Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/10 k. 9
  • Ukwenza Isikhathi Sezinto Ezibalulekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza Isikhathi Sezinto Ezibalulekile
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngaso Sonke Isikhathi Yibani Nokuningi Enikwenzayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • “Isikhathi Esisele Sesinciphile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 4/10 k. 9

Ukwenza Isikhathi Sezinto Ezibalulekile

“Isikhathi esesisele sinciphile.”—1 Korinte 7:29.

“UKUGXUMELA emanzini bese uzithela ngawo akusho ukuthi uyabhukuda,” kubhala uMichael LeBoeuf encwadini yakhe ethi Working Smart.

Ngamanye amazwi, kungaba nomehluko phakathi kokusebenza nje nokwenza okuthile okubaluleke ngempela. Ake ubheke leli sonto elidlule. Yini oye wazinika isikhathi sokuyenza? Yini obe matasa kakhulu wangakwazi ukuyenza? Uyasibona yini isidingo sokuzinika isikhathi esithé xaxa sokwenza izinto ezibaluleke ngempela?

Cabanga ngalokho uJesu akubikezela mayelana nezikhathi zethu eziphuthumayo. Wathi njengoba lesi simiso siya ekupheleni futhi kusondela izwe elisha likaNkulunkulu lokulunga, abafundi bakhe babeyoba matasa. Benzani? Beshumayela ‘izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.’ UJesu wabuye wathi abantu abaningi babeyoba matasa kakhulu bengafuni ukulalela. Babeyoba magange bephishekela izinto zokuphila ezivamile. Wanezela nokuthi labo abamatasa kakhulu bengasinaki isigijimi soMbuso babeyobhujiswa.—Mathewu 24:14, 37-39; Luka 17:28-30.

Namuhla, oFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emazweni angaphezu kwangu-230. Njengoba nje uJesu ayebikezele, abaningi ababalaleli, bathi “bamatasa kakhulu.” Kodwa sikumema ukuba uzinike isikhathi ekuphileni kwakho okumatasa sokuhlola lokho iBhayibheli elikufundisayo ngoMbuso kaNkulunkulu. Sinethemba lokuthi lapho ufunda ngezibusiso uNkulunkulu azigcinele isintu, uyovuma ukuthi ukuzwa nokulalela isigijimi seBhayibheli kuyinto ebaluleke ngempela, okuthile okufanele uzinike isikhathi sokukwenza.a

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze ufunde okwengeziwe, thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5 noma uvakashele ingosi yethu ye-Internet ethi www.watchtower.org.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela