Thai Liang Lim/E+ via Getty Images
HLALANI NILINDILE!
Ukukhathazeka Emhlabeni Wonke Mayelana Nokusebenzisa Kwentsha Izinkundla Zokuxhumana
Phakathi nonyaka ka-2025, ohulumeni emhlabeni wonke bezwakalise ukukhathazeka kwabo ngemiphumela ebangelwa ukusebenzisa kwentsha izinkundla zokuxhumana. Elinye izwe lize lakwenqabela ukuba intsha eneminyaka engaphansi kuka-16 isebenzise izinkundla zokuxhumana, namanye amazwe acabanga ukubeka imithetho efanayo.
Okumangalisayo ukuthi ngisho nenye intsha, iyayibona ingozi ebangelwa ukuzichaya ezinkundleni zokuxhumana. Ucwaningo olwenziwa e-United States yi-Pew Research Center, olwakhululwa ngo-Ephreli 2025, lwathi “cishe uhhafu wentsha (48%) wathi izinkundla zokuxhumana zinemiphumela emibi kakhulu kontanga bayo.”
Ochwepheshe bezempilo baye baxwayisa ngemiphumela izinkundla zokuxhumana ezinayo endleleni intsha ecabanga ngayo nezizwa ngayo. Ngonyaka odlule, uDkt. Vivek Murthy, ngaleso sikhathi owayengudokotela omkhulu e-U.S., wathi: “Izifo ezithinta ingqondo kubantu abasha ziyinkinga edinga ukufakelwa izibuko futhi izinkundla zokuxhumana zinomthelela omkhulu kule nkinga.”
Abazali bangazivikela kanjani izingane zabo ezingozini zezinkundla zokuxhumana? IBhayibheli linikeza iseluleko esiwusizo.
Okungenziwa abazali
Cabanga ngalezi zimiso zeBhayibheli.
“Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.
Ngenxa yezingozi ezikhona, akufanele uzizwe ucindezelekile ukuba uvumele ingane yakho isebenzise izinkundla zokuxhumana. Ngaphambi kokuba uyivumele ingane yakho isebenzise izinkundla zokuxhumana, qiniseka ukuthi isivuthwe ngokwanele, iyasigcina isikhathi oyibekele sona, iyakwazi ukugcina ubudlelwane obuhle nabanye futhi iyazigwema izinto ezingcolile.
Ukuze ufunde okwengeziwe, funda isihloko esithi “Ingabe Ingane Yami Kufanele Izisebenzise Izinkundla Zokuxhumana?” nesithi “Ukufundisa Ingane Yakho Esithombile Ukusebenzisa Izinkundla Zokuxhumana Ngokuphepha.”
“Nisisebenzise kahle isikhathi senu.”—Efesu 5:16.
Uma uyivumela ingane yakho ukuba isebenzise izinkundla zokuxhumana, beka imithetho futhi uyichazele ukuthi leyo mithetho izoyisiza kanjani ukuba ihlale iphephile. Qaphela noma yiluphi ushintsho endleleni ingane yakho eziphatha ngayo okungenza kudingeke unciphise noma ulawule indlela esebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana.
Sebenzisa ividiyo ethi Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izingosi Zokuxhumana ukuze usize ingane yakho iqonde ukuthi kungani kufanele ibekelwe imingcele.
Ukuze uthole amacebiso eBhayibheli engeziwe mayelana nalokho okungenziwa abazali, bheka isihloko esithi “Isikhulu Sezempilo Sixwayisa Ngomthelela Omubi Izinkundla Zokuxhumana Ezinawo Ezinganeni—Lithini IBhayibheli?”
Funda okwengeziwe
IBhayibheli lithi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngesikhathi esifanayo lisinikeza iseluleko esingaphelelwa isikhathi esingasisiza sikwazi ukubhekana nesimo. Kunohlu lwezihloko ezithathelwa eBhayibhelini ezingaphezu kuka-20 ezisiza abazali nezingane olutholakala esihlokweni esithi “Ukwanda Okushaqisayo Kokuphazamiseka Komqondo Entsheni—Lithini IBhayibheli?”