Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 1 kk. 6-7
  • Impilo Enhle Nokubekezela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo Enhle Nokubekezela
  • I-Phaphama!—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngiphikelela Kangakanani?
    Intsha Iyabuza
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Ngingayilawula Kanjani Imizwa Yami?
    I-Phaphama!—2005
  • Indlela Ongabhekana Ngayo Nenkinga Yempilo Engalindelekile
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 1 kk. 6-7
Owesifazane ukha izithelo

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Impilo Enhle Nokubekezela

UKUGULA OKUNGAPHELI NOMA UKUKHUBAZEKA, KUNGAKUPHAZAMISA UKUPHILA. Indoda okuthiwa u-Ulf eyayikade iwumqemane yabe isikhubazeka, yathi: “Ngaphelelwa amandla nesibindi, kwakungathi sekuphelile ngami.”

Okwenzeka ku-Ulf kusikhumbuza ukuthi ngezinye izikhathi asikwazi ukulawula lokho okwenzeka ekuphileni kwethu. Noma kunjalo, kukhona esingakwenza ukuze sizame ukunciphisa amathuba okugula. Kodwa singenzenjani uma impilo yethu iqhubeka iwohloka? Ingabe lokho kusho ukuthi asisoze sajabula? Sizobona ukuthi akunjalo. Okwamanje, ake sixoxe ngamavesi asikhuthaza ukuba sizigcine sinempilo enhle.

‘LINGANISELA.’ (1 Thimothewu 3:2, 11) Ukuba nomkhuba wokuphuza ngokweqile nokudla kakhulu, kungakugulisa futhi kukuqedele nemali! “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza. Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu.”—IzAga 23:20, 21.

UNGAWUNGCOLISI UMZIMBA WAKHO. “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Abantu ababhemayo, abaphuza ngokweqile nabasebenzisa izidakamizwa, bangcolisa imizimba yabo. Ngokwesibonelo, i-U.S. Centers for Disease Control and Prevention ithi ukubhema “kuholela ezifweni nasekukhubazekeni futhi kulimaza cishe zonke izicubu ezisemzimbeni.”

KHUMBULA UKUTHI UMZIMBA WAKHO NOKUPHILA KWAKHO KUYIZIPHO EZIYIGUGU. “Ngoba [ngoNkulunkulu] siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.” (IzEnzo 17:28) Ukukhumbula lelo qiniso, kuyasisiza sigweme ukwenza izinto ezingafaka ukuphila kwethu engozini lapho sisebenza, sishayela nalapho sikhetha ukuthi sizozijabulisa ngani. Akufanele sifake ukuphila kwethu engozini ukuze nje sizijabulise isikhashana!

LAWULA INDLELA OZIZWA NGAYO. Okwenzeka engqondweni yakho kuyawuthinta umzimba wakho. Yingakho kufanele ugweme ukukhathazeka ngokungenasidingo, ukuthukuthela kakhulu, umona neminye imizwa elimazayo. IHubo 37:8 lithi: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka.” IBhayibheli liphinde lithi: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.”—Mathewu 6:34.

ZAMA UKUCABANGA NGEZINTO EZAKHAYO. IzAga 14:30 zithi: “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” IBhayibheli liphinde lithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.” (IzAga 17:22) Ngisho nesayensi iyakufakazela lokhu. Udokotela oseScotland uthi, “Mancane amathuba okuba umuntu ojabule agule, uma kuqhathaniswa nomuntu ongajabule.”

BEKEZELA. Njengo-Ulf esikhulume ngaye ekuqaleni, kungase kungabi bikho esingakwenza ngenkinga esibhekene nayo. Ngisho noma kunjalo, singazithola izindlela zokuphila nayo. Abanye bavele badikibale, okwenza izinto zibe zimbi kakhulu. IzAga 24:10 zithi, “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.”

Abanye abazizwa bedangele baba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Bayasijwayela isimo. Bathola indlela yokuqhubeka nokuphila ngisho noma izinkinga zingakapheli. Yilokho okwenzeka ku-Ulf. Uthi ngemva kokuthandaza kaningi nokuzindla ngomyalezo weBhayibheli okhuthazayo, “waqala ukubona amathuba ayemvulekele kunokuba anake izinkinga.” Njengabo bonke abantu ababhekana nezinkinga, u-Ulf wafunda ukuba nozwela okwamenza waxoxela abanye ngezinto eziduduzayo eziseBhayibhelini.

Omunye umuntu owezwa ubuhlungu obukhulu, indoda okuthiwa uSteve. Lapho eneminyaka engu-15, wavelelwa ingozi eyamkhubaza kusukela entanyeni kwehle. Lapho eseneminyaka engu-18, wayesekwazi ukusebenzisa izingalo zakhe. Waya eyunivesithi, kodwa wafika khona wacwila otshwaleni, ezidakamizweni nasekuziphatheni okubi. Wayesephelelwe ithemba. Kodwa lokho kwashintsha lapho eqala ukufunda iBhayibheli. Lamsiza waba nombono ohlukile ngokuphila, futhi wakwazi ukunqoba imikhuba yakhe emibi. Uthi, “Ngase ngazi ukuthi ngiphilelani. Manje nginokuthula, ngijabule futhi nganelisekile.”

Lokho okushiwo uSteve no-Ulf kusikhumbuza amazwi asencwadini yeHubo 19:7, 8: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa umphefumulo.  . . Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.”

AMAPHUZU AYINHLOKO

Iseluleko esivela kuNkulunkulu ‘sibuyisa amandla, sibangela inhliziyo ukuba ijabule, futhi sikhanyisa amehlo’ lapho sisisebenzisa.​—IHubo 19:7, 8.

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba . . .

  • Silinganisele

  • Sinakekele imizimba yethu

  • Sikhumbule ukuthi ukuphila kungcwele

  • Silawule indlela esizizwa ngayo

  • Sicabange izinto ezakhayo

  • Siqine

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela