Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 95
  • Ngiphikelela Kangakanani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngiphikelela Kangakanani?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyini ukuphikelela?
  • Kungani kudingeka uphikelele?
  • Ungaba kanjani umuntu ophikelelayo?
  • Ukuphikelela
    I-Phaphama!—2019
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Indlela Yokubhekana Noshintsho
    I-Phaphama!—2016
  • Ukusiza Izingane Zibhekane Nokwehluleka
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 95
Umfana ushintshashintsha imizwa, uqala edangele aze abonakale engcono kakhulu ngenxa yokuphikelela.

INTSHA IYABUZA

Ngiphikelela Kangakanani?

Uphikelela kangakanani? Wake . . .

  • washonelwa umuntu omthandayo?

  • wagula isikhathi eside?

  • wabhekana nezinhlekelele zemvelo?

Abacwaningi bathi akuzona izinkinga ezinkulu kuphela ezidinga umuntu aphikelele. Ngisho nokucindezeleka kosuku nosuku kungawukhandla umzimba wakho. Yingakho kubalulekile ukuba ube umuntu okwaziyo ukuphikelela, ngisho noma izinkinga zakho zizincane noma zinkulu.

  • Kuyini ukuphikelela?

  • Kungani kudingeka uphikelele?

  • Ungaba kanjani umuntu ophikelelayo?

  • Okushiwo ontanga yakho

Kuyini ukuphikelela?

Ukuphikelela yikhono lokukwazi ukubhekana nezinkinga nezimo zokuphila ezishintshashintshayo ngokuphumelelayo. Abantu abaphikelelayo banazo izinkinga njengabo bonke abantu. Nakuba bengaphuma kulezo zinkinga belimele kodwa baqina nakakhulu.

Izithombe ezimbili ezibonisa izihlahla zesundu. 1. Esokuqala, sigotshiswe isiphepho. 2. Esesibili, sima siqonde ngemva kwesiphepho.

Ungakwazi ukumelana nobunzima njengoba nje nezihlahla zigoba uma kunesiphepho, ziphinde zime ziqonde uma sesiphelile

Kungani kudingeka uphikelele?

  • Ngoba wonke umuntu uyabhekana nezinkinga. IBhayibheli lithi: “Abanejubane abaphumeleli njalo emncintiswaneni, . . . nabahlakaniphile abaphumeleli njalo ngoba isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile zibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Sifundani? Ngisho nabantu abalungile bayabhekana nezinto ezimbi kube kungelona iphutha labo.

  • Ngoba ukuphikelela kuyakuvikela. Umeluleki osebenza esikoleni samabanga aphakeme uthi: “Kufika abafundi abaningi ehhovisi lami bekhala ngoba bethole amamaki aphansi esivivinyweni sabo noma ngoba othile esho into engeyinhle ngabo ezinkundleni zokuxhumana.” Uthi lezi zinkinga zibonakala zincane kodwa umfundi angase acindezeleke ngokomzwelo nasengqondweni uma engazi ukuthi kumele azisingathe kanjani.a

  • Ngoba ukuphikelela kuzokusiza manje nalapho usukhulile. Ekhuluma ngokudumazeka ekuphileni, udokotela wengqondo uDkt. Richard Lerner ubhala ukuthi: “Ukuba umuntu okhulile kuhlanganisa ukukwazi ukuvuka uzithathe lapho ubhekene nokudumazeka ekuphileni, ukuzibekela imigomo emisha noma ukuthola ezinye izindlela zokufinyelela lokho ofuna ukukwenza.”b

Ungaba kanjani umuntu ophikelelayo?

  • Bheka ukuthi izinkinga zakho zinkulu kangakanani. Funda ukuhlukanisa izinkinga ezinkulu nezinkinga ezincane. IBhayibheli lithi: “Isiwula siyashesha ukubonisa ukucasuka, kodwa onokuqonda akakunaki ukuhlanjalazwa.” (IzAga 12:16) Akuzona zonke izinkinga okufanele zikukhathaze kakhulu.

    “Esikoleni izingane zake zakhalaza ngezinto eziwubala njengokungathi zazinkulu. Lapho abangani bazo bephendula bevumelana nazo ezinkundleni zokuxhumana, kwaba sengathi bafaka uphethiloli emlilweni. Zacasuka nakakhulu, kwaba nzima ukuba zibheke izinkinga zazo ngeso elifanele.”—UJoanne.

  • Funda kwabanye. Isaga seBhayibheli sithi: “Njengoba nje insimbi ilola enye insimbi, nomuntu ulola umngani wakhe.” (IzAga 27:17) Singafunda izifundo ezibalulekile kubantu abake babhekana nobunzima ekuphileni.

    “Lapho uxoxa nabantu, uzothola ukuthi badlule ebunzimeni obukhulu kodwa manje izinto sezingcono. Khuluma nabo uthole ukuthi yini abayenza nabangayenzanga ukuze babhekane nesimo.”—UJulia.

  • Yiba nesineke. IBhayibheli lithi: “Olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke.” (IzAga 24:16) Kuthatha isikhathi ukwamukela isimo esinzima, ngakho ungamangali uma ngezinye izikhathi kungakuhambeli kahle. Into ebaluleke kakhulu ‘ukuphinde uvuke.’

    “Uma ukade ubhekene nobunzima, kumele ululame kahle enhliziyweni nangokomzwelo. Kuhlale kwenzeka kanjalo futhi kuthatha isikhathi. Ngifunde ukuthi njengoba isikhathi sihamba, nezinto ziya ngokuya ziba ngcono.”—U-Andrea.

  • Yiba umuntu obongayo. IBhayibheli lithi: “Yibani ngababongayo.” (Kolose 3:15) Zihlale zikhona izinto ongabonga ngazo, ngisho ngabe ubheke nobunzima obungakanani. Cabanga ngezinto ezintathu ezingakwenza ukujabulele ukuphila.

    “Uma usebunzimeni uzithola usuthi, ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi?’ Ukuphikelela akusho ukuhlala ucabanga ngezinkinga zakho kodwa kusho ukuba nombono omuhle nokubonga ngalokho onakho nangalokho okwazi ukukwenza.”—USamantha.

  • Funda ukwaneliseka. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngiye ngafunda ukwaneliseka noma ngabe ngikuziphi izimo.” (Filipi 4:11, umbhalo waphansi) Izinkinga zikaPawulu zazingaphezu kwamandla akhe. Kodwa wayengakulawula lokho ayengakwenza ngalezo zinkinga. UPawulu wayezimisele ukuhlala anelisekile.

    “Engikufundile ukuthi into yokuqala engiyenzayo lapho ngibhekene nenkinga ihlale ingeyona isixazululo esikahle. Ngifuna ukuhlale nginesimo esihle sengqondo noma ngabe ngibhekene nasiphi isimo. Lokho kuyozuzisa mina nabaseduze kwami.”—UMatthew.

  • Thandaza. IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungile awe.” (IHubo 55:22) Umthandazo awuyona nje into oyenza ukuze uzizwe ungcono. Usuke ukhuluma noMdali wakho ‘okukhathalelayo.’—1 Petru 5:7.

    “Akudingeki ngibhekane nobunzima ngedwa. Lapho ngithandaza ngitshela uNkulunkulu ngazo zonke izinkinga zami futhi ngimbonga ngezibusiso anginike zona, imicabango emibi iyaphela ngoba ngigxila kulokho uJehova angibusise ngakho. Ave kubalulekile ukuthandaza!”—UCarlos.

Okushiwo ontanga yakho

USarahi.

“Njengoba sinesono, sonke siyawenza amaphutha—hhayi kanye nje kodwa usuku nosuku. Asikwazi ukukushintsha lokho, kodwa into engasisiza sikwazi ukuphikelela ukufunda emaphutheni ethu. Uma usubhekene nesimo esifanayo ngokulandelayo, ungazibuza, ‘Yini ehlukile engizoyenza kulokhu?’”—USarahi.

U-Isabelle.

“Omunye wemiBhalo engiyithandayo uMathewu 6:27, lapho uJesu abuza: ‘Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ngisho nomzuzu owodwa esikhathini sakhe sokuphila?’ Ngezinye izikhathi ngicabanga kakhulu, ngikhathazeke ngokungenasidingo. Ngakho ngizama ukucabanga ngalokho okwenzeka ngaleso sikhathi. Ukukhathazeka ngento engingenakuyilawula akungisizi ngalutho.”—U-Isabelle.

Ukubukeza: Ngingaba kanjani umuntu ophikelelayo?

  1. 1. Bheka ukuthi izinkinga zakho zinkulu kangakanani. Funda ukuhlukanisa izinkinga ezinkulu nezinkinga ezincane.

  2. 2. Funda kwabanye. Khuluma nomzali wakho noma nomunye umuntu omdala omethembayo owake wabhekana nezinkinga.

  3. 3. Yiba nesineke. Kuthatha isikhathi ukwamukela ukuthi ubhekene nezinkinga, ngakho ungadikibali uma ubona sengathi uyephuza ukululama ngokomzwelo.

  4. 4. Yiba umuntu obongayo. Zihlale zikhona izinto ongabonga ngazo ngisho noma ngabe ubhekene nobunzima obungakanani.

  5. 5. Funda ukwaneliseka. Asikwazi ukuzikhethela izimo esizobhekana nazo ekuphileni kodwa singakukhetha lokho esikwenza uma sesibhekene nazo.

  6. 6. Thandaza. Lapho uthandaza usuke ukhuluma noMdali wakho ‘okukhathalelayo.’—1 Petru 5:7.

a Lokhu kuthathwe encwadini ethi, Disconnected, ebhalwe uThomas Kersting.

b Lokhu kuthathwe encwadini ethi, The Good Teen—Rescuing Adolescence From the Myths of the Storm and Stress Years.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela