphi ithemba elalikhona ngaye?
Lapho uJesu ekhuluma nodadewabo kaLazaru uMartha, wamtshela: “Umnewenu uzakuvuka.” Waphendula kanjani? Ingabe washo ukuthi umphefumulo wakhe kakade wawususezulwini noma kwenye indawo? Nansi impendulo yakhe: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” Naye wayekholelwa emfundisweni engokweBhayibheli yokuvukela ekuphileni emhlabeni. UJesu wamnikeza isizathu esikhulu ngisho nangokwengeziwe sokholo ngokuthi: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.” Khona-ke, ukuze afakazele iphuzu lakhe, waya ethuneni likaLazaru futhi wakhamuluka: “Lazaru, phuma.” Kwenzekani?
Indaba engokomlando ithi: “Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, nimyeke ahambe.”—Johane 11:1-44.
Lilaphoke ithemba eliye lasiza abantu abaningi abashonelwe abaxoxa nePhaphama! Lelothemba elifanayo libaqinisa ukuba balangazelele ikusasa eliseduze lapho umhlaba uyoba yipharadesi elenziwe busha futhi amazwi kaJesu aletha ithemba eliyogcwaliseka: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.”—Johane 5:28, 29.
“Nanku Umbhalo Wami Engiwuthandayo . . . ”
iPhaphama! iye yaxoxa nabazali nezelamani ngokufa komntwana.a Ezikhathini eziningi, lapho bechaza indlela ababhekana ngayo nosizi lwabo, baye bathi: “Ake ngikutshele umbhalo wami engiwuthandayo.” Uma usosizini, mhlawumbe lemibhalo nawe izokusiza.
UYunhee oneminyaka eyishumi nane, waseSeoul, eRepublic of Korea, wabulawa yileukemia ngo-1985. Uyise, uChun Kwangkook, wachazela iPhaphama! indlela aduduza ngayo uYunhee emasontweni akhe okugcina okuphila: “Ngamtshela ngoLazaru, uJesu wathi uLazaru wayelele, futhi njengaye, lapho uJesu ememeza, ‘Yunhee! Vuka!’ naye uyovuka ebuthongweni.”
UJanet Hercock, waseNgilandi, wayeneminyaka eyi-13 lapho ebulawa umdlavuza ngo-1966. Washiya abazali bakhe nabafowabo ababili, uDavid noTimothy., UDavid watshela iPhaphama! ukuthi yimuphi umbhalo owawuwusizo kakhulu kuye: “KwakuyizEnzo 17:31, ezithi: ‘Njengoba [uNkulunkulu] umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga,ngomuntu ammisele. lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.’ Ngesikhathi somngcwabo, isikhulumi . sagcizelela ukuthi; uvuko lukaJesu luyithemba lethu lovuko, lwesikhathi esizayo. Lokho kuye kwaba umthombo wamandla omkhulu kimi.”. NgoDecember 1975 uGeorge osemncane, owayeneminyaka eyi-14 kuphela, wathatha isibhamu sikayise wazidubula. Ubaba kaGeorge, uRussell, wakwamukela kanjani ukulahlekelwa yindodana yakhe ngokuzibulala?b
“Imibhalo ethile yaba yihange kimi. Ngokwesibonelo, amazwi akuzAga 3:5: Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Ngezinga elithile ngangincika kokwami ukuqonda ngokuzama ukuzivumelanisa nalokho okwakwenzekile.”
Umkhaya wakwaMorgan, waseNgilandi, wawuseSweden lapho indodana yawo uDarrall izunywa ukugula. Yahlinzwa ngokuphuthumayo eStockholm. Ekugcineni yabuyiselwa eNgilandi ngendiza, lapho yafa khona ngokushesha ngaphambi kokuba ihlanganise iminyaka engama-24. Unina uNell uthi: “Omunye umbhalo ovelelayo engqondweni yami uMathewu 22:32, lapho uJesu acaphuna khona uNkulunkulu ethi: ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe.’ Khona-ke waqhubeka: ‘Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo,’ Ngiyazi ukuthi lawomazwi asho ukuthi uDarrall ugcinwe enkumbulweni kaNkulunkulu futhi uyobuya ovukweni.”
