Imithandazo Yokucela Ukuthula—Ubani Oyilalelayo?
UMNDIYA waseMelika ovunule ngesiluba esiphelele wayenzani epulatifomu nomfundisi wesonto lamaGreki lobuOrthodox? Kungani umfundisi wenkolo yamaLama yobuBuddah ayehlezi eduze koMbhishobhi oMkhulu wasecanterbury? Yini urabbi wamaJuda angase afane ngayo nomholi weSonto lamaRussia lobuOrthodox? Futhi kungani uPapa John Paul II weSonto lamaKatolika ayengamele umhlangano onjalo?
Esikhathini esingeside esidlule kwakungaba okungenakwenzeka ukuba uPapa ahlanganyele ekuthandazeni nabaholi bezinye izinkolo ezinkulu. Kodwa, ngasekupheleni kuka-1986, edolobheni laseAssisi eltaly, wahlanganyela nazo zonke lezi ezinye izinkolo ekugubheni “Usuku Lomhlaba Lokuthandazela Ukuthula.” Umhlangano wawugqugquzelwe upapa ngokuvumelana nokubiza kweZizwe Ezihlangene u-1986 njengoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke.
EAssisi, kwakunemithandazo yokuthula ehlukahlukene. Kodwa ubani owayilalela? Ingabe uNkulunkulu onguZiqu-zintathu weLobukholwa? Noma uNkulunkulu wamaJuda? Ingabe uAllah wamaMuslim? Ingabe onkulunkulu abakhonzwa yilabo abakholelwa ukuthi zonke izinto kuhlanganise nezingaphili zinomoya? Ingabe ukhona kulabo nkulunkulu owayilalela lemithandazo? Manje njengoba sekuye kwadlula isikhathi kusukela eAssisi, izimpendulo zisobala.
Lokho Okwenzeka
Imithandazo yalabo baholi benkolo yasho
ukuphela kosuku lomthandazo lwezizwe zonke olwalugujelwa eAssisi maphakathi neltaly ngo-October 27. Kwakumiswe ipulatifomu enkulu, kubhalwe igama elithi “UKUTHULA” ngezilimi eziyi-14 endwangwini eyayingemva kwepulatifomu. Bemi uklele olusasiyingi esibanzi, upapa ephakathi nendawo, abaholi bezinkolo ezinkulu abangaphezu kwama-60 bathandaza ngokudedelana epulatifomu. Amakhamera ethelevishini awuthwebula lomcimbi okuthiwa wawubukelwe abantu abayizigidi ezingama-500 kuwo wonke umhlaba.
Abokuqala ukuthandaza kwaba amaBuddah, acela “ulwandle lwenjabulo nentokozo.” Kwase kuthi amaHindu acela “ukuthula kubo bonke abantu.” AmaMuslim athandaza: “Udumo malube kuNkulunkulu, iNkosi yeNdawo Yonke.”
“Siphe ukuthula,” leso kwakuyisicelo sezinkolo zawomoya zaseAfrika njengoba zazinxusa onkulunkulu bazo. “Sinikela iGudu kuMoya Omkhulu, kuMame owuMhlaba,” kusho amaNdiya aseMelika njengoba ayebhema igudu lokuthula. “Letha ukuthula emhlabeni,” kucela amaJuda.
“Masinxuse iNkosi uNkulunkulu wethu ngokuthula nangobunye,” kwakuwumthandazo wabameleli bamaKatolika, bamaSheshi, bamaLuthela, nabesonto lamaGreki lobuorthodox. AmaSikh, amaZoroastrian, amashinto, namajain nawo athandazela ukuthula komhlaba wonke.
Isenzakalo Esabhekwa Njengesibaluleklle
Abamaphephandaba baphawula ukuthi kwakungokokuqala ukuba abefundisi abakhulu bezinkolo zomhlaba bahlangane endaweni eyodwa ukuba bathandaze. Ngenxa yalesizathu lomhlangano uye wabizwa ngobuthi “isenzakalo somlando.”
Abanye bakholelwa ukuthi isiprofetho seBhayibheli sagcwaliseka lapho. Njengoba iAssisi isegqumeni, bayibheka njengentaba engokomfanekiso kaMika isahluko 4, ivesi 2. Umbiko wathi umhlangano waseAssisi “wawungumhlangano owabikezelwa umprofethi uMika eminyakeni eyizi-2 700 edlule: ‘Esikhathini] sokugcina intaba okumi kuyo ithempeli leNkosi iyokuba ngephakeme kunazo zonke . . . Zonke izizwe ziyobuthana kuyo futhi zithi: Masikhuphukele entabeni yeNkosi. Sokusifundisa okumelwe sikwenze.’”—Voce delle Contrade.
Iphephandaba i-/Z Sabato ngentshiseko lathi: “Kuyaqala ukuba into yaloluhlobo yenzeke kusukela eMbhoshongweni waseBabele. Ngalesosikhathi, ngenxa yesifiso sabo sokufinyelela amazulu, abantu bahlukana. Namuhla, egameni lemizwa engokwenkolo ebanikeza ithuba lokwamukela isipho sikaNkulunkulu, esiwukuthula, abantu bahlangene.”
Kwaphakanyiswa Imibuzo Engathi Sina
Ngokungangabazeki lomhlangano wawungumbukwane. Nokho waphakamisa imibuzo efanelekile. Iphephandaba lansuku zonke iLa Nazione labuza: “Ingabe lesosigijimi sayifeza injongo yaso? Ingabe sasizobe sifinyelele izinhliziyo zezibukeli eziyizigidi ezingamakhulu amahlanu? Ingabe sasizobe senze ufa ezikhundleni eziqinile zalabo, ngokuqondiIe noma ngokungaqondile, abanquma futhi baqondise izehlakalo zomhlaba nekusasa lawo?”
Abantu abacabangayo babuza eminye imibuzo ejulile: Ingabe uNkulunkulu wamukela yonke imithandazo kungakhathaliseki ukuthi iluphi uhlobo lokukhulekela oluqhutshwayo? Ingabe kwanele ukuthandazela okuthile ngaphandle kokuqiniseka ngombono kaNkulunkulu ngakho? Ingabe abantu baye bakhuthazwa yilomhlangano ukuba basebenzele ukuthula? Isikhathi esidlule sisifundisani? Futhi ngaphezu kwakho konke, imiBhalo ithini mayelana nendlela ukuthula komhlaba okuyofinyelelwa ngayo?
Kumelwe futhi sibuze: Ingabe ukuhlangana kwezinkolo zalelizwe eAssisi eqinisweni kuwuMbhoshongo waseBabele wosuku lwanamuhla?