Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/12 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlakanipha Nezinzuzo Zokwaba Ifa
    I-Phaphama!—1998
  • Izinhliziyo Ezidabukile Nokuphelelwa Ukholo
    I-Phaphama!—2007
  • Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Amandla Eqiniso Okulungisa Ukuziphatha
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 6/12 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yini okufanele siyikhumbule uma sifuna ukunikela enhlanganweni kaJehova ngazo zonke izinto zethu noma ingxenye ethile yazo lapho sifa?

Lapho abantu befa, ababe besakwazi ukulawula izinto zabo ezibonakalayo. (UmSh. 9:5, 6) Ngakho abaningi babhala kusengaphambili incwadi yefa echaza indlela ifa labo abafuna licazwe ngayo. (2 AmaKh. 20:1) Le ncwadi engokomthetho ngokuvamile ibonisa nokuthi ubani okufanele abe lelo lifa. Uma le ncwadi ingabhalwanga, iziphathimandla ziyonquma ukuthi ubani okufanele athole ifa . Ngakho-ke, uma sinezifiso ezikhethekile eziphathelene nempahla eyifa lethu, njengokuthi impahla ethile noma zonke uyinika inhlangano kaJehova, kubalulekile ukuba sibhale incwadi yefa ekuchazayo lokhu futhi simkhethe kahle umabi wefa. Kufanele futhi ukuxoxe lokhu namalungu omkhaya ikakhulukazi uma engewona amaKristu. Lokhu kuyogwema ukuba umkhaya uphikisane nencwadi yefa uma unomuzwa wokuthi lezo zinto eziyifa kufanele zibe ezamalungu omkhaya.

Umabi wefa unomsebenzi onzima. Kuye ngokuthi ifa lingakanani, ukulihlanganisa nokulaba kungahilela imidanti eminingi futhi kungadla isikhathi esiningi. Ngaphezu kwalokho, iziphathimandla zikahulumeni ngokuvamile ziba neziqondiso okumelwe zilandelwe, futhi ngaleyo ndlela kungase kudingeke usizo lomuntu okufundele ukwenza lokhu, njengommeli noma umgcini mabhuku. Akubona bonke ebandleni abangakwazi kahle ukwaba ifa ngendlela efanele. Umuntu esimkhethayo kufanele kube umuntu esaziyo ukuthi unolwazi, uqotho futhi ukulungele ukulandela izifiso zethu.—Bheka isihloko esithi “Ukuhlakanipha Nezinzuzo Zokwaba Ifa,” esikuyi-Phaphama! ka-December 8, 1998.

Uma Ucelwa Ukuba Ube Umabi Noma Umqondisi: Uma ucelwa ukuthi ube umabi wefa lothile lapho esefile, okokuqala qiniseka ngalokho okuhilelekile bese unquma ngosizo lomthandazo ukuthi ungakwazi yini ukwenza lo msebenzi. (Luka 14:28-32) Ngemva kokufa kwalowo muntu, kuyodingeka wazise bonke labo okumelwe bathole okuthile efeni. Uma usulinikiwe igunya lokwenza kanjalo, kuyoba umsebenzi wakho ukucaza ifa ngokuvumelana nomthetho njengoba kubhaliwe encwadini yefa. Owaba ifa noma oqondisa ukwabiwa kwalo, kufanele azi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ifa lincane noma likhulu, kufanele enze lokho okubhalwe encwadini yefa. Noma yiziphi izipho ezinikwa inhlangano esemthethweni esetshenziswa oFakazi BakaJehova ziyimali enikelwe enhlanganweni kaJehova.—Luka 16:10; 21:1-4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela