Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Kubonakala Emvelweni
“NguYe osifundisa ngaphezu kwezilwane zomhlaba, futhi usenza sihlakaniphe ngisho nangaphezu kwezidalwa ezindizayo zamazulu.”—JOBE 35:11.
IZINYONI zinamakhono amangalisayo. Zenza imigilingwane emoyeni abaklami bezindiza abafisa ukuyilingisa. Ezinye izinhlobo zihamba izinkulungwane zamakhilomitha zinqamula ulwandle olungenazinto zokubekisa futhi zifike lapho ziya khona ngaphandle kwephutha.
Elinye ikhono elimangalisayo lezinyoni—elikwembula ngokwengeziwe ukuhlakanipha koMenzi wazo—yikhono lokukhulumisana ngokutshiyoza nokuhlabelela. Cabangela izibonelo ezithile.
Ukukhulumisana Kwezinyoni
Ezinye izinhlobo zezinyoni ziqala ukukhulumisana ngisho nangaphambi kokuba zichanyuselwe. Ngokwesibonelo, isigwaca esiyinsikazi sibekela amaqanda angaba ngu-8, elilodwa ngosuku. Uma wonke lawo maqanda ebengavuthwa ngesilinganiso esifanayo, ukuchanyuselwa kwawo bekuyothatha inkathi eyizinsuku ezingu-8. Umama ubeyobe esebhekana nomsebenzi onzima wokunakekela amachwane angabambeki, asenesonto ubudala kuyilapho esafukamele iqanda elingakachanyuselwa. Kunalokho, wonke la machwane ezigwaca angu-8 achanyuselwa phakathi nenkathi engamahora ayisithupha. Kwenzeka kanjani lokho? Abacwaningi baye baveza ukuthi isizathu esiyinhloko siwukuthi amachwane ezigwaca angakachanyuselwa ayakhulumisana engaphakathi emagobolondweni futhi ngandlela-thile avumelanise isikhathi ukuze achanyuselwe cishe kanyekanye.
Lapho izinyoni sezindala, ngokuvamile eyeduna ehlabelelayo. Yenza kanjalo ikakhulukazi ngenkathi yokukhwelana ukuze iphawule indawo yayo noma ikhange eyensikazi. Uhlobo ngalunye lwezinkulungwane zezinyoni lunolimi lwalo, uma singasho kanjalo, futhi lokhu kusiza izinsikazi ukuba zithole abangane bohlobo lwazo.
Ngokuyinhloko izinyoni zihlabelela ekuseni nantambama, futhi ngesizathu esihle. Ngalezo zikhathi umoya awumkhulu futhi mncane umsindo endaweni ezungezile. Abacwaningi baye bathola ukuthi umculo wezinyoni uzwakala ngokuphindwe izikhathi ezingu-20 ekuseni nantambama kunaphakathi nosuku.
Nakuba amaduna kuyiwona ahlabelelayo ngokuvamile, kokubili amaduna nezinsikazi zenza imisindo ehlukahlukene enezincazelo ezingafani. Ngokwesibonelo, amasakabuli anemisindo engu-9 ehlukene. Enza umsindo othile wokuxwayisa uma kunosongo emoyeni—njengalapho kunenyoni edla ezinye—kodwa enze umsindo ohlukile wokuxwayisa uma usongo luhamba phansi.
Isipho Esiphakeme Kakhulu
Ngokuqinisekile ukuhlakanipha kwezinyoni okungokwemvelo kuhlaba umxhwele. Kodwa uma kuziwa emakhonweni okukhulumisana, abantu bahlaba umxhwele nakakhulu. UJobe 35:11 uthi uNkulunkulu wenza abantu ‘bahlakanipha ngisho nangaphezu kwezidalwa ezindizayo zamazulu.’ Abantu kuphela abanekhono lokudlulisa imicabango ehlukahlukene eyinkimbinkimbi nemiqondo ngemisindo ekhishwa iphimbo noma ngokushukuma komzimba.
Ngokungafani nezinye izidalwa, izinsana ezingabantu kubonakala ziklanyelwe ukufunda izilimi eziyinkimbinkimbi. Iphephabhuku elikuyi-Internet i-American Scientist lithi: “Abantwana bayakwazi ukufunda ulimi ngisho nalapho abazali bengakhulumi nabo ngokuqondile; izingane eziyizithulu zize zizakhele ezazo izimpawu zolimi lwezandla uma zingalufundiswa ulimi lwezandla ekhaya.”
Ikhono lokuveza imicabango nemizwelo yethu ngokukhuluma noma ngezimpawu ngempela liyisipho esimangalisayo esivela kuNkulunkulu. Kodwa, isipho esikhulu kunazo zonke esiphiwe abantu yikhono lokukhuluma noNkulunkulu ngomthandazo. Empeleni, uJehova uNkulunkulu usimema ukuba sikhulume naye. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.
Lapho kufanele senze izinqumo ezinzima, uJehova ufuna ukuba sithembele olwazini olukhulu enze ukuba lulotshwe eBhayibhelini. Uyosisiza nokuba sazi indlela yokusebenzisa iseluleko esisithola lapho. Umlobi weBhayibheli uJakobe uthi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.”—Jakobe 1:5.
Wena Uthinteka Kanjani?
Wena uthinteka kanjani lapho ulalela izinyoni zihlabelela kamnandi noma umntwana efunda ukubiza igama lokuqala? Ingabe ubona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ezintweni azenzile?
Ngemva kokuzindla ngendlela ayenziwe ngayo, umhubi uDavide washukumiseleka ukuba athi kuNkulunkulu: “Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.” (IHubo 139:14) Njengoba uhlola ngokwazisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okubonakala endalweni, ngokuqinisekile luyokhula ukholo lwakho ekhonweni lakhe lokukunika isiqondiso esinengqondo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ikhono lokukhuluma liyisipho esivela kuNkulunkulu
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
© Dayton Wild/Visuals Unlimited