Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 155
  • Lithini IBhayibheli Ngokupha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Ngokupha?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Kunini lapho ukupha kuzuzisa khona?
  • Kunini lapho ukupha kungekuhle khona?
  • “UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ingabe Unawo Umoya Wokupha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • UJehova Uyabathanda Abantu Abapha Bethokoza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Thola Injabulo Ngokupha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 155
Indoda iphethe ibhokisi elinesipho

Lithini IBhayibheli Ngokupha?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli likhuthaza ukuba umuntu aphe ngokuzithandela nangesisusa esihle. Libonisa ukuthi ukupha okunjalo akugcini ngokuzuzisa umuntu ophiwayo kodwa kuzuzisa nalowo ophayo. (IzAga 11:25; Luka 6:38) UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzEnzo 20:35.

  • Kunini lapho ukupha kuzuzisa khona?

  • Kunini lapho ukupha kungekuhle khona?

  • Amavesi eBhayibheli ngokuphathelene nokupha

Kunini lapho ukupha kuzuzisa khona?

Ukupha kuyazuzisa lapho umuntu ekwenza ngokuzithandela. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokuba manqikanqika noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuntu ojabulayo lapho epha.”​—2 Korinte 9:7, umbhalo waphansi.

Ukupha okusuka enhliziyweni kungenye “indlela yokukhonza” eyamukelwa uNkulunkulu. (Jakobe 1:27, umbhalo waphansi) Umuntu osiza abantu abadinga usizo ngenhliziyo evumayo usebenzisana noNkulunkulu, obheka lokho kupha njengesikweletu sakhe. (IzAga 19:17) IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyombuyisela ophayo.​—Luka 14:12-14.

Kunini lapho ukupha kungekuhle khona?

Uma kwenziwa ngezisusa ezimbi. Nazi izibonelo:

  • Ukuze ubukise kwabanye.​—Mathewu 6:2.

  • Ukuze uzuze okuthile.​—Luka 14:12-14.

  • Ukuze uzame ukuthenga insindiso.​—IHubo 49:6, 7.

Uma kusekela imisebenzi noma isimo sengqondo esilahlwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungaba kubi ukunikeza umuntu imali ukuze ayogembula noma ayosebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala. (1 Korinte 6:9, 10; 2 Korinte 7:1) Ngokufanayo, akukuhle ukumnikeza imali umuntu okwaziyo ukuzisekela ngokwezimali kodwa ongafuni ukwenza kanjalo.​—2 Thesalonika 3:10.

Uma kungqubuzana nemithwalo umuntu ayiphathiswe uNkulunkulu. IBhayibheli lifundisa ukuthi izinhloko zemindeni kumelwe zinakekele izidingo zemindeni yazo. (1 Thimothewu 5:8) Ngeke kube kuhle ukuthi inhloko yomndeni iphe abanye izinto eziningi kuyilapho ihluphekisa umndeni wayo. Ngokufanayo, uJesu wabalahla labo ababenqaba ukondla abazali babo asebekhulile ngoba bethi konke ababenakho ‘kwakuyisipho esinikelwe kuNkulunkulu.’​—Marku 7:​9-13.

Amavesi eBhayibheli akhuluma ngokupha

IzAga 11:25: “Umuntu ophanayo uyochuma, noma ubani owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka.”

Incazelo: Ukupha akuzuzisi nje kuphela lowo ophiwayo kodwa nalowo ophayo.

IzAga 19:17: “Obonisa ophansi umusa uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngalokho akwenzayo.”

Incazelo: UNkulunkulu uzibheka njengonesikweletu kulabo abasiza abaswele futhi uthembisa ukuthi uzobabuyisela labo abapha abanye.

Mathewu 6:2: “Lapho wenzela abampofu okuhle ngesihe, ungaqali ngokushaya icilongo, njengoba nabazenzisi benza . . . ukuze badunyiswe ngabantu.”

Incazelo: Akufanele siphe abanye ukuze nje sibukise.

IzEnzo 20:35: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”

Incazelo: Ukupha ngokusuka enhliziyweni kuletha injabulo.

2 Korinte 9:7: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuntu ojabulayo lapho epha.”

Incazelo: Ukupha ngokuzithandela kuyamjabulisa uNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela