Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 5/8 k. 8-k. 9 isig. 5
  • Ukuphulukiswa Ngokuphelele Kuseduze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphulukiswa Ngokuphelele Kuseduze
  • I-Phaphama!—1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impilo Yangempela
  • Indlela Okuyophela Ngayo Ukukhubazeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Impilo Ephelele Kubo Bonke
    I-Phaphama!—1995
  • Umhlaba Oyipharadesi
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Lokho Lowo “Owukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso” Akuthembisayo
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 5/8 k. 8-k. 9 isig. 5

Ukuphulukiswa Ngokuphelele Kuseduze

ISAYENSI yezokwelapha, kanye nentuthuko yayo evelele, ingase inqobe empini encane—kodwa yehluleke empini enkulu. Cishe lapho nje siba nomuzwa wokuthi siye sathuthukisa amakhono athile nokuhlangenwe nakho, ukuxhwala kuqala ukusigoga, futhi ngokushesha sife. Nokho, uNkulunkulu uthembisa ukuthi ngeke kuhlale kunjalo. Ngomprofethi wakhe uIsaya, uNkulunkulu wathi ‘uyakugwinya ukufa kuze kubephakade, azesule izinyembezi ebusweni bonke.’—Isaya 25:8.

Ingabe lokho kuzwakala kunzima ukukukholelwa? Ingabe ucabanga ukuthi ukuphila iminyaka engama-80 kwanele? Kunemithi ephila izinkulungwane zeminyaka—kungani wena ungakwazi? uNkulunkulu wanikeza istarfish ikhono lokuhluma ingalo entsha ngokuphelele uma enye inqamuka. Khonake, ubengenakuwubuyisela umzimba wakho empilweni ephelele nengenasici?

Cishe eminyakeni eyizi-2 000 edlule uJesu Kristu wenza izimangaliso ezinkulu emhlabeni. Akazange nje aphulukise abantu abanochoko kodwa “ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.” Umbhalo ophefumlelwe uthi waphilisa “izinyonga, izilima, izimpumputhe, izimungulu . . . Baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, . . . izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona.” UJesu akazange adinge usizo lwezilwane noma ukufakela esinye isitho—waphulukisa zona kanye izitho noma izingxenye zomzimba ezinesifo. Futhi waphulukisa ngaso lesosikhathi, ngezinye izikhathi ngisho ekude.a

UJesu wayengenawo nje kuphela amandla okuphulukisa kodwa wayenesifiso sokwenza kanjalo. Ngesinye isikhathi, umuntu onochoko wathi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu, eshukunyiswa yisihe, waphendula: “Ngiyomthanda; hlambuluka.” Wavusa ngisho nabantu abafile—okungenani kwesinye isehlakalo kwakungemva kokuba umzimba usuqale ukubola.—Marku 1:40-42; Johane 11:38-44.

Lezibonelo ezimangalisayo zibonisani? Ukuthi uJesu, manje osehlezi esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini, akanawo nje kuphela amandla kodwa futhi unesifiso sokuletha ukuphulukiswa kwangempela nokuhlala njalo. Uyokwenza njengoba iBhayibheli lithembisa.

Leyoncwadi, iBhayibheli, lichaza inguquko emangalisayo ezokwenzeka ngokushesha ezindabeni zesintu—ukungenela kukaNkulunkulu ngokwakhe ezindabeni zomhlaba nokumiswa kabusha komhlaba oyipharadesi ongenakho ukungcola, ukugula, ubugebengu, inzondo, nezimpi. Lisitshela ngokuphulukiswa kwangempela nokuhlala njalo, kokubili okungokomoya nokungokomzimba.

Futhi isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi kunabantu ababephila phakathi neMpi Yezwe I abazobe besaphila lapho lenguquko yomhlaba wonke yenzeka.—Mathewu 24:3, 14, 34.

Impilo Yangempela

Izahluko zokugcina zeBhayibheli zikhuluma ngokubusa kokulunga okuzayo “kwehla kuvela ezulwini kuNkulunkulu”—kuza esintwini lapha emhlabeni. Khonake uNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:2-4) Ngombono ongokoqobo nongokomoya, “amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” “Abakhe khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 35:5, 6; 33:24.

Khonake, akulona nje usizo lwezokwelapha kanye nokuphulukiswa kwesikhashana, kodwa isithembiso kulabo abayophila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu kulomhlaba siyimpilo yangempela ngabo bonke. Ngoqinisekile lona umgomo oyinzuzo wokuphishekelwa!

[Umbhalo waphansi]

a Ungafunda izindaba ezinokwethenjelwa ngalezizehlakalo kulezingxenye zeBhayibheli: Mathewu 4:23; 15:21-31; Marku 5:25-34; 7:31-37; Luka 7:1-10; 13:11-13; Johane 9:1-32.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela