Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 4 kk. 4-7
  • Lithini IBhayibheli Mayelana Nokufa Nokuphila?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Mayelana Nokufa Nokuphila?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBHAYIBHELI LIZIBEKA ZICACE IZINTO
  • IMFUNDISO ENGAMANGA IYASAKAZEKA
  • “IQINISO LIYONIKHULULA”
  • Luqine Kangakanani Ukholo Lwakho Ovukweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Umbono Wakho Ngomphefumulo Uyakuthinta Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ingabe Wake Wazibuza?
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Umphefumulo Uyasinda Ekufeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 4 kk. 4-7
Isidumbu ethuneni

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | LITHINI IBHAYIBHELI NGOKUFA NOKUPHILA?

Okushiwo YiBhayibheli Mayelana Nokufa Nokuphila

Encwadini yeBhayibheli kaGenesise, sifunda ukuthi uNkulunkulu watshela indoda yokuqala, u-Adamu, ukuthi: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) La mazwi akubeka kucace ukuthi ukube u-Adamu walalela umyalo kaNkulunkulu wayengeke afe kodwa wayeyoqhubeka ephila ensimini yase-Edene.

U-Adamu no-Eva sebegugile

Ngokudabukisayo, kunokuba alalele futhi aphile phakade, u-Adamu wakhetha ukuwushaya indiva umyalo kaNkulunkulu ngokudla isithelo esenqantshelwe asinikwa umkakhe, u-Eva. (Genesise 3:1-6) Sisabhekana nemiphumela yalokho kungalaleli nanamuhla. Umphostoli uPawulu wayichaza kanje le ndaba: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Lowo “muntu oyedwa” kwakungu-Adamu. Sasiyini isono futhi kungani saholela ekufeni?

Lokho u-Adamu akwenza—ukungawulaleli noma ukweqa umthetho kaNkulunkulu—kuyisono. (1 Johane 3:4) Umphumela wesono ukufa, njengoba uNkulunkulu atshela u-Adamu. Ukube u-Adamu nezingane ayezozizala babezoqhubeka belalela umyalo kaNkulunkulu, babengeke babe nesono futhi babengeke bafe. UNkulunkulu wayengafuni abantu bafe kodwa wayefuna baphile phakade.

Kuyiqiniso ukuthi ukufa kuye “kwasakazekela kubantu bonke” njengoba iBhayibheli lasho. Kodwa ikhona yini ingxenye kithi eqhubeka iphila lapho sesifile? Abaningi bathi ikhona ingxenye kithi engafi—ebizwa ngokuthi umphefumulo. Nokho, lokhu bekuyosho ukuthi uNkulunkulu wayeqambe amanga ku-Adamu. Kanjani? Uma kukhona ingxenye kithi eqhubeka iphila kwenye indawo lapho sesifile, kusho ukuthi uNkulunkulu wayenamanga uma ethi umphumela wesono ukufa. IBhayibheli lithi: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Hebheru 6:18) Eqinisweni, uSathane owaqamba amanga lapho ethi ku-Eva: “Ngokuqinisekile ngeke nife.”—Genesise 3:4.

Kuphakama umbuzo, Uma imfundiso yokuthi umphefumulo awufi ingamanga, pho kwenzekani ngempela uma sesifile?

IBHAYIBHELI LIZIBEKA ZICACE IZINTO

Incwadi yeBhayibheli kaGenesise ithi: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” Amagama athi “umphefumulo ophilayo” ahunyushwe esuselwa egameni lesiHebheru elithi ne’phesh,a elisho ukuthi “isidalwa esiphilayo.”—Genesise 2:7.

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi umuntu akadalwanga enomphefumulo ongafi. Kunalokho, umuntu ‘ungumphefumulo ophilayo’. Yingakho lingekho ivesi leBhayibheli elikhuluma ‘ngomphefumulo ongafi.’

Njengoba iBhayibheli lithi umphefumulo uyafa pho kungani izinkolo eziningi zifundisa ukuthi umphefumulo awufi? Ukuze sithole impendulo ake sibheke okwenzeka eGibhithe.

IMFUNDISO ENGAMANGA IYASAKAZEKA

UHerodotus, isazi-mlando esingumGreki esaphila ngekhulu lesihlanu B.C.E., wathi abaseGibhithe baba “abantu bokuqala abasekela imfundiso yokuthi umphefumulo awufi.” Abantu baseBhabhiloni nabo bayisekela le mfundiso. Ngesikhathi u-Alexander Omkhulu enqoba eMpumalanga Ephakathi ngo-332 B.C.E., izazi zefilosofi ezingamaGreki zase ziyisakazile le mfundiso kuwo wonke uMbuso WamaGreki.

Yingakho lingekho ivesi leBhayibheli elikhuluma ‘ngomphefumulo ongafi’

Ngekhulu lokuqala C.E., amahlelo obuJuda amabili adumile, ama-Essene nabaFarisi, afundisa ukuthi umphefumulo uyaqhubeka uphila lapho umzimba ufa. I-The Jewish Encyclopedia ithi: “Inkolelo yokuthi umphefumulo awufi yangena kumaJuda ngenxa yokuxhumana kwawo namaGreki nemfundiso kaPlato.” Ngokufanayo, isazi-mlando esingumJuda sangekhulu lokuqala uJosephus sathi le mfundiso ayiveli emiBhalweni Engcwele kodwa ivela “enkolelweni yamadodana aseGrisi,” futhi wathi kwakuyizinganekwane nje.

Njengoba ithonya labantu baseGrisi lalanda, abantu ababethi bangamaKristu nabo bayamukela le mfundiso. Isazi-mlando uJona Lendering sathi, “Kwaba lula ukuba imfundiso kaPlato ihlanganiswe nobuKristu ngoba yayithi umphefumulo wethu wake waba sendaweni engcono kodwa manje usuphila ezweni eliwohlokile.” Ngakho imfundiso engamanga yokuthi umphefumulo awufi yangena esontweni lababethi bangamaKristu futhi yaba imfundiso ebalulekile.

“IQINISO LIYONIKHULULA”

Ngekhulu lokuqala umphostoli uPawulu washo lesi sixwayiso: “Izwi eliphefumulelwe lisho ngokuqinisekile ukuthi ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Lawo mazwi ayiqiniso ngempela! Imfundiso yokuthi umphefumulo awufi ingenye ‘yezimfundiso zamademoni.’ Ayikho eBhayibhelini kunalokho isekelwe emfundisweni engamanga efundiswa yizinkolo namafilosofi.

Siyajabula thina ngoba uJesu wathi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Uma sifunda iqiniso eliseBhayibhelini siyakhululeka ezimfundisweni nasemikhubeni engamdumisi uNkulunkulu efundiswa izinkolo eziningi emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu lisikhulula kuwo wonke amasiko nezinkolelo ezihlobene nokufa.—Bheka ibhokisi elithi “Bakuphi Abafile?”

UMdali wethu wayengasidalelanga ukuba siphile iminyaka engu-70 noma engu-80 nje kuphela emhlabeni bese siyophila phakade kwenye indawo. Wayefuna ukuba abantu baphile phakade khona la emhlabeni futhi bamlalele. Lokho okwakuhloswe uNkulunkulu ngabantu ngeke kubhuntshe futhi kubonisa ukuthi uyasithanda. (Malaki 3:6) Umhubi owayephefumulelwe wasiqinisekisa ngokuthi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

Uma ufuna ukuthola okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngokufa nokuphila, bheka isahluko 6 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ungakuthola naku-www.jw.org/zu noma ungene ngokuvula le khodi.

a Amanye amaBhayibheli njenge-King James Version neBhayibheli lamaKatolika i-Douay Version ahumushe igama elithi ne’phesh ngokuthi “umphefumulo ophilayo,” kanti ezinye izinguqulo zesimanje njenge-New English Bible zilihumushe ngokuthi “isidalwa esiphilayo.” I-New International Version ne-Jerusalem Bible alihumushe ngokuthi “umuntu ophilayo,” kanti i-Today’s English Version ivele ithi “waqala ukuphila.”

Abantu Bangaphila Yini Phakade?

