Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke—Izingqikithi Zika-2008
NJALO ngonyaka kule ncwadi siye sifunde ngemizamo eyenziwayo yokusiza abantu ukuba bazi uJehova uNkulunkulu futhi bamthande. Lo msebenzi awukaze ube mkhulu kangaka ngaphambili. Akukho nhlangano engakwazi ukukhokhela izigidi zabantu ukuba zimemezele isigijimi sanoma yini kubantu abaningi kangaka emhlabeni wonke. Kepha emsebenzini wabo wokufundisa ngeBhayibheli, oFakazi BakaJehova abafuni nkokhelo. Balandela umyalo uJesu awunikeza abafundi bakhe cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezidlule: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Math. 10:8) Njengoba uzindla ngezinto ezifezwe kulo nyaka wenkonzo odlule, yima kancane ucabange ngokuthi zifezwe abantu abaye bapha ngaphandle kobugovu nangesandla esivulekile ngoba beshukumiseleka ukuba basabele othandweni lukaNkulunkulu.
Izingqikithi Zika-2008
Amagatsha OFakazi BakaJehova: 115
Inani Lamazwe Abikayo: 236
Ingqikithi Yamabandla: 103 267
Ababekhona ESikhumbuzweni Emhlabeni Wonke: 17 790 631
Inani Labadla Izifanekiselo Emhlabeni Wonke: 9 986
Inani Eliphakeme Labamemezeli Enkonzweni YoMbuso: 7 124 443
Isilinganiso Sabamemezeli Abashumayela Inyanga Ngayinye: 6 829 455
Ukwanda Kwabamemezeli Kunango-2007: 2,1
Inani Lababhapathiziwe: 289 678
Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona Asizayo Inyanga Ngayinye: 321 986
Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona Inyanga Ngayinye: 732 912
Ingqikithi Yamahora Achithwa Ensimini: 1 488 658 249
Isilinganiso Sezifundo ZeBhayibheli Zasekhaya Inyanga Ngayinye: 7 133 760
Ngonyaka wenkonzo ka-2008 oFakazi BakaJehova basebenzisa izigidi zamaRandi ezingaphezu kuka-1,3 ekunakekeleni amaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli, nababonisi abajikelezayo ezabelweni zabo zenkonzo yasensimini.
◼ Emhlabeni jikelele, zingu-19 820 sezizonke izikhonzi ezimisiwe ezisebenza ezakhiweni zamagatsha. Zonke zingamalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele.
[Ishadi ekhasini 32-39]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2008 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka encwadini)
[Amabalazwe ekhasini 40-42]
(Bheka encwadini)