Ukukholwa Ngokubona
“Umuntu okholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa ucabanga ukuthi akunakwenzeka ukwazi iqiniso ngezindaba ezinjengoNkulunkulu nokuphila kwesikhathi esizayo ubuKristu nezinye izinkolo ezigxile kukho. Noma, uma kungase kwenzeke ngesinye isikhathi, okungenani akunakwenzeka kulesi sikhathi.”—ISAZI SEFILOSOFI UBERTRAND RUSSELL, NGO-1953.
UMUNTU owaqamba igama elithi “agnostic [umuntu okholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa]” kwakuyisazi sezilwane okuthiwa uThomas Huxley. UHuxley, owazalwa ngo-1825, wayephila ngesikhathi sikaCharles Darwin futhi esekela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Ngo-1863, uHuxley wabhala ukuthi akabuboni ubufakazi bokuthi kunoNkulunkulu “osithandayo nosikhathalelayo njengoba kugomela ubuKristu.”
Abaningi namuhla bangavumelana nemibono yalawo madoda ayenethonya, bathi bakholelwa kulokho abakubonayo kuphela. Bangase bathi ukuba nokholo kothile noma kokuthile okungenabufakazi kuwukuthatheka ngokuphelele.
Ingabe iBhayibheli lifuna ukuba sikholelwe kuNkulunkulu ngokuthatheka? Ngokuphambene nalokho. IBhayibheli libonisa ukuthi kuwukuthatheka—empeleni kuwubuwula—ukukholelwa emazwini angenabo ubufakazi bokuwasekela. IBhayibheli lithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.
Kuthiwani-ke ngokukholelwa kuNkulunkulu? Ingabe bukhona ngempela ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa eyokuthi uyasithanda futhi uyasikhathalela?
Izimfanelo ZikaNkulunkulu Ziyembulwa
Lapho ekhuluma nongqondongqondo base-Athene, umlobi weBhayibheli uPawulu wagomela wathi uNkulunkulu ‘wenza umhlaba nakho konke okukuwo.’ UPawulu watshela lezi zilaleli zakhe ezazingabaza, ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esintwini, futhi empeleni, ‘akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:24-27.
Kungani uPawulu ayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi unesithakazelo endalweni yaKhe engabantu? UPawulu wembula esinye sezizathu lapho ebhalela amanye amaKristu emzini waseRoma. Wathi ngoNkulunkulu: “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.”—Roma 1:20.
Amakhasi alandelayo axoxa ngezimfanelo ezintathu zikaNkulunkulu ezingabonakala ngokucacile ezintweni azidalile. Njengoba uhlola lezi zibonelo, zibuze, ‘Ukufunda ngalezi zimfanelo zikaNkulunkulu kungithinta kanjani?’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
IBhayibheli alifuni ukuba sikholelwe kuNkulunkulu ngokuthatheka