Eminyakeni embalwa edlule, abacwaningi bathole ukuthi kunezitshalo eziphila ngaphansi kwamanzi abacabanga ukuthi seziphile iminyaka engaphezu kweyizinkulungwane—okusho ukuthi mhlawumbe zindala kakhulu kunanoma yini enye ephilayo. Lezi zitshalo zingama-Posidonia oceanica, uhlobo lotshani olutholakala ezinzulwini zolwandle iMediterranean phakathi kweSpain neCyprus.

Uma izitshalo zikwazi ukuphila isikhathi eside kangaka, kuthiwani ngabantu? Abanye ososayensi abacwaninga ngokuguga komuntu banethemba lokuthi ingaba khona indlela yokuthi abantu baphile isikhathi eside. Ngokwesibonelo, enye incwadi ikhuluma “ngentuthuko ekhona kwezesayensi” kulo mkhakha wokucwaninga ngokuguga kwabantu. Ukuthi kukhona yini okungenziwa yisayensi ukuze umuntu aphile isikhathi eside, kusazobonakala.

Ukuphila kwethu isikhathi eside akuncikile ngempela kuyisayensi. IBhayibheli lithi kuncike kuMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, lithi: “Ukuwe umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) UJesu Kristu wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ngempela, uma sizama ukujabulisa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu siyokuthola ukuphila okuphakade.

Utshani basolwandle

Abacwaningi bakholelwa ukuthi lolu hlobo lotshani basolwandle selube khona iminyaka engaphezu kweyizinkulungwane

BAKUPHI ABAFILE?

UJesu uvusa uLazaru

IBhayibheli lithi abafile basemathuneni balinde ukuvuswa. (Johane 5:28, 29) Abahlupheki futhi abezwa buhlungu ngoba iBhayibheli lithi “abafileyo  . . . abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) UJesu wathi umuntu ofile ufana nomuntu olele zwí.ί. (Johane 11:11-14) Ngakho asikho isidingo sokusaba abantu abafile noma sokubenzela umsebenzi. Angeke basilimaze noma basisize “ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha [ethuneni].” (UmShumayeli 9:10) UNkulunkulu uzobavusa abafile aqede nokufa.—1 Korinte 15:26, 55; IsAmbulo 21:4.

Kungani Kufanele Ukwethembe Lokho IBhayibheli Elikushoyo?

Singakwethemba ngokuphelele lokho okushiwo iBhayibheli. Kungani? Ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  • Uphaphe lokubhala noyinki

    Linombhali Ohlukile: IBhayibheli linezincwadi ezingu-66 ezabhalwa abantu abangaba ngu-40. Ukulibhala kwabathatha iminyaka engu-1 600 kusukela ngo-1513 B.C.E. kuya ku-98 C.E. Noma kunjalo, elikushoyo kuyavumelana. Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi umBhali walo wangempela uNkulunkulu umninimandla onke. Nguye owayetshela abantu ababebhala iBhayibheli ukuthi babhaleni.

  • Insika

    Uma Likhuluma Ngomlando, Linembile: Izenzakalo ezibhalwe eBhayibhelini ziyavumelana nalokho okuye kwatholwa izazi zomlando. Incwadi ethi A Lawyer Examines the Bible ithi: “Izincwadi nabantu abaxoxa izindaba zakudala abasho ngokuqondile ukuthi into yenzeka nini kodwa ababhali beBhayibheli basitshela usuku nendawo into ethile eyenzeka ngalo.”

  • I-athomu

    Uma Likhuluma Ngesayensi, Linembile: IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi kodwa lapho likhuluma ngezinto zesayensi livele linembe ngisho noma leyo nto yayingakaziwa ngaleso sikhathi. Ngokwesibonelo, encwadini kaLevitikusi isahluko 13 no-14 kunemithetho yenhlanzeko neyezifo ezithelelanayo eyanikezwa ama-Israyeli abantu bengakazi lutho ngamagciwane nokuthelelana kwezifo. IBhayibheli liphinde likubeke kucace ukuthi umhlaba uyindilinga futhi ulenga emoyeni, into isayensi eyaphuza kabi ukuyithola.—Jobe 26:7; Isaya 40:22.

Lezi ngezinye nje zezibonelo ezibonisa ukuthi lisuke liqinisile iBhayibheli uma lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.”—2 Thimothewu 3:16

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela