‘Izandla Zenu Zigcwele Igazi’
“YEBO, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.” Washo kanjalo uNkulunkulu uMninimandla onke kulabo ababezisholo ukuthi bayamkhonza kodwa babe behileleke ekuchitheni igazi elingenacala.—Isaya 1:15.
Ingabe izinkolo zalelizwe zinecala lokuchitha igazi elingenacala? Yebo, zinalo ngokuqinisekile. Kuzo zonke izimpi zekhulu lethu lamashumi amabili leminyaka, izinkolo zalelizwe kanye nabefundisi bazo baye basekela ukuchithwa kwegazi. Lokhu kuye kwabangela ngisho nokuthi amalungu enkolo eyodwa abulalane wodwa ngesilinganiso esikhulu.
Nokho, uJesu wafundisa abafundi bakhe ‘ukubuyisela inkemba yabo endaweni yayo.’ (Mathewu 26:52) Umphostoli uPawulu wathi: “Izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama.” (2 Korinte 10:4) Isigijimi esinamandla seZwi likaNkulunkulu siwukuthi labo abaqhuba inkolo yeqiniso kumelwe bathandane futhi bangachithi igazi: “Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu labantwana bakaSathane; lowo ongenzi okulunga akasiye kaNkulunkulu, naye mgamthandi umzalwane wakhe. Nanti zwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane, kungabi njengoKayini owaba ngowomubi wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12.
Uma inkolo ingabonisi loluhlobo lothando, imithandazo yayo ngeke izwiwe uNkulunkulu. lBhayibheli lithi: “Nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.” (1 Johane 3:22) Kodwa izinkolo zalelizwe aziyigcinanga imiyalo kaNkulunkulu. Kunalokho, ziye zahambisana kalula nokubulawa kwabantu abayizigidi eziyi-100 ezimpini zalelikhulu leminyaka kuphela!
Ingabe Abaholi Nabantu Bayolalela?
Enkulumweni yakhe yokuphetha eAssisi, uJohn Paul II wathi: “Simema abaholi bezwe ukuba baqaphele ukucela kwethu ukuthula kuNkulunkulu ngokuzithoba.” Ingabe abaholi bezombangazwe kanye nabantu babo bebonke bayosilalela lesicelo? Ukuze sithole impendulo ake sibheke umlando.
Umlando wembula ukuthi izivumelwano kanye nemithandazo yokuthula akukusha. ENkathini Ephakathi izivumelwano zokuthula zazivame ukubizwa ngokuthi izivumelwano zikaNkulunkulu noma izivumelwano ezingcwele. Zazimenyezelwa emikhosini yenkolo yeLobukholwa, okwakufanele ukuba kuphele konke ukungezwani. Kodwa ngisho nezinsongo zokuxoshwa kwalabo abaphule izivumelwano zazinganele ukuba zenze abantu bazihloniphe.
Ngonyaka ka-1915, uPapa Benedict XV wenza isikhalo ezizweni ukuba ziqede “ukubulala okusabisayo” kwempi yezwe yokuqala. Wathandaza kuNkulunkulu ethandazela “ukuphela kosizi olubi.” Kodwa abaholi bezizwe kanye nabantu babo abalalelanga. Futhi, ngokunengqondo, uNkulunkulu akalalelanga ngoba amasosha ezinhlangothini zombili ayengamalungu ezinkolo ezifanayo. Ngakho, umKatolika wabulala umKatolika, nomProthestani wabulala umprothestani, okuphambene ngokuphelele nemiyalo kaNkulunkulu.
Entwasahlobo ka-1939, lapho amafu empi yezwe yesibili eqoqana, uPius XII wahlela “imithandazo yomphakathi yokuthula.” NgoAugust olandelayo, ngaphambi nje kokuba impi igqashuke, wenza isikhalo kubaholi bezizwe nakubantu babo ukuba bayeke “ukumangalelana, ukusongelana, nezimbangela zokungathembani” ukuze bagweme okubi kakhulu.
Kodwa yonke leyomithandazo nezikhalo akuzange kuyinqande impi yeJalimane lobuKatolika nobuProthestani. Akuzange futhi kubonise iItaly yobuKatolika noma iJapane yobushinto indlela eya ekuthuleni. Futhi akukho kuxoshwa okwasatshiswa ngakho amalungu anoma iyiphi inkolo ngokubulala amanye enkolo efanayo. Ngakho ukubulala ‘komuntu umfowabo’ kwaqhubeka iminyaka eyisithupha, kusekelwa abefundisi bazo zonke izizwe.
