Umbono WeBhayibheli
Ingabe Izinkolelo-ze Azinangozi?
LAPHO iqembu labafundi besayensi yezifo zengqondo beyamisa isitebhisi odongeni emgwaqweni ophithizelayo waseLondon, abantu abadlula ngendlela babhekana nengqinamba: bahambe endleleni yabo futhi bacushe ngaphansi kwesitebhisi, noma bangene ngasemgwaqweni futhi bavike izimoto. Abantu abahamba ngezinyawo abayisikhombisa kwabayishumi babesigwema lesitebhisi.
Ngempela, abantu abaningi, uma becindezelwa, bayavuma ukuthi bayabambelela kowodwa noma kwemibili imibono yezinkolelo-ze. Kuthiwani ngawe? Ingabe ngezinye izikhathi uke ube nomuzwa wokuqongqotha ukhuni, ukuphambanisa iminwe yakho, noma ukufafaza ihlombe lakho lesobunxele ngosawoti? Uma kunjalo, wake wama wazibuza ukuthi kungani?
Abanye abazibheki nakancane izinkolelo-ze njengokungathi sina. Kunjengoba umlobi uRobertson Davies echaza: ‘Isayensi yokuhlola ubufakazi bokukholelwa ezeni, amaUFO, ukwelapha ngemilingo, ukuzindla ngezinto zezwe lemimoya . . . kuyagxekwa, kodwa izinkolelo-ze azisolwa nakancane.”
Abanye babheka izinkolelo-ze njengezingabalulekile, nezingekhona okungathi sina. sizibheke ngokuzibekezelela futhi nanjengomdlalo wokuzijabulisa’ kusho enye incwadi ngezinkoleloze. Abantu abaningi bayakwenza Bathi, ‘Uma zingenzi lutho oluhle, okungenani azisiyo ingozi.’ Kodwa ingabe kunjalo?
Ingabe Ziyasisiza Noma Ziyasilimaza?
“Ukuziphatha akubibikho ngaphandle kwenjongo,” kusho uDr. Alan Dundes, owuthisha eyunivesithi yamasiko nemikhuba yabantu. “Abantu bebengenakuwenza amasiko uma engenakho ukubaluleka okuthile engqondweni.” Abacwaningi bathi izinkolelo zokukholelwa ezeni, zifana ncimishi “nefasitela lokungena engqondweni.” Khonake kungani ungalivuli ‘lelofasitela’ futhi ubone izimbangela zakho?
U Edward Hornick oyisazi sezifo zengqondo uthi “izinkolelo-ze zingezinye zezinto ezingcono ezisekela ukuphila.” Kodwa awuvumi yini ukuthi ukubaluleka kwesisekelo, kuxhomeke ekutheni siphezu kwesisekelo esinjani? Ngokwesibonelo, isihlalo esisekhishini lakho elinendawo yaphansi eqinile, sinesisekelo esihle nesingenangozi. Kodwa ubungahlaJa yini kulesosiqalo uma besibekwe esihlabathini esishonayo? Kuyiqiniso ubungeke.
Isici esifanayo sokunquma siyasebenza ezinkolelweni zeze, “izisekelo ezingcono zokuphila.” Ziyini izisekelo zakho? Ingabe kusekelwe ezimfundisweni eziqinile zeBhayibheli noma, mhlawumbe, emibonweni engokwenkolo engamanga enjengesihlabathi?
‘Lokho kuzwakala kungakholeki ungase ucabange. ‘Angiboni ukuthi ukugwema isitebhisi, ukuqongqotha ukhuni, noma amasiko anjengalawo kuhlangana ngani nezinkolelo ezingokwenkolo Nokho, kukhona ukuxhumana okukhona. Cabangela inkolelo-ze yesitebhisi ngokwesibonelo.
Ngezinye izikhathi kuwukuhlakanipha ukuzungeza isitebhisi ukuze ugweme ithuluzi eliwayo, nokho ingabe akulona yini iqiniso ukuthi ngisho nalapho isitebhisi singenangozi, abanye abantu basalokhu besigwema ukuze babalekele “ishwa”? Kodwa lelisiko lisekelwe kuphi? Phela, isitebhisi esiyamiswe odongeni sakha unxantathu. “Futhi unxantathu,” kuchaza Encyclopedia of Superstitions, “ubelokhu engumfanekiso kaZiqu-zintathu.” Khonake, ukuhamba ngaphansi kwesitebhisi kuyefana nokweyisa uZiquzintathu, ukungena ngokungemthetho endaweni engcwele, futhi lokho, kuphawula isikhombo esifanayo, kungaba “ukudlalela ezandleni zoMubi.” Nokho, ingabe uZiqu-zintathu uyimfundiso eqinile yeBhayibheli?
Ngokuphambene, imfundiso kaZiqu-zintathu yasunguleka ezinkolweni zobuhedeni zasendulo. Nokho, iZwi likaNkulunkulu, liyawuphikisa umqondo kaZiqu-zintathu. Lithi uJehova mkhulu kunoKristu. (Johane 14:28; 1 Korinte 11:3) Khonake, inkolelo eyize yesitebhisi isekelwe emqondweni ongamanga ongokwenkolo. Kungokufanayo nangenkomo eyize yokufafaza usawoti ehlombe lakho langakwesobunxele.
Usawoti, isinongo esivimbela ukubola, wafanekisela ukuphila nenhlanhla. Inkolelo eyize ithi, uma uwuchithile, kumelwe ushweleze kuDeveli nasemademonini. Futhi njengoba ngaso sonke isikhathi bengasohlangothini lwakho lwesobunxele, kumelwe ufafaze futhi omunye ehlombe lakho langakwesobunxele. Ingabe ukushweleza akubonisi ukuvuma? Yebo, lokho futhi kumelana nezixwayiso ezingokomBhalo: “Nimelane noSathane,” “ningamniki uSathane indawo” nesithi “nibenamandla okumelana . . . [no]Sathane.” (Jakobe 4:7; Efesu 4:27; 6:11) Khonake, lokhu kukholelwa ezeni kusekelwe futhi ezinkolelweni eziphikisanayo neBhayibheli
Kuyingozi—Ngayiphi Indlela?
Ungase uphikise ngokuthi, ‘Lokho kungase kube yiqiniso, kodwa lapho nigwema isitebhisi noma ngifafaza usawoti angicabangi ngisho nakancane ngoZiqu-zintathu noma uDeveli, ingasaphathwa eyokubakhonza. Kumane nje kuwumkhuba. Kungangilimaza kanjani mina?’ Ngalendlela: Uma wazi ukuthi amasiko athile enkolelo-ze asekelwe emangeni, kodwa uqhubeke nokwenza amasiko anjalo, khonake unjengomuntu owaziyo ukuthi isihlalo sakhe sihleli esihlabathini esishonayo kodwa athi: ‘Ngizomane nje ngingacabangi ngesihlabathi, khonake ngeke sibe yingozi kimi’ beseke eqhubeka ehlala esihlalweni. (IsAmbulo 22:15) Usengozini, ngakho nawe ungase ube kuyo. Kungani?
Ungase uqale ukuncika ngokwengeziwe ezinkolelweni eziyize, futhi ngaphambi kokuba ukuqaphele, kungase kubuse konke ukuphila kwakho. Futhi njengoba izinkoleloze zisekelwe emangeni, empeleni ungase ube yisigqila ‘sikayise wamanga’ uSathane. (Johane 8:44) Lokho, ngokomphumela, kungase kuholele ekubeni isigqila somunye umkhuba osekelwe emangeni—imimoya engabonakali.
Kuyiqiniso, lapho uqala ubheka izinkolelo-ze zingase zibonakale zingenangozi, kodwa ake uphinde uzihlolisise futhi uyobona lokho ngempela eziyikho—empeleni njengokungenamsebenzi futhi ikakhulu okuyingozi.
[Ibhokisi ekhasini 11]
“Khumbula futhi, ukuthi izinkolelo-ze zinikeza umuntu ongakavuthwa izaba zokusola amandla angaphezu kwakhe ngobubi abenzayo.”—Superstitious? Here’s Why!