Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
UJEHOVA wabikezela ukuthi “engxenyeni yokugcina yezinsuku,” abantu bayothutheleka entabeni yakhe engokomfanekiso, abafundise. (Mika 4:1, 2) Leso siprofetho siqhubekile sigcwaliseka nyakenye njengoba abaningi ngokwengeziwe bebenza lokho okushiwo isihloko sonyaka ka-2003, “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8) Ilungiselelo eliyinhloko elasiza abaningi ukuba bahlakulele ubuhlobo obuseduze noJehova kwakuwuchungechunge lweMihlangano Yesigodi neYezizwe ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu.’
IMihlangano ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu’
“Njengoba indalo kaJehova engaphili ikwazi ukumdumisa, kufanele simkhazimulise kangakanani-ke uMdali wethu Omuhle thina esikwazi ukucabanga nokukhuluma!” kusho esinye sezikhulumi emihlanganweni eshiwo ngenhla. Sabe sesicaphuna isAmbulo 4:11, esithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”
IMihlangano ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu’ yasinikeza ithuba elikhethekile lokudumisa uJehova ngenxa yemibuthano eyayisemadolobheni angu-32. Yayise-Australia, eCanada, eChile, eDenmark, eGhana, eHawaii, eHungary, eJapane, eMexico, eNingizimu Afrika, eSpain, eSwitzerland, e-Ukraine nase-United States. Izithunywa zevangeli nabanye abasezabelweni kwamanye amazwe bakwazi ukubuyela emazweni enkaba yabo, lapho kwaxoxwa nabo khona ngomsebenzi woMbuso abawenza emasimini akude. Kule mihlangano kwakukhona nezinkulungwane zabantu ababevela kwamanye amazwe.
Into eyayikhethekile kulabo ababeye emihlanganweni yezizwe kwakuwukuvakashela amagatsha asemazweni ababeye kuwo. Igatsha lase-United States laba nelungelo lokwamukela izihambeli ezingaphezu kuka-6 750 zivela emazweni angu-36, zadla khona izikhathi ezingaba ngu-15 000! Ngemva kokudla kwasemini ngelinye ilanga, ibhasi eligcwele abazalwane nodade baseNingizimu Afrika laculela umkhaya waseBethel ngezilimi eziyisithupha: isiBhunu, isiNgisi, isiPedi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Kwakuwunqambothi lwemvunge eyavus’ uhlevane kangangokuthi abaningi ababelalele bakhala.
Omunye owayekwelinye iqembu elalivakashile, efake ibheji elibonisa ukuthi uvela kude, wathi: “Ukuchitha sonke lesi sikhathi nabafowethu nodadewethu abangokomoya kuyinto engavamile. Angisoze ngayikhohlwa. Nginambitha isimiso esisha.” Umzalwane waseBrithani owayeshiye iqiniso eneminyaka engu-17 kodwa wabuya kule minyaka edlule, wathinteka ngenkathi ebona umdwebo wendodana esaphazayo. Kwathi ngesikhathi esedla ukudla kwasemini nomkhaya waseBethel yaseBrooklyn, wacabanga ngesihe sikaJehova, wahlengezela izinyembezi. Umzalwane waseSpain wembula ukuthi eminyakeni engu-29 eshadile, umkakhe wayengakaze ambone ekhala. Kodwa zehla izinyembezi ngesikhathi iqembu ayehamba nalo