Ekusabeleni ezikhalweni zikapapa eAssisi, kwezinye izindawo ukulwa kwaphela ngo-October 27, 1986. Kodwa kwaqhubeka kwamanye amazwe. Ezikhathini eziningi lokhu kwakwenzeka emazweni azinkolo zawo zazimelelwe eAssisi. Ngokwesibonelo, abashokobezi belRA abangamaKatolika bahlasela iIreland ngamabhomu. AmaSikh alwa eNdiya. Futhi e Afghanistan, e-Etiyopiya, eLebanon, eIran naselraq ukuchithwa kwegazi kwaqhubeka.
Ngisho nalapho isivumelwano sasiqashelwa khona okwalolosuku olulodwa, ukufa nokwesaba kwakutshalwa futhi ngalo kanye usuku olulandelayo. Ukuthula okungavamile ngempela!
Ingabe “uNkulunkulu wokuthula” angayibusisa imizamo enjalo evumela ngokungaqondile labo abayeka ukubulalana namuhla, ukuze baqale futhi ngakusasa? Ingabe wamvumela uKayini emva kokuba ebulale uAbela? Ngokuqinisekile akazange.—Heberu 13:20.
Ayisiwo Amandla Okuthula
Ukuhlola okwenziwe muva nje ezizweni ezihlukahlukene kubonisa ukuthi inani elikhulu labantu libheka izinkolo zomhlaba njengabaphehli bempi kunokuba abathuthukisi bokuthula. Yileyondlela abazizwa ngayo abantu baseFrance abangamaphesenti angama-47 namaIsrayeli angamaphesenti angama-48.
UJohn Taylor, unobhala-jikelele weWorld Conference of Religions for Peace, wathi kumagazini wamaKatolika eFrance iL’Actualite Religieuse dans le Monde: “Bazikhohlisa ngokucabanga ukuthi inkolo yayingakuletha futhi yayizokuletha ukukhanya nomusa ezingxabanweni, nokuthi sasiyozuza kakhulu ekuhlanganisweni kwamandla ngokumelene nempi, ngokumelene nezikhali. Kodwa lapho sihlola lezinkinga, kancane kancane sabona ukuthi izimpi azibangelwa izikhali, kodwa zibangelwa inzondo nokwahlukana phakathi kwabantu . . . Futhi nalapha inkolo iye yenza ingxenye yayo.”
Ephephandabeni lansuku zonke lamaKatolika iAvvenire, isazimlando uErnesto Galli Della Loggia sasho lokhu ngokuqondiIe: “Inkolo ayibonakali yakhe isisekelo esihlanganisayo phakathi kwabantu nezizwe, kunalokho yenze okuphambene. Bekulokhu kunjalo amakhulu eminyaka. Izinkolo ezinkulu ezikholelwa kuNkulunkulu oyedwa azilwanga nje kuphela zodwa empini yonya, kodwa ezinye zazo—ikakhulukazi ezobuKristu nezobulslam—ziye zanikela wonke amandla azo ekuqothuleni izinkolo zomoya zabantu abangaphucukile. Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi inkolo nezombangazwe kuyizinhlangothi ezimbili zento eyodwa.”
Ngenxa yalesizathu nezinye, ohulumeni bayabaziba abaholi benkolo noma bababekezelele njengokungathi bayisidina okumelwe sibe khona. Futhi inkolo yezwe ngokwayo imane iyisembozo esikhohlisayo esingenalusizo kumuntu nasezimweni zezwe.
Ekupheleni kosuku lomthandazo, upapa ngokwakhe walivuma icala lobuKatolika kukho konke lokhu kuchithwa kwegazi. Wathi: “Ngikulungele ukuvuma ukuthi amaKatolika awazange athembeke njalo kulokhu kuboniswa kokholo.” Futhi wabe esenezela: “Asibanga ‘abagcini bokuthula’ njalo. Ngakho-ke, ngathi, kodwa futhi mhlawumbe, ngandlela-thile, ngawo wonke umuntu, lokhu kuhlangana eAssisi kuyisenzo sokuvuma icala.”
Kodwa ingabe inkolo yanamuhla ikubonisile ngezenzo zayo ukuthi iwuguqulile umbono wayo ngempi? Ingabe ‘iphenduke’ ngempela ezindleleni zayo zakuqala ezihlazisayo? Ekhuluma ngezimpi ezikhona, uErnesto Galli Della Loggia waphawula: “Izikhathi eziyisishiyagalolunye kweziyishumi lezizimpi zingezenkolo futhi, uma zingesizo ezayo ngokuphelele.”
Ngakho imithandazo yokuthula ibe engenamsebenzi. Abaholi bezombangazwe nabantu abayilaleli futhi abahambisani nayo. Futhi noNkulunkulu akayilaleli, ngoba uthe: “Yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) Yingakho uNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke ka-1986 owagqugquzelwa yizizwe Ezihlangene futhi wasekela imithandazo yezinkolo zalelizwe ungazange uphumelele.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Ukuhlola Eltaly
Umagazini iPhaphama! wenza ukuhlola emadolobheni ahlukahlukene aseltaly, okwathi phakathi nakho kwaxoxwa namakhulu abantu, iningi labo lingamaKatolika. Lapho bebuzwa ukuthi’imizamo yokuletha ukuthula enjengosuku lokuthandazela ukuthula lwaseAssisi nezivumelwano zokuthula ingasiza yini ukunciphisa izimpi nezikhali, abangamaphesenti angama-70 bathi cha, abangamaphesenti ayi-17 bathi kwakumane kuyisinyathelo sokuqala nje, futhi abangamaphesenti ayi-10 kuphela abacabanga ukuthi kwakuyinto engenziwa iphumelele.
Umpristi wasedolobheni elisenyakatho Italy eBergamo wathi: “Ngicabanga ukuthi lomzamo wokuletha ukuthula uyoba usizo kakhulu uma nje injongo yawo iphumeleliswa. Kuyisiqalo esihle okungamelwe singanakwa.”
Kodwa owesifazane osemusha ongumKatolika wakuyo leyondawo wathi: “Umuntu akanakukugwema ukuthintwa ngokujulile ubuzenzisi babantu ababelwa iminyaka, ngenxa futhi yezizathu ezingokwenkolo, bese bebeka phansi izikhali zabo futhi bathandazele ukuthula, bebe bazi kahle ukuthi ngosuku olulandelayo bazoqhubeka balwe.” Futhi osemusha waseBrescia wathi: “Imihlangano enjengalena ayisizi ekulwisaneni nokunganaki okungokwenkolo. Amasonto kufanele anciphise isithakazelo sawo kwezombangazwe uma efuna ukuba uNkulunkulu awalalele.”
Lapho ephendula umbuzo othi, “Yini inkolo okufanele iyenze ukuze ibe negalelo elinamandla ekufuneni ukuthula?” umKatolika waseTurin wathi “kufanele bayeke konke ukuhlanganyela kwesikhashana ezenzweni ezingalungile futhi bafundise abantu ukuphila ngaphandle kwezikhali.” Owesifazane osemusha waseCremona ongumKatolika wathi: “Isonto bekufanele ngabe libeke isibonelo esihle ngokungahileleki ezimpini nakwezombangazwe. Kodwa manje sekwephuze kakhulu.”
Lapho ebuzwa ukuthi, “Ucabangani ngezinyathelo zikapapa zokuthula?” ummeli wasesifundazweni sasePesaro waphendula: “Isonto lisebenzisa inkinga yokuthula ngokwenzuzo yalo ukuze lisakaze ubuKatolika emhlabeni.” Owesifazane ongumKatolika oneminyaka engama-84 ubudala wathi: “Akusizi. Uma befuna impi, bazoyiqala.”
Likhuluma ‘ngamacebo ezombangazwe enkolo, ’ iphephandaba laseMilani-iIl Corriere della Sera lenza lokhu kukhulumela okuphawulekayo: “iSonto lisebenzisa kabi inkolelo yokuthi zonke izimpi azilungile futhi lithuthukise imizamo yokuletha ukuthula elivumela ukuba lilawule izimpikiswano zemibono yabantu ezindabeni ezinkulu zombangazwe zamanje kunokuba lizithobe kuzo.”
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Imithandazo eqotho yenziwa abantu kuwo wonke umhlaba
Abantu abaningi abasha banesithakazelo ekuthuleni komhlaba