Ithemba Ngabafileyo—Ngokushesha Lizoba Ngokoqobo
Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi siseduze nesikhathi uNkulunkulu azothatha ngaso isinyathelo sokubuyisela ukuthula nokuphila okuphakade esintwini esilalelayo. uNkulunkulu uyathembisa: “Ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube-ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besabanosizi. Usho kanje uJehova, uthi: Bamba izwi lakho, ungakhali, amehlo akho angabinazinyembezi, ngokuba umsebenzi wakho uyakubanomvuzo, usho uJehova, babuye ezweni lesitha [ukufa].”—Jeremiya 31:13-17.
Ngalesosikhathi uJehova uyobuyisela ngokuqhubekayo ekuphileni ngovuko labo abafa phakathi nomlando womuntu. Ngaphansi kukahulumeni wasezulwini wesimiso esisha sikaNkulunkulu, bayoba nethuba lokukhetha ukuphila okuphakade ngokulalela imiyalo kaNkulunkulu yokuphila ngalesosikhathi. Ngakho, uma siphendukela eBhayibhelini, siyothola ukuthi kunethemba leqiniso ngabafileyo nenduduzo ngabaphilayo.—IzEnzo 24:15; isAmbulo 20:12-14; 21:1-4.
[Umbhalo waphansi]
a Umagazini olandelayo wePhaphama! uzocabangela ukusabela kwezelamani lapho kufa umfowabo noma udadewabo.
b Indaba yokuzibulala nosizi lwabazali iyohlanganiswa kumagazini olandelayo wePhaphama!
[Ibhokisi ekhasini 14]
UDiane Krych, olandisa ngokufa kwendodana yakhe uDavid esihlokweni sethu sesibili, wadlula osizini olukhulu nokungakholelwa. Lokhu kwafakazelwa yizincwadi azibhalela uDavid, futhi wazigcina iminyaka eyi-13. Wayeka ukubhala lapho ebhekana neqiniso lokufa kukayise, ayemnakekele. (iPhaphama! ayikutusi ukubhala izincwadi njengohlobo lokukhululeka. Nokho, sicaphuna incwadi yokuqala ukuze sibonise indlela ithemba lovuko elaliyihange ngayo kuye futhi lamsekela kusukela ngalesosikhathi.)
David Othandekayo,
Usunezinsuku ezingama-46 manje ulele. Kusengathi sekuyiminyaka eminingi ngagcina ukukubona futhi ngakuphatha. Kodwa izinsuku zokulala kwakho zilinganiselwe. Ngifisa sengathi bengisazi isibalo ngoba bengizosusa usuku olulodwa usuku ngalunye. Kithina, kuwukulinda okude, okunzima, okunesizungu, kodwa kuwe kuyobonakala kunjengemizuzu embalwa. Ngiyabonga ngalokho. Sibheke phambili osukwini uJehova ayokuvusa ngalo ebuthongweni bakho ohlelweni olusha. Siyoba nedili elikhulu kakhulu ongakaze ulibone. Okungenani liyothatha izinsuku ezintathu. Wonke umuntu esimaziyo uyomenywa. Kuyoba yidili iakho, Ngimane ngifisa ukuba singalindi isikhathi eside kakhulu. Ngilangazelela kakhulu ukukuphatha ngezandla zami, David. Sonke sikukhumbula kabi. indlu ayinalutho ngaphandle kwakho. Akukho lutho oluyobuyela esimweni salo uze ube nathi futhi ekhaya.
Ngakho, ndodana yami eyigugu, sizozama ukubekezela futhi silindele uJehova uze ubuye, futhi okwamanje, sizokubhalela izincwadi ezincane ukuze sikufake kulokho okwenzekayo njengoba ulele.
Yamukela lonke uthando lwami,
UMama
[Isithombe ekhasini 15]
lBhayibheli lithembisa ukuthi abafileyo, njengoMaria noDavid,bayovuswa