Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 5/8 k. 3
  • Impilo Ngaso Sonke Isintu—Nini?’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo Ngaso Sonke Isintu—Nini?’
  • I-Phaphama!—1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impilo Ngabo Bonke—Isidingo Esiyisisekelo
    I-Phaphama!—1987
  • Kuwumgomo Ofinyelelekayo Yini Ukuba Bonke Abantu Babe Yimiqemane?
    I-Phaphama!—2001
  • Lokho Okulolonga Impilo Yakho—Lokho Ongakwenza
    I-Phaphama!—1995
  • Siphila Kangakanani?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 5/8 k. 3

Impilo Ngaso Sonke Isintu—Nini?’

Imisebenzi yezempilo eyenzelwa umphakathi emazweni ampofu kakhulu asathuthuka angama-67, ngaphandle kweChina, isebenzisa imali encane kukho konke ukunakekelwa kwempilo kunesetshenziswa amazwe acebile ngezidakamizwa zizodwa.”—Health Crisis 2000.

“IMPILO ngabo bonke ngonyaka ka-2000” lesosaga besilokhu siphindwa ikakhulukazi kusukela emva koMhlangano Wamazwe Onke Wokunakekelwa Kwempilo Yabancane, owawugqugquzelwe yiWHO (World Health Organization) neUNICEF (United Nations Children’s Fund) emuva ngo-1978. Lowomhlangano, owawuhanjelwe abameleli abavela ezizweni eziyi-134, wadonsela ukunakekela kwamazwe onke ekutheni kungakanani ngempela okuntulekayo kwezempilo yomhlaba wonke.

Umqondisi omkhulu wangalesosikhathi weUNICEF, uHenry R. Labouisse, wathi: “Esinye sezizathu zokuthi kungani sihlangana lapha namuhla yinkolelo yethu ejulile yokuthi umehluko onyantisayo phakathi kwamathuba ezempilo ezingxenye ezihlukene zomhlaba, nangaphakathi emazweni, awusenakubekezelelwa.”

Ngaphambi kwalomhlangano, umbiko wakhuluma ngomehluko omkhulu emhlabeni wonke phakathi kwalokho amazwe acebile anakho kwezempilo nalokho okungekho kwezinye izindawo. Umbiko weUNICEF ngalowonyaka wathi emazweni ampofu kakhulu “u-10% kuphela walababantu okwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo okufanele,” kanye “namaphesenti angamashumi amabili—mhlawumbe—aphuza amanzi ahlanzekile.”

Umhlangano wanxusela “ukuthuthukiswa kokwabiwa kokudla nomsoco ofanele, ukwabiwa okwanele kwamanzi anempilo nokukhucululwa kwendle; ukunakekelwa kwempilo yawomama neyabantwana, . . . ukulungiselelwa kwemilaliso edingekayo.”

Zonke lezi izinto ezibiza kakhulu, ikakhulukazi kubantu abasemazweni ampofu. Ingatholakalaphi imali yezidingo ezinjalo? Kulowomhlangano kwathiwa “ukuthula, ukuzwana phakathi kwezizwe nokubekwa phansi kwezikhali” kungakhulula isamba esikhulu semali yezinjongo ezinjalo. Ngakho, umagazini iWorld Health, okhishwa yiWHO, washukunyiswa ukuba uphawule: “Cabanga ngezwe eliphelele lapho onke amakhono, ukusetshenziswa kwezimali, umcebo wabantu nowezinto ezibonakalayo, lokho manje okuthululelwa ezikhalini zempi, esikhundleni salokho bekunikelelwa ukuthuthukiswa kwempilo yomhlaba!”

Kodwa eminyakeni edlule kusukela ngo-1978 ingabe usuke wakubona okunjalo ukuthula, ukuzwana phakathi kwezizwe, nokubekwa phansi kwezikhali kwenzeka? Ingabe izizwe azenzi khona kanye okuphambene, ngesikhathi inkinga yempilo iqhubeka ikhula?

[Isithombe ekhasini 3]

Izingane zesikole zaseColombia ziyagonywa

[Umthombo]

P. Almasy/WHO

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela