Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb09 kk. 43-64
  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
yb09 kk. 43-64

Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

E-Afrika

INANI LAMAZWE 57

INANI LABANTU 848 582 269

INANI LABAMEMEZELI 1 122 493

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 2 202 217

ERwanda

Ngesikhathi intombazane eneminyaka engu-9 ibuyela ekhaya ivela esikoleni, yathola isikhwama esincane esasinesizumbulu semali emgwaqweni. Umkhaya wakubo, owawufundelwa oFakazi, wanquma ukusebenzisa lokho owawusukufunde eBhayibhelini. Ngakho wafuna umnikazi wesikhwama semali wambuyisela sona. Umninisikhwama wabuza intombazane, “Uma ngingakubonga ngemali ngenxa yokwethembeka kwakho, ungenzani ngayo?”

“Ngingathenga iBhayibheli,” kuphendula intombazane.

Imangele, le ndoda yathi: “Bengicabanga ukuthi ungathenga izingubo noma izicathulo ngoba ngiyabona ukuthi lezi ozigqokile sezigugile.” Intombazane yagcizelela ukuthi ingathanda ukuba neBhayibheli. Le ndoda yafuna ukwazi ukuthi kungani lo mkhaya ungayigcinanga imali. Ngemva kokuthola ukuthi wawufundelwa oFakazi BakaJehova, yathenga amaBhayibheli amabili, elilodwa kwaba elentombazane elinye kwaba elomkhaya wayo. Yabe isihlela ukuba kufike oFakazi bazobafundela. Yomibili le mikhaya iyathuthuka ngokomoya.

ECentral African Republic

Ngosizo lukaJehova, uTheodora wakwazi ukunqoba amahloni. Nakuba ayekhulele emkhayeni wamaKristu, wayengayi njalo esifundweni ngoba wayenamahloni. Lapho eqala ukuya, wayehlala yedwa abe ngunkom’ idla yodwa, kuthi ngemva kwengoma nomthandazo wokuphetha aphume aqhashe. Kungakabiphi, waba khona njalo ehholo kodwa engafuni ukuxhawula abanye lapho bezombingelela. Ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukuphendula nokuya kwabanye ayobabingelela. Ukuya enkonzweni yasensimini kwaba isinyathelo esikhulu kuye. Lapho amantombazane endawo emhleka, uTheodora wafuna ukuyeka ukushumayela kodwa wathandaza kuJehova ngale ndaba ecela amandla. Manje usengudade obhapathiziwe, oyiphayona elisizayo nophendula kahle esifundweni. Unezifundo zeBhayibheli ezine, kuhlanganise nesikamakhelwane owayekade emhleka.

EMadagascar

Umbonisi wesifunda nomkakhe babeyokhonza ibandla elisemaphandleni. Besendleleni bahlangana neqembu lamasela emfuyo lihlome ngezimbazo nemikhonto. Ngemva kokuthandazela isibindi buthule, umkambonisi wesifunda walinikeza ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Wathi: “Namuhla siphila ngokwesaba. Kodwa maduze nje uNkulunkulu uzoqeda ababi, amise nomhlaba omusha lapho kuyovama khona ukuthula.” Omunye walaba balisa walalelisisa wathatha nepheshana.

Emhlanganweni ngemva konyaka, indoda ethile yeza kumkambonisi wesifunda yambuza ukuthi usayikhumbula yini. Yayisimxoxela ukuthi yayihamba namasela ahlangana nawo emgwaqweni onodaka yathi futhi iyona eyathatha ipheshana. Yachaza: “Sasibuya kohlasela lapho sihlangana nani. Lokho owakusho kwangenza ngacabanga: ‘Asiwesabi amaphoyisa namasosha ngoba singawabalekela. Kodwa ngingambalekela kanjani uNkulunkulu uma esezoqeda ababi?’ Ngakho nganquma ukuthola okwengeziwe. Sengisekhaya, ngavakashela umakhelwane owayefundelwa iphayona elikhethekile. Nami ngavuma ukuba lingifundele futhi namhlanje ngizobhapathizwa kulo mhlangano.”

EMozambique

Ngo-1992, uMadalena, owayesanda kweva eminyakeni engu-30, wathola ingozi yemoto eyamshiya ekhubazekile. Ngemva kwalokhu, wayehlala esendlini njalo. Eminyakeni emithathu kamuva, oFakazi baxoxa noyise ngaphandle kwendlu. Uyise wayengumholi wesonto lendabuko elalihlangana ngemva kwegceke lakwakhe. UMadalena wayizwa ingxoxo nokuthi abafowethu babuza ngaye, wabacela ukuba bangene. Yeka indlela athinteka ngayo lapho ebona ukuthi babenesithakazelo esiqotho kuye! Wamukela isifundo seBhayibheli futhi wakujabulela kakhulu ayekufunda. OFakazi baphawula intshiseko yakhe, bamsiza ngezindlela eziningi ezingokoqobo, ezihlanganisa ukumsiza aye ezifundweni. Ngenxa yalokho, uMadalena wakwazi ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngo-2002.

Abazali bakhe bathinteka ngokujulile ngendlela oFakazi ababenakekela ngayo indodakazi yabo. Unina waqala ukuya ezifundweni futhi wayishiya inkolo yomyeni wakhe. Ekuqaleni uyise wayethe akasoze ayishiya inkolo yakhe kodwa ngokuhamba kwesikhathi naye waqala ukuya esifundweni. Amalungu esonto lakhe amcindezela ukuba ayeke ukuya esifundweni ngoba phela wayengumholi wawo! Noma kunjalo, wanquma ukuyishiya inkolo yakhe, washisa zonke izinto zayo. Yena nomkakhe babhapathizwa ngo-2007. Umkhaya wonke uthuthuka kahle ngokomoya.

EZimbabwe

UDecibel, oneminyaka engu-9, ushumayeza izingane afunda nazo ekilasini kanye nothisha. Ngelinye ilanga waqaphela ukuthi uthisha wakhe wayengeneme, ngakho waya kuye wambuza ukuthi kukhona yini okumkhathazayo. Uthisha wathi udadewabo ushonelwe umntwana. UDecibel wathembisa ukumphathela okuthile okungamduduza. Wathola incwadi ethi Lapho Ufelwa Othandekayo kubazali bakhe, wamphathela yona ngakusasa. Uthisha wathi ukuyifundafunda, izinyembezi zenjabulo zagcwala amehlo. Ngokuhamba kwesikhathi, wabhalela abazali bakaDecibel incwadi ebabonga ngokuqeqesha kahle indodakazi yabo nangenduduzo emnike yona lapho ecindezelekile.

EGhana

U-Abigail, ohlala nogogo nomkhulu wakhe abangamaHabe eningizimu yeGhana, wayetshelwe ukuthi oFakazi BakaJehova bangabaprofethi bamanga. Lapho ethola ukuthi abazali bakhe abahlala kwenye ingxenye yezwe, bayafundelwa, waphazamiseka emoyeni, ngakho wababhalela incwadi ebancenga ukuba bayeke ukufunda. Ngenxa yokuthi incwadi ayeyibhalile ayibanga nemiphumela ayeyifuna, wahamba amakhilomitha ayinkulungwane eyokhuluma nabo ubuso nobuso. Wamangala lapho efunda kwelakhe iBhayibheli ukuthi isihogo asiyona indawo okuhlushwa kuyo abantu ababi. Waqala ukufundelwa nokuya ezifundweni nabazali bakhe futhi waba ummemezeli ongabhapathiziwe. U-Abigail usanda kubhapathizwa emhlanganweni wesifunda muva nje.

Amazwekazi AseMelika

INANI LAMAZWE 55

INANI LABANTU 898 130 531

INANI LABAMEMEZELI 3 449 038

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 3 548 101

EDominica

Omame abaningi kulesi siqhingi bawasha izingubo emfuleni, bazineke emadwaleni. Omunye wabo wabona okuthile akujwayele kuntanta emanzini eduze kwalapho ayewashela khona. Wabona ukuthi yincwadi ayifundelwa omunye woFakazi BakaJehova masonto onke. Ngemva kokuyineka edwaleni, waqhubeka nokuwasha.

Lapho eseqoqa izingubo zakhe ntambama, wayikhohlwa incwadi. Ngenkathi abadobi abathile bebuya kodoba bayibona le ncwadi esagolide, omunye wabo wayithatha. Ehlatshwe umxhwele isihloko sayo esithi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? waqala ukuyifunda. Kamuva, odade ababili abangamaphayona bamthola ngesikhathi beshumayela. Wabachazela ukuthi bangu-144 000 kuphela abaya ezulwini nokuthi uMbuso kaNkulunkulu wazalwa ngo-1914. Wathi futhi maduze nje umhlaba uzoba yipharadesi. Lapho bembuza ukuthi uzazelaphi lezi zinto, wabachazela indlela ayeyithole ngayo incwadi, wathi uyayifunda zonke izinsuku. Wababonisa yona—yase yomile kodwa ivokomele.

Elinye lala maphayona labona ukuthi le ncwadi yile eyatholwa umuntu elimfundelayo emfuleni. Kwaqalwa isifundo nalo mdobi. Uhlale ebheke phambili ekufundeni isonto ngalinye futhi uthuthuka kahle.

EBolivia

Ukushumayela esifundeni se-Amazon esiseBolivia kuyinselele kodwa kunomvuzo. Iqembu labazalwane nodade abayishumi abangamaphayona—limpintshene esikebheni esincane namatende, amabhodwe namabhokisi amaningi ezincwadi zeBhayibheli—lathatha uhambo lwamakhilomitha angu-800 eBeni River lisuka eRurrenabaque liya eRiberalta. Lahambela imiphakathi engayodwa engaphezu kuka-70, lahambisa izincwadi ezingaphezu kuka-800 nezincwajana namapheshana. Laqala izifundo ezingaba ngu-700 nabathakazelayo futhi lapho libuya, laqhuba ezingaphezu kuka-200. Lapho oFakazi sebehamba, wawuzwa abantu bethi, “Kodwa anihlali ngani nathi nithi ukusifundisa kancane?” Kwelinye idolobhana enye indoda yayilokhu ithi oFakazi bangahambi futhi yacasuka ngoba yayisafuna ukufunda. Yathi: ‘Bekungafanele niqale into eningeke niyiqede.’

ECanada

UNormand usesebenze iminyaka eminingi endaweni okuhluzwa kuyo insimbi eMontreal. Ngesikhathi sekhefu, uye afunde incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke endaweni yokudlela. Abantu asebenza nabo bambona eyifunda futhi bavuma ukuyifunda naye. Kulezi zingxoxo, uNormand wayezama ukubonisa ikakhulu indlela indaba esebenza ngayo ekuphileni komkhaya nasekusebenzelaneni nabanye. Omunye wabaphathi benkampane waba khona kulezi zingxoxo futhi kamuva wabizela uNormand ehhovisi lakhe ukuze amncome, wamtshela ukuthi lezi zingxoxo zizoba usizo kwezinye izisebenzi futhi zithuthukise nokuzwana.

Lapho inani lababeba khona kulezi zingxoxo seliba ngaphezu kuka-30, abaphathi batshela uNormand ukuba ahlele ukuba amaqenjana abe sezindaweni ezihlukahlukene zenkampane. Uthi: “Njengamanje ngifundela amaqembu amathathu ngosuku, abiza lezi zingxoxo ngokuthi izikhumbuzo zosuku. Bazijabulela kakhulu kangangokuthi uma ngingekho omunye uyaziqhuba bese kuthi uma ngibuya bangibuze ngabangakuqondanga.” Sekuyiminyaka emihlanu uNormand esiza asebenza nabo ukuba bacabangele amavesi eBhayibheli nsuku zonke. Lokhu kuye kwenza ukuba abangaphezu kuka-40 kwasebenza nabo nemikhaya yabo bamukele iqiniso.

EBarbados

UDade Barker, oneminyaka engu-89 ubudala, wayefuna ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngenxa yempilo yakhe, akakwazi ukushumayela endlini ngendlu, ngakho uye wazama ukushumayela ngocingo kodwa wangaphumelela. Ekhuthazwe inkulumo eyayikhuluma ngomthandazo, waqala ukunxusa usizo lukaJehova ekuqaleni isifundo seBhayibheli. Ngemva kwezinsukwana, ehlome ngeBhayibheli nomagazini, wama phambi komuzi wakhe wahambisela abadlulayo umagazini nakuba babengebaningi kangako. Wahambisela enye indoda eyayivela emsebenzini. Ngemva kwesonto, emi phambi komuzi wakhe, wayibona futhi le ndoda. Njengoba yayibonise isithakazelo komagazini, lo dade wabe eseyihambisela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli wasikisela nesifundo seBhayibheli. Wajabula lapho ivuma. Waqala ukuyifundela ngasekupheleni kuka-March 2008. Kamuva wathola ukuthi ayihlali kude nakwakhe. Ngemva kwamasonto ambalwa yaqala ukuya emihlanganweni. Udade wathi: “Ngiyazi ukuthi uJehova uyayiphendula imithandazo kodwa bengingacabangi ukuthi kungashesha kangaka!”

EChile

Lapho udade oyiphayona eSantiago ehla etekisini, wakhohlwa isikhwama sakhe somagazini esihlalweni esingemuva. Lesi sikhwama sasinomagazini abambalwa nekhophi ye-Nkonzo Yethu YoMbuso eyayibhalwe igama lakhe. Ngenxa yalokho, ngemva kwezinsuku ezimbili umshayeli wetekisi wamthola lo dade esizwa abanye oFakazi ayebabone beshumayela kule ndawo. Lapho emnikeza isikhwama sakhe, kwase kusele i-Nkonzo YoMbuso kuphela. Omagazini babengasekho. Umshayeli waxolisa, wathi abagibeli bebebaphenya omagazini, babacele. Ngosuku olulodwa bonke omagazini base bezihambise bona!

ENicaragua

U-Ernesto, owayeke waba ukaputeni wamabutho akhethekile ezempi, wayehlala edolobheni elincane eliseduze noGu LwaseCaribbean. UJairo, iphayona elikhethekile elalivela kwenye ingxenye yezwe lizoshumayela lapha, wahlangana no-Ernesto ngesikhathi eshumayela endlini ngendlu futhi wacela ukumfundela iBhayibheli. Nakuba u-Ernesto enqaba, uJairo waphikelela, ekugcineni wasivuma isifundo. Phakathi nengxoxo yabo, uJairo wamtshela ukuthi uyise wayengumkhuzi webutho elalilwa namabutho kahulumeni empini eyayiseduze kwalapho babehlala khona futhi wafela lapho. U-Ernesto waqhubeka nokufunda futhi wathuthuka kahle, kodwa sonke lesi sikhathi kukhona ayekufihlele uJairo, okwathi ekugcineni kwadingeka akwembule. Ngokudabuka okukhulu, wachazela uJairo ukuthi wayengumkhuzi webutho lamasosha ayethumbe uyise nokuthi nguye uqobo owambulala. UJairo washaqeka, kodwa wayazi ukuthi uqinisile ngoba izenzakalo ezinyantisayo ayemtshela zona zazifana nsé nalezo amasosha ayenoyise ayeke amtshela zona. U-Ernesto wayecabanga ukuthi ubungane babo buzophela khona lapho. Kodwa kunokuba amzonde, uJairo waqhubeka emfundela. U-Ernesto wathuthuka futhi yena nomkakhe babhapathizwa. Nanamuhla basengabangane benoJairo.

EVenezuela

Entshonalanga yezwe, abafowethu basedolobheni laseMachiques babeshumayela ensimini yezifiki engasetshenzwa njalo eseduze komngcele waseColombia. Bonke abantu babelalela! Induna yamaYukpa yanikeza imvume yokuba kube neSikhumbuzo okokuqala ngqá kule ndawo. Omakhelwane nesikole esiseduze baletha izihlalo futhi kwaba khona abangaphezu kuka-200. Ngemva kokuphetha komhlangano, ngenhlonipho induna yakhulumela umphakathi: “Sifisa ukunibonga boFakazi BakaJehova. Siyethemba ukuthi nizophinde nibuye. Nisifundisa iqiniso futhi namukelekile!” Manje bangaphezu kuka-50 abafundelwa isonto ngalinye.

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 4 026 656 360

INANI LABAMEMEZELI 618 088

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 538 957

ETaiwan

Omunye udade uyabhala: “Ngajabula ngafa lapho ngiqala ukubonana nomfowethu ngamzali munye ngenxa yokuthi yena nomkhaya wakhe bahlala kude futhi kunzima ukuya lapho behlala khona. Njengokulindelekile, ubaba kanye nathi sonke sajabula lapho sizwa ukuthi lo mfowethu nomkhaya wakhe benza umzamo wokusivakashela. Njengoba behlala endaweni engenabo oFakazi, ngangifisa sengathi bangazamukela izindaba ezinhle. Yeka indlela engajabula ngayo lapho umkakhe nendodakazi yabo bebonisa isithakazelo eBhayibhelini! Nokho, ngangizobasiza kanjani ukuba bafunde okwengeziwe ngezinjongo zikaJehova lapho sebephindele emzini wabo okude lé? Ngathola ukuthi bane-computer ne-Internet. Mina nomyeni wami sathenga umshini we-Webcam futhi lapho sebephindele emuva ngaqhubeka ngifunda nabo iBhayibheli ngokusebenzisa wona. Kuyangimangaza ukuthi le ndlela yokuqhuba isifundo iphumelela kahle kangaka. Siyakwazi ukubona indlela abasabela ngayo njengoba befunda eBhayibhelini nasencwadini esiyifunda nabo. Lokhu kungisiza ngiqonde ukuthi yini okufanele ngiyenze ukuze ngibasize. Siyajabula ngaleli thuluzi ngoba sikwazi ukuhlanganyela iqiniso nezihlobo ebesingeke sikwazi ukuzishumayeza ukube belingekho.”

ENepal

UPurnamaya, oneminyaka engu-16 ubudala, uhlala edolobhaneni laseNepal. Ubab’ omncane wakhe wamshumayeza wayeseqala ukumfundela. Manje, nakuba kuthatha amahora amabili nesigamu ukuya esifundweni ngebhasi, uba khona ngokwethembeka emihlanganweni kanye ngesonto. Akulula. Bobabili abazali bakhe banesifo sochoko, ngakho badla imbuya ngothi. Ekuseni ngovivi, uPurnamaya ugandaya amatshe enze isihlabathi ukuze ondle umkhaya wakubo, abuye enze imisebenzi yasendlini njengokupheka nokuwasha. Ngaphezu kwalokho, usafunda isikole. Imali yebhasi eliya esifundweni ilingana nomholo wosuku olulodwa. Ngezinye izikhathi abazali bakhe bathi akavele aye esontweni eliseduze. Kodwa uPurnamaya uyazi ukuthi kuseHholo LoMbuso kuphela lapho engafunda khona ngoJehova, ngakho wenza konke ukuze aye khona. Muva nje, uthengise iwashi ayeliphiwe ugogo wakhe. Akagcini nje ngokuphendula kahle esifundweni kodwa ukuhlanganyela nabanye basedolobheni lakubo lokho akufundayo. Uyisikhuthazo kubo bonke abamaziyo.

EMalaysia

Ngesikhathi kubusa umbuso waseBrithani wamakoloni, kwalethwa izinkulungwane zezisebenzi eMalaysia zizosebenza emasimini enjoloba. Zahlaliswa ezindaweni eziseduze namasimu futhi eziningi zazo zisekhona nanamuhla. Kunzima ukufinyelela eziningi zalezi zindawo futhi aziveli ngisho nasemabalazweni. Ngesikhathi ibandla elithile lisebenza insimu engabelwe lathola enye yalezi zindawo eyayiphakathi kwamasimu enjoloba. Izinsizwa ezimbili ezase zibathathile kakade omagazini zabonisa isithakazelo esikhulu emsebenzini wokushumayela owawenziwa abafowethu. Zaya kubafowethu zacela ukubakhombisa indlela eya kwezinye zalezi zindawo. Ngokungafani nabafowethu, zaziyazi kahle indlela. Zahamba phambili ngezithuthuthu zihola izimoto zidabula phakathi emasimini, ezindledlaneni ezinodaka nasemigwaqweni ewubhuqu, zihamba imizuzu engu-45 zisuka kwenye indawo ziya kwenye. Zayisa abazalwane ezindaweni ezazingakaze zifinyelelwe oFakazi. Ngenkathi abafowethu beshumayela, lezi zinsizwa ezimbili zazikhuthaza izakhamuzi ukuba zithathe omagazini zibafunde. Zayisa abafowethu ezindaweni ezintathu ezingazodwa. Ngenxa yosizo lwalezi zinsizwa ezinomusa, kwanikezwa ubufakazi obukhulu kubantu ababengakaze balithole ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. Ngaleyo mpelasonto, abamemezeli abangu-50 bakuleli bandla bahambisa omagazini abangaphezu kuka-5 000.

EYurophu

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 733 775 190

INANI LABAMEMEZELI 1 542 507

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 789 219

ERussia

UTatyana unomdlavuza wobuchopho. Eminyakeni embalwa edlule ngemva kokuhlinzwa, wafakwa egunjini leziguli ezibangwa nezibi. Umpristi ongumOrthodox wavakashela kuleli gumbi ukuze iziguli zivume izono ngaphambi kokuba zife. UTatyana wabona omunye wesifazane enikeza lo mpristi imali. Esehambile umpristi, uTatyana wambuza ukuthi ingabe uzizwa engcono yini. “Cha,” kuphendula lo wesifazane ngezwi losizi, “angizwanga noluncí alushilo.” Wabe esemxoxela izindaba ezinhle zethemba lovuko. Lo wesifazane wambonga kakhulu wayesethi, “Sengizizwa ngingcono-ke manje!” Umphathi wesibhedlela wezwa ngalokho okwakwenzekile futhi watshela lo mpristi ukuba angaphinde alubhade esibhedlela. UTatyana wabe esefakwa kwelinye igumbi ukuze axoxe nezinye iziguli. Umphathi wambuza ukuthi bahlanganelaphi oFakazi BakaJehova. Ngaphambi kokuba angene esibhedlela, uTatyana wayecele kuJehova amandla okuqhubeka eshumayela. Uyaqiniseka ukuthi uJehova wawuphendula umthandazo wakhe. Kuleyo nyanga wabika amahora angaphezu kwekhulu! Nakuba impilo yakhe iye yaqhubeka iwohloka futhi engasakwazi ukuphuma endlini, uyaqhubeka evakashelwa yilabo ayebashumayeza ngesikhathi esagqigqa esibhedlela.

EGeorgia

Amaphayona amabili akhethekile esikhashana abelwa ukuyokhonza endaweni engenaFakazi KaJehova. Njengoba ayehlola insimu yawo entsha, aduka. Esezama ukuthola indlela eya ekhaya, ahamba kanzima eqhweni elalifika emadolweni, akhathala angenwa nangamakhaza. Ekugcineni, abona izinyathelo zomuntu ezaziya endlini ethile, ayesememeza. Kwaphuma uKhatuna, owesifazane osemusha, wawaqhweba wathi awangene endlini eyayifudumele, futhi abonga kakhulu. Lapho ezwa ukuthi lab’ odade ababili bangoFakazi BakaJehova, wabachazela ukuthi njengoba bebehamba eqhweni belahlekile, yena nomkhaya wakhe bebethandaza becela uNkulunkulu ukuba ababonise iqiniso. Ngemva kwemizuzu embalwa bethandazile, nakhu sebeqhamuka. Wathi kumelwe ukuba umthandazo wabo uphenduliwe! Namuhla, amalungu amane alo mkhaya ayafundelwa, amabili awo—uKhatuna nomamezala wakhe—angabamemezeli abangabhapathiziwe.

EBrithani

UReston, owayengakaze asebenzise indlela engagwegwesi yokuqala izifundo zeBhayibheli, wanquma ukuyizama. Ngaphambi kokungqongqoza emzini wokuqala, wenza umthandazo omfushane, ecela uJehova ukuba amuphe isimo sengqondo esiqondile. Wayesemcela ngokuqondile umninikhaya, u-Andy, ukuba amqhubele isifundo futhi wavuma. UReston wanquma ukumlethela ikhophi yencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ngalo lolo suku. Lapho esebhasini esephindela khona, waqaphela ukuthi umshayeli kwakuyindoda ayevame ukuyihambisela INqabayokulinda ne-Phaphama! Ekhuthazwe indlela u-Andy ayesabele ngayo ekuseni, wanquma ukuba lapho ibhasi lifika lapho liya khona, ayicele nayo ukuyiqhubela isifundo seBhayibheli samahhala.

Ngaleso sikhathi, umgibeli osekhulile waphawula ukuthi uReston unguFakazi, wayesemcela ukuba avakashele umngane wakhe ogulayo, amthandazele. UReston wathi angakujabulela ukuxoxa naye lo mgibeli osekhulile ukuze yena aduduze umngane wakhe ngemiBhalo. Esebenzisa okuwukuphela kwencwadi ayeyiphethe ethi Okufundiswa IBhayibheli, wambonisa indlela isifundo seBhayibheli esingasiza ngayo. Lo wesifazane wathi uyasifuna isifundo esinjalo. Enye insizwa eyayihlezi buqamama yayilalele njengoba bexoxa. Yayithanda izithombe zale ncwadi. Ngakho uReston wayinika le ncwadi. Kwathi lapho ibhasi lifika lapho laliya khona, uReston wacela ukuqhubela umshayeli isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Akakholwanga ngesikhathi umshayeli evuma ngesasasa futhi emtshela ukuthi unemibuzo eminingi ngeBhayibheli. UReston waphuthuma emzini womzalwane oseduze eyocela enye ikhophi yencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli futhi wafika sekuhwalele ku-Andy. U-Andy wayijabulela incwadi. Kwaqalwa isifundo futhi ngokushesha u-Andy waqala ukukusebenzisa lokho ayekufunda. U-Andy nomshayeli webhasi baba khona emihlanganweni yebandla futhi uReston uqhuba izifundo ezingu-15, zonke azithole ngokusebenzisa indlela engagwegwesi. Manje uyaqiniseka ukuthi uhlale enamakhophi amaningana encwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho efakaza.

UFrançois noMonica nezingane zabo ezimbili babuyela emotweni ngemva kokuhlanganyela enkonzweni yasensimini ekuseni. Nokho, uShaé, indodakazi yabo eneminyaka emibili nengxenye, wenqaba ukugibela ethi ufuna ukuhambisa ipheshana lakhe lokugcina. Khona manjalo, kwama imoto ngaphesheya komgwaqo, kwaphuma abesifazane ababili. UShaé wahambisela omunye wabo lelo pheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula, uMonica wabachazela elikuqukethe. Omunye walaba besifazane, uSierra, wabonisa isithakazelo wayesecela uMonica ukuba azofundela odadewabo ababili abasebasha. Lapho efika okokuqala, uSierra wamcela ukuba afundele namadodana akhe amabili. Kamuva, nomshana wakhe wahlanganyela esifundweni. USierra wayeba khona njalo lapho kuqhutshwa lezi zifundo, abuze imibuzo eminingi. Ekugcineni, naye wavuma ukufundelwa. Umyeni wakhe naye wenza okufanayo. Kwalandela unina, amanye amalungu omkhaya nabangane. Ukuzimisela kukaShaé ukuhambisa ipheshana lakhe lokugcina kwaphumela ezifundweni zeBhayibheli ezingu-11. Ezine zazo ziba khona njalo emihlanganweni yebandla.

E-Italy

UJennifer usebandleni laseMilan labakhuluma isiRashiya. Wayekhulume kaningana ocingweni nowesifazane wase-Ukraine, uValentina, kodwa engakaze ahlangane naye. Ngelinye ilanga, bavumelana ngokuthi bazohlangana esiteshini sesitimela. Ukuze uJennifer akwazi ukumbona, uValentina wamtshela ukuthi uzobe egqoke ijazi elibomvu. Lapho uJennifer efika esiteshini, wabona owesifazane ogqoke ijazi elibomvu eqalaza othile. Waya kuye wathi, “Sawubona, nguwena uValentina?” Lo wesifazane wavuma, ngakho uJennifer waqhubeka wathi, “Mina nginguJennifer.” Kodwa akazange asabele. Edidekile, uJennifer wambuza, “Ulinde mina, akunjalo?” “Cha,” kuphendula owesifazane. Naye lona wesifazane wayengowase-Ukraine, igama lakhe linguValentina futhi egqoke ijazi elibomvu; kodwa wayelinde omunye umuntu! UJennifer wahleka wayesemchazela okwakwenzekile. Wacela ukukhuluma naye ngephuzu elithile eliseBhayibhelini ayelilungiselele lo omunye uValentina. UValentina wavuma futhi walalelisisa. Ngemva kwalokho, watshengisa uJennifer isiqeshana sephepha ayebhale kuso ngesandla umBhalo weHubo 91, wamchazela ukuthi uyalithanda iBhayibheli. UJennifer waqala isifundo seBhayibheli nalo Valentina. Kwenzekani-ke kulo omunye uValentina? Kamuva uJennifer wahlangana naye futhi naye wafundelwa.

ERomania

Umzalwane othile wavakashela umuntu ayemjwayele wafike waxoxa naye nomkakhe ngemiBhalo. Babenesithakazelo esikhethekile sokuzwa ukuthi lifundisani iBhayibheli ngobuhlobo bendoda nomfazi, kodwa babengenaso isikhathi sokuxoxa ngeBhayibheli. Lo mbhangqwana wawuyikhathalela impilo yawo futhi indoda yayigijima amakhilomitha angu-8 nsuku zonke. Ngemva kwemizamo eminingana yokuqhubeka nengxoxo, lo mzalwane wanquma ukucela ukuphelezela le ndoda uma iyogijima. Yavuma. Kodwa umzalwane wayengawuvivinyi umzimba ngakho kwasheshe kwamkhanyela ukuthi ukushumayela nokugijima ngesikhathi esisodwa kuyakhathaza! Wathi: “Ngakwazi ukushumayela ngigqoke izingubo zokugijima ngingaphethe naBhayibheli, ngicaphuna amavesi ngekhanda.” Ngemva kweziqubu ezimbalwa zokugijima, isithakazelo salo mbhangqwana sakhula futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke. Le ndoda isingummemezeli ongabhapathiziwe. Iyashiseka enkonzweni futhi yona nendodana nendodakazi yayo babhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.

E-Oceania

INANI LAMAZWE 30

INANI LABANTU 37 545 115

INANI LABAMEMEZELI 97 329

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 55 266

E-Australia

Umfowethu oyiphayona uyabhala: “Udokotela ogama lakhe linguPam wacela ukuba ngimlethele njalo omagazini bamuva. Uhlala ematasa futhi ngamthola kanye ezinyangeni eziyisithupha emzini wakhe, ngakho ngangiye ngishutheke omagazini nencwadi encane ngaphansi kwesicabha. Ngemva kwezinyanga ezingu-7 ngizama ukumbona, ngashiya umagazini nesimemo somhlangano wesigodi owawusondela. Ngashiya nezinombolo zocingo kodwa akazange angithinte. Ngemva komhlangano ngo-November, ngabuyela kwakhe ngathola incwadi encane emnyango ayeyibhalile.

“UPam wabhala wathi ubathanda kakhulu omagazini futhi ubadlulisela nakwasebenza nabo. Nabo baphinde babanike iziguli zabo esibhedlela. Wayesesho indlela awujabulele ngayo ‘umbuthano.’ Wayesifundile isimemo somhlangano futhi wathatha izinsuku ezintathu emsebenzini ukuze aye kuwo. Wachaza ukuthi wayenze amakhophi ezimemo wawafaka lapho ozakwabo befaka khona iposi labo nencwadi encane eyayicela ukuba bamthinte uma kukhona onesithakazelo sokuya. Ngasekupheleni kwesonto, ozakwabo abangu-16—bonke abangodokotela—nabo base behlele ukuthatha izinsuku ezintathu zomsebenzi ukuze baye khona. Bonke laba bantu abangu-17 abathakazelayo baba khona kuzo zontathu izinsuku zomhlangano ngenxa nje yesimemo esashuthekwa ngaphansi kwesicabha! UPam useqhutshelwa njalo isifundo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli futhi uye wahlela ukuba kube nezingxoxo zeqembu nabo bonke ababeze emhlanganweni.”

Omunye umfowethu uyalandisa: “Ngenkathi ngidlula emzini oFakazi ababecelwe kuwo ukuba bangangeni, ngaphawula ukuthi indoda nenkosikazi ababekuvulande babengaphathekile kahle futhi bekhala. Akuvumanga ukuba ngidlule ngoba kwakusobala ukuthi badinga ukusizwa ngandlela-thile, ngakho ngaya kubo ngabuza ukuthi kukhona yini engingabenzela kona. Bangicela ukuba ngingene, base bengixoxela usizi lwabo. Kwase kuphele iminyaka emithathu bengayiboni indodakazi yabo. Inkosikazi kwakufanele iyohlinzwa ngenxa yomdlavuza futhi yayingaqiniseki ukuthi izophila yini ngemva kokuhlinzwa. Yayesaba nokuthi kungenzeka ingabe isayibona indodakazi yayo. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili, babecele umfundisi wesonto labo ukuba abasize, kodwa akazange azihluphe ngabo. Ngabafundela imiBhalo embalwa eyayibonisa ukuthi uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni.

“Cishe ngemva kwehora, kwaba khona ongqongqozayo. Ngaqale ngacabanga ukuthi umfundisi wabo. Kodwa kwakungeyena, kwakuyintokazi egqoke kahle. Kwakuyindodakazi yabo eyayiduke nezwe! Kwaba isenzakalo esithinta inhliziyo ngempela, ngakho ngabona kungcono ngihambe. Kodwa indodakazi yangimangaza uma icela ukuba ngihlale ngoba inokuthile efuna ukukwazisa abazali bayo. Yathi yayisiphuza futhi idla izidakamizwa ezase zonakalise ukuphila kwayo, kodwa ukufunda iBhayibheli kwayenza yabuyela ekhaya ukuze iphinde ibe nabazali bayo. Yayisanda kubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.”

Ngemva kwezinsukwana, kwafika umfundisi owayesetsheliwe ukuthi indodakazi ibuyile ngoba isinguFakazi KaJehova. Waphuma endlini engazange athi vú. Njengoba ephuma, indoda yambiza yathi makathathe incwadi ephezu kwetafula—incwadi yokwesula esontweni.

EPapua New Guinea

Iqembu labafowethu nodade abangu-23 lahamba layoshumayela ensimini engasetshenzwa njalo. Lolu hambo lwezinyawo lwalunzima ngoba lwaluhlanganisa ukucaca ezintabeni nokuwela imifula. Kwesinye isigodi, udade othile wahlangana nomfundisi waseSheshi, owakujabulela ukuzwa incazelo kaDaniyeli 2:44. Watshela lo dade, “Lapha, sinjengezimvu ezilahlekile.” Wamukela omagazini nezincwajana wacela neBhayibheli.

Ngemva kwezinsuku ezintathu, kwesinye isigodi, odade ababili baxoxa namatshitshi amabili asijabulela isigijimi soMbuso. Lapho uyise ebuya emasimini ngaleyo ntambama, amxoxela ayekufunde eBhayibhelini. Uyise wathi ufuna ukuzizwela lesi sigijimi esimnandi. Wahlela ukubona bonke abafowethu nodade eqhugwaneni ababengenise kulo. Njengoba kunguye owayephethe isigodi, wahlela ukuba kuphekwe ukudla bese kuyiswa kubafowethu. Ngalobo busuku, wafika ephethe ilambu ephelezelwa ezinye zezakhamuzi. Bathi, “Kusimangazile ukunibona, kwazise siqala ngqá ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova kule ndawo.” Babafundela uMathewu 24:14, bababonisa ukuthi yilo mbhalo oyisizathu sokufika kwabo. Babachazela ngezibusiso zoMbuso, babashiyela nezincwadi.

Ngosuku lwesihlanu lohambo lwabo, bafika kwesinye isigodi cishe ngehora lokuqala ntambama. Izakhamuzi zacabanga ukuthi bazolala, zaqala ukubalungiselela indawo evuleke emaceleni ukuze abafowethu balale kuyo. Nokho, babachazela ukuthi babefuna ukukhuluma nawo wonke umuntu bese behamba ngalolo suku. Kwanikezwa ubufakazi obuhle kubo bonke, kuhlanganise nenduna yakhona eyamukela izincwadi yona yabanikeza ukhukhunathi, ubhanana nopopo.

EFiji

Endaweni esemaphandleni, amaphayona aya ensimini ngezinyawo, ahambe emigwaqweni ewubhuqu noma enodaka. UNagamma nendodakazi yakhe, uReshma, abangamaphayona avamile, bamema u-Ushla, udade ongaboni, ukuba asebenze nabo ensimini futhi aphayone inyanga eyodwa. Zonke izinsuku babehamba ibanga elide bemphahlile. Ngolunye usuku olushisayo, umkhaya othile wawuhleli kuvulande ubukele lab’ odade abathathu njengoba begega amaxhaphozi emgwaqweni onodaka. Base bebona lo dade ongaboni egxambukela odakeni lumthela onyaweni. Lab’ odade ababili bama bamsula. Indoda yakulo mkhaya ayikwazanga ukuzibamba, yababiza. Yathi: “Njalo sihlale sinibona nidlula lapha. Nisuke niyaphi?” Bayichazela ukuthi basuke beyoqhuba isifundo seBhayibheli. Yabatshela ukuthi uma isigijimi sabo sibaluleke kangangokuthi bangahamba ibanga elide kangaka beyosifundisa abantu, nayo ifuna ukusizwa! Kwaqalwa isifundo nomkhaya wayo.

EGuam

ULiza, owesifazane osemusha wasePhilippines, wayeyisisebenzi sasendlini esihlala emzini esisebenza kuwo esiqhingini saseTinian. Kwakuye kuthi lapho oFakazi BakaJehova bemhambele, abacele INqabayokulinda ne-Phaphama! Nakuba ayethi uyabathanda lab’ omagazini, kodwa empeleni wayokhela ngabo umlilo.

Entwasahlobo ka-2007, uLiza waphelelwa umsebenzi nendawo yokuhlala, ngakho walala olwandle. Ngolunye usuku wadlula ngaseHholo LoMbuso, lapho odade ababili babehleli khona ngaphansi komthunzi. Bambiza ukuba azodla umango nabo futhi bazixoxele. Ngakusasa lapho edlula ngaseHholo LoMbuso, lab’ odade baphinde bakhuluma naye, njengoba besazixoxela wathi, “Ngifisa ukuza esontweni lenu ngelinye ilanga.” Nakuba odade baba namahloni ngokuthi bebengakammemi, bamkhuthaza ukuba eze esifundweni ngalobo busuku. Wasamukela isimemo enethemba lokuthi oFakazi bazomtholela umsebenzi.

Phakathi nesifundo wathinteka ngenxa yokuba qotho kwabafowethu nodade nangokukhathalela kwabo abantu. Lokhu kwamenza wakhala, ngoba wayeqaphela ukuthi isizathu sokuza kwakhe esifundweni kwakungesobugovu. Waphinde wakhumbula bonke omagazini ayebashisile. Ngenxa yokuthi uthando abafowethu nodade abambonisa lona lwamthinta inhliziyo, kusukela ngaleso sikhathi, akaphindanga waphutha esifundweni futhi wafundelwa iBhayibheli njalo. Wathola umsebenzi, wafanelekela ukuba ummemezeli, kwathi ngo-February 2008, wabhapathizwa.

[Isithombe ekhasini 45]

UMadalena

[Isithombe ekhasini 48]

Bajabulela iSifundo “SeNqabayokulinda” esikebheni

[Isithombe ekhasini 50]

Udade Barker ulinde ngesineke ukushumayeza abantu abadlulayo

[Isithombe ekhasini 53]

UPurnamaya ugandaya amatshe ukuze ondle umkhaya wakubo

[Isithombe ekhasini 54]

Bashumayeza owesifazane oyiNdiya emasimini enjoloba

[Isithombe ekhasini 57]

UReston ufunda no-Andy

[Isithombe ekhasini 58]

UShaé

[Isithombe ekhasini 63]

UNagamma noReshma besiza u-Ushla

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela