Liwusizo Namuhla
“Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHUBO 119:105.
LIHLUKE KANJANI IBHAYIBHELI? Izincwadi eziningi zingabhekwa njengezincwadi ezinhle kakhulu, kodwa azisinikezi isiqondiso ekuphileni. Izincwadi zanamuhla ezinikeza iziqondiso kudingeka zithuthukiswe njalo. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lithi “izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.”—Roma 15:4.
ISIBONELO: Nakuba lingeyona incwadi yezokwelapha, iBhayibheli liqukethe amacebiso asizayo ngokomzwelo nangokwenyama. Ngokwesibonelo, lithi “inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Liphinde lisixwayise: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Libuye lithi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
OKWEMBULWA UCWANINGO: Ukuzola, ubungane obuqinile nokupha kungayithuthukisa impilo yakho. I-Journal of the American Medical Association iyabika: “Abantu abaqhuma ngentukuthelo basengozini yokushaywa unhlangothi izikhathi ezimbili uma kuqhathaniswa nabakwaziyo ukuzilawula.” Ucwaningo olwathatha iminyaka eyishumi olwenziwa e-Australia lwathola ukuthi abantu asebekhulile “ababenabangane noma abantu abaxoxa nabo izimfihlo” babevame ukuphila isikhathi esijana. Ngo-2008, abacwaningi baseCanada nabase-United States bathola ukuthi “ukuchitha imali nabanye abantu kwenza ukuba ujabule kunokuyidla wedwa.”
UCABANGANI? Ungasethemba yini iseluleko sezempilo esivela kunoma iyiphi incwadi eyaqedwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule? Noma ingabe iBhayibheli lihlukile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
“IBhayibheli lingikhanga kakhulu . . . ngoba liwumuthi ongungqá phambili.”—UHOWARD KELLY, UMQONDISI NELUNGU LABASUNGULI BESIKHUNGO I-JOHNS HOPKINS UNIVERSITY SCHOOL OF MEDICINE