YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ongase Uxoxe Ngakho
Lapho Nixoxa Okokuqala
Umbuzo: Uyayilalela yini uNkulunkulu imithandazo?
UmBhalo: IHu 65:2
Ngokuzayo: Yini esingayithandazela?
UNGAWUTHOLA LO MBHALO EBHOKISINI LAMATHULUZI OKUFUNDISA:
Lapho Ubuyela Koxoxe Naye
Umbuzo: Yini esingayithandazela?
UmBhalo: 1Joh 5:14
Ngokuzayo: UNkulunkulu uyiphendula kanjani imithandazo yethu?
UNGAWUTHOLA LO MBHALO EBHOKISINI LAMATHULUZI OKUFUNDISA:
Umkhankaso Wesimemo SeSikhumbuzo (Febhuwari 27–Mashi 27)
“Sicela ukukumema embuthanweni okhethekile wokukhumbula ukufa kukaJesu. Izigidi zabantu emhlabeni wonke zivame ukuba khona kulo mbuthano.” Mnike isimemo [noma umthumelele sona]. “Lesi simemo sinesikhathi nendawo esizobe sihlangene kuyo [noma indlela ongaxhuma ngayo emhlanganweni wethu nge-inthanethi]. Sicela ukukumemela nasenkulumweni ekhethekile esizoba nayo ngesonto elingaphambi kweleSikhumbuzo.”
Ngokuzayo, Lapho Umninikhaya Elalela: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?