Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 6/15 k. 32
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Benqaba UMesiya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ungubani uJesu Kristu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 6/15 k. 32

Imibuzo Evela Kubafundi

UJesu wayelidabule lonke izwe eshumayela. Umphostoli uPetru wayengasho kanjani pho ukuthi amaJuda nababusi bawo ‘benza ngokungazi’ lapho befuna ukuba uJesu abulawe?—IzE. 3:17.

Ekhuluma nesixuku samaJuda ngendima yaso ekufeni kukaMesiya, umphostoli uPetru wathi: “Ngiyazi ukuthi nenza ngokungazi, njengoba nje kwenza nababusi benu.” (IzE. 3:14-17) Kungenzeka ukuthi amanye amaJuda ayemane nje engamqondi uJesu nezimfundiso zakhe. Kwamanye, izisusa zawo zokungazazi izinto ezingokomoya zazihlanganisa ukungabi nesifiso sokujabulisa uNkulunkulu, ubandlululo, umona nenzondo.

Cabangela indlela ukuntula isifiso sokujabulisa uJehova okwawuthonya ngayo umbono wabaningi ngezimfundiso zikaJesu. UJesu wayevame ukufundisa ngemifanekiso, eyichazela bonke ababefisa ukwazi okwengeziwe. Nokho, abanye babo babevele bazihambele, bangazihluphi ngokufuna ukuyiqonda. Ngesinye isikhathi, ngisho nabanye abafundi bacasulwa yinkulumo engokomfanekiso uJesu ayisebenzisa. (Joh. 6:52-66) Abanjalo abazange babone ukuthi imifanekiso kaJesu yayivivinya ukuzimisela kwabo ukushintsha ukucabanga nezenzo zabo. (Isaya 6:9, 10; 44:18; Math. 13:10-15) Baphinde bangasinaka nesiprofetho esasithi uMesiya wayeyosebenzisa imifanekiso lapho efundisa.—IHu. 78:2.

Abanye benqaba izimfundiso zikaJesu ngenxa yobandlululo. Lapho efundisa esinagogeni langakubo, eNazaretha, abantu “bakhexa.” Kodwa kunokwamukela uJesu njengoMesiya, babuzana ngemvelaphi yakhe: “Lo muntu uzithathephi lezi zinto? . . . Lona ngumbazi indodana kaMariya futhi ngumfowabo kaJakobe noJosefa noJuda noSimoni, akunjalo? Odadewabo bakanye nathi lapha, akunjalo?” (Marku 6:1-3) Kubantu baseNazaretha, ukukhulela kukaJesu emkhayeni ophansi kwabenza babheka izimfundiso zakhe njengezingabalulekile.

Kuthiwani ngabaholi benkolo? Iningi labo alimnakanga kangako uJesu ngenxa yezizathu ezifanayo. (Joh. 7:47-52) Okunye okwabenza bazenqaba izimfundiso zakhe ukuthi babenomona ngoJesu ngoba wayethandwa abantu. (Marku 15:10) Abantu abaningi abavelele baphatheka kabi lapho eveza ubuzenzisi nokukhohlisa kwabo. (Math. 23:13-36) UJesu wakuhlaba kufanele ukungazi kwabo kwangamabomu, ethi: “Maye kini zazi-Mthetho, ngoba nisuse isihluthulelo solwazi; nina ngokwenu aningenanga [eMbusweni], nalabo abangenayo nibathiyile!”—Luka 11:37-52.

UJesu washumayela izindaba ezinhle iminyaka emithathu nengxenye. Waphinde waqeqesha nabanye abaningi ukuba bahlanganyele kulowo msebenzi. (Luka 9:1, 2; 10:1, 16, 17) UJesu nabafundi bakhe babephumelela kangangokuthi abaFarisi bakhononda: “Bhekani! Izwe limlandele.” (Joh. 12:19) Ngakho akukhona ukuthi amaJuda amaningi ayengazi lutho nhlobo. Kunalokho, ngokuyinhloko akhetha ukuhlala ‘engamazi’ uJesu ukuthi wayenguMesiya. Ayenalo ithuba lokujulisa ulwazi nothando lwawo ngoMesiya, kodwa awazange alisebenzise. Amanye aba nesandla ekubulaweni kukaJesu. Yingakho umphostoli uPetru akhuthaza amaningi kuwo: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova nokuba anithumelele uKristu enamiselwa yena, uJesu.” (IzE. 3:19, 20) Kuyaphawuleka ukuthi kamuva izinkulungwane zamaJuda zaqala ukuqaphela uJesu, kuhlanganise ‘nesixuku esikhulu sabapristi.’ Azibange zisenza ngokungazi. Kunalokho, zaphenduka zazuza umusa kaJehova.—IzE. 2:41; 4:4; 5:14; 6:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela