cako74/DigitalVision Vectors via Getty Images
HLALANI NILINDILE!
Udlame Lwezepolitiki—Lithini IBhayibheli?
Sekuyinto evamile ukuba izikhulu zikahulumeni zibhekane nodlame.
Kungani kunodlame oluningi kangaka lwezepolitiki? Ingabe luyoke luphele? Lithini iBhayibheli?
Ukuhlukana kwemibono lwezepolitiki kwakubikezelwe
IBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sethu, esibizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ abantu abaningi babeyoba nesimo sengqondo esibangela ukuba kube nodlame nokungavumelani.
“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba . . . abangabongi, abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abanolaka, . . . abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.”—2 Thimothewu 3:1-4.
IBhayibheli laphinde labikezela ngeziyaluyalu ezifana nokuvukelwa kwemibuso nezinxushunxushu zepolitiki esikhathini sethu. (Luka 21:9) Nokho, udlame lwezepolitiki nokuhlukana kwemibono kwezepolitiki ngeke kuhlale kukhona.
Ukuphela kodlame lwezepolitiki
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu esikhundleni sabo amise uhulumeni wakhe wasezulwini.
‘UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . oyophihliza yonke le mibuso [eminye] uyiqede, wona wodwa ume kuze kube phakade.’—Daniyeli 2:44.
UMbuso KaNkulunkulu uzokwenza abantu babe nobunye futhi kube nokuthula emhlabeni wonke.
UMbusi walo hulumeni, uJesu Kristu, ubizwa ngokuthi “iSikhulu Sokuthula,” futhi uzoqinisekisa ukuthi ‘ukuthula ngeke kuphele’ emhlabeni.—Isaya 9:6, 7.
Ngisho kwamanje, ababuswa yilo Mbuso bafunda indlela yokuphila ngokuthula. Ngenxa yalokho, iBhayibheli lithi: ‘Bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, ngeke zisayifunda impi.’—Isaya 2:3, 4.
Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi, “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?” ubukele nevidiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?