Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?
▪ EBhayibhelini sithola lo myalo kaJesu kubalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi . . . nibafundise.” (Mathewu 28:19, 20) Ingabe lo myalo owawo wonke amaKristu? Abafundi bakaJesu bokuqala baqonda ukuthi owawo wonke. Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru wathi: “[UJesu] wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele.” (IzEnzo 10:42) Umphostoli uPawulu yena wabhala: “Kubekwé isidingo phezu kwami. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!”—1 Korinte 9:16.
Akuyena uPawulu noPetru kuphela abalalela umyalo kaJesu kodwa nawo wonke amaKristu angekhulu lokuqala awulalela. Ayaziwa ngawo umsebenzi wokushumayela. (IzEnzo 5:28-32, 41, 42) OFakazi BakaJehova namuhla bazama ukwenza okufanayo. Bashumayela ngalokho uJesu ayeshumayela ngakho, “umbuso wamazulu.”—Mathewu 10:7.
Isigijimi soMbuso kufanele sishunyayelwe kobani? UJesu wabonisa ukuthi kufanele sishunyayelwe kubo bonke abantu yonke indawo. Watshela abafundi bakhe: “Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Wabikezela nokuthi ngaphambi kokuba kufike isiphelo salesi simiso sezinto, “lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi.” (Mathewu 24:14) Elalela lo myalo, amaKristu ekhulu lokuqala awazange nje azame ukukhuluma nabantu ayejwayelene nabo noma ababengenankolo kodwa akhuluma nabo bonke abantu. (Kolose 1:23; 1 Thimothewu 2:3, 4) Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bazama ukufinyelela wonke umuntu.a
Iyiphi indlela ephumelela kakhulu yokusakaza isigijimi soMbuso? UJesu wayazi ukuthi bangafinyelelwa kanjani abantu abaningi ngangokunokwenzeka, wathuma abafundi bakhe emizini, emizaneni nasemakhaya abantu. (Mathewu 10:7, 11, 12) Ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, abafundi bakhe baqhubeka nokushumayela “endlini ngendlu.” (IzEnzo 5:42) Njengoba kwenza uJesu, babebuye bashumayele nomaphi lapho behlangana khona nabantu nasezindaweni zomphakathi. (Johane 4:7-26; 18:20; IzEnzo 17:17) Namuhla oFakazi BakaJehova basebenzisa lezo zindlela ukuze bashumayele kubo bonke abantu.
UJesu wathi akuyena wonke umuntu oyolalela. (Mathewu 10:14; 24:37-39) Ingabe lokho kufanele kuvimbele amaKristu ukuba ashumayele? Cabanga ngalesi siqhathaniso: Ukube ubuseqenjini labatakuli ngemva kokuzamazama komhlaba okukhulu, ubuyoyeka yini ukufuna abantu ngenxa nje yokuthi ngemva kwesikhathi eside nifuna kutholakala abambalwa abasindile? Ubungeke, ubuyoqhubeka ufuna uma nje kusekhona ithemba lokuthi kukhona noma oyedwa osindile. UJesu wayala abafundi bakhe ukuba baphikelele uma nje lisekhona ithemba lokuthola umuntu ozokwamukela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 10:23; 1 Thimothewu 4:16) Ngokufuna abanjalo endlini ngendlu, oFakazi BakaJehova babonisa uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane babo, okuphila kwabo kuxhomeke ekuzweni nasekwamukeleni isigijimi soMbuso.—Mathewu 22:37-39; 2 Thesalonika 1:8.
Umagazini owufundayo unikeza umyalezo weBhayibheli. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, sicela uxoxe noFakazi BakaJehova uma bephinda bekuvakashela noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.
[Umbhalo waphansi]
a Manje oFakazi BakaJehova bashumayela emazweni angu-236. Ngonyaka odlule, bachitha amahora ayizigidi ezingu-1.7 emsebenzini wokushumayela futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyizigidi ezingu-8.5 emhlabeni wonke.