“Lokhu Kusho Ukuphila Okuphakade”
“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—JOHANE 17:3.
ULWAZI lungasindisa ukuphila. Lapho uNouhou, onezinyanga eziyishumi ubudala, egula, unina—oyisisebenzi sezempilo eNiger—wayazi ukuthi kufanele enzeni. Wenzela indodana yakhe umbhubhudlo woshukela, usawoti namanzi ahlanzekile. I-UNICEF ithi ngenxa “yokuthatha kwakhe isinyathelo ngokushesha nokuphuthuma emtholampilo, ingane yakhe yelashwa masinyane.”
Ulwazi lweBhayibheli nalo lungakusindisa ukuphila kwabantu. Umlobi weBhayibheli wokuqala uMose wathi: “Akulona izwi elingasizi ngalutho kini, kodwa lisho ukuphila kwenu, futhi ngaleli zwi ningazandisa izinsuku zenu.” (Duteronomi 32:47) Ingabe iBhayibheli lingazandisa ngempela izinsuku zethu? Kungayiphi indlela lisho ukuphila kwethu?
Izihloko ezinhlanu ezandulele eziwuchungechunge kulo magazini zibonisile ukuthi iBhayibheli liyincwadi engenakuqhathaniswa ngenxa yokuba isiprofetho esinokwethenjelwa, ukunemba kwalo ngokomlando nangokwesayensi, ukuvumelana kwalo lilonke nokuba kwalo isiqondiso esisebenzayo. Lokhu kugcizelela ukuthi iBhayibheli lihlukile. Ngakho, uma lithi likuqondisa ekuphileni—ukuphila okuphakade—akufanele yini ukuba ulihlolisise?
Sikunxusa ukuba ufunde ukuthi ulwazi olunembile ngeBhayibheli lungakwenza kanjani ube nokuthula kwengqondo manje nenjabulo esikhathini esizayo. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukubonisa ukuthi ungaluthola kanjani lolo lwazi.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
IBhayibheli lihlukile futhi ngoba yilona kuphela elinikeza izimpendulo ezigculisayo emibuzweni eyisisekelo esiyibuzayo:
• Kungani silapha?
• Kungani kunokuhlupheka okungaka?
• Ingabe likhona ithemba ngabathandekayo bami abafile?
Ungathola izimpendulo zeBhayibheli zale mibuzo encwadini, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.