Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 154
  • Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Umhlaba Uyisicaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Umhlaba Uyisicaba?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi “emikhawulweni yomine yomhlaba”?
  • Kwenzekani ngesikhathi uDeveli elinga uJesu?
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Funda Endleleni UJesu Abhekana Ngayo Nezilingo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 154
Umhlaba oyisiyingi esiyisicaba

Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Umhlaba Uyisicaba?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, iBhayibheli alifundisi ukuthi umhlaba uyisicaba.a IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi. Kodwa akukho eBhayibhelini okuphikisana nezinto ezifundiswa isayensi okunobufakazi bokuthi ziyiqiniso. Okushiwo iBhayibheli ‘kuhlale kuthembekile kuze kube nini nanini.’​—IHubo 111:8.

  • Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi “emikhawulweni yomine yomhlaba”?

  • Kwenzekani ngesikhathi uDeveli elinga uJesu?

Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi “emikhawulweni yomine yomhlaba”?

EBhayibhelini inkulumo ethi “emikhawulweni yomine yomhlaba” nethi “emikhawulweni yomhlaba,” ayisho ukuthi umhlaba uyisikwele noma kukhona lapho ofike uphele khona. (Isaya 11:12; Jobe 37:3) Kunalokho, kumane kuyizingathekiso ezibhekisela emhlabeni uwonke. IBhayibheli lisuke lichaza into efanayo lapho likhuluma ‘ngempumalanga nentshonalanga, nenyakatho neningizimu.’​—Luka 13:29.

Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “emikhawulweni,” liyisisho esisuselwa egameni elichaza “amaphiko.” I-International Standard Bible Encyclopedia ithi, ngenxa yokuthi inyoni isebenzisa amaphiko ayo ukuze imboze amachwane ayo, leli gama lisiHebheru lisetshenziswa ukuze lichaze amaphethelo anoma yini eluliwe. Le ncwadi iphinde ithi kuJobe 37:3; naku-Isaya 11:12, “leli gama lichaza izilwandle, imingcele noma izindawo ezikude kakhulu zomhlaba.”b

Kwenzekani ngesikhathi uDeveli elinga uJesu?

Ukuze alinge uJesu, “uDeveli waphinde wamthatha waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Mathewu 4:8) Abanye bathi le ndaba yeBhayibheli ibonisa ukuthi umhlaba uyisicaba, kunendawo ongaya kuyo ukuze uwubone wonke. Nokho, ‘intaba ephakeme ngokungajwayelekile’ okukhulunywa ngayo kule ndaba akuyona intaba ekhona ngempela, kumane kuyisingathekiso. Nazi izizathu ezenza sisho kanjalo.

  • Ayikho intaba emhlabeni ongama kuyo bese ubona yonke imibuso yomhlaba.

  • USathane akagcinanga ngokubonisa uJesu imibuso kuphela, kodwa wambonisa “nenkazimulo yayo.” Lokho akuyona into ongayibona ukude, ngakho kubonakala sengathi uSathane wasebenzisa umbono ukuze abonise uJesu lezi zinto. Lokhu kungafana nendlela umuntu asebenzisa ngayo iphrojektha neskrini ukuze abonise omunye izithombe zezindawo ezahlukahlukene ezisemhlabeni.

  • ULuka 4: 5 uthi uDeveli wabonisa uJesu “yonke imibuso yomhlaba owakhiweyo ngomzuzwana nje,” okuyinto iso lomuntu ovamile elingeke likwazi ukuyibona. Lokhu kubonisa ukuthi ngesikhathi uDeveli elinga uJesu, akazange ambonise lezo zinto ngendlela evamile kodwa wasebenzisa enye indlela.

a Lapho likhuluma ngoNkulunkulu iBhayibheli lithi ‘uyiLowo ohlala ngaphezu kwesiyingi somhlaba.’ (Isaya 40:22) Ezinye izincwadi zithi igama elithi “isiyingi” lingasho ibhola, kodwa ezinye izifundiswa azivumelani nalokho. Kunoma yikuphi, iBhayibheli alisho ukuthi umhlaba uyisicaba.

b UHlelo Olubukeziwe, uMqulu 2, ikhasi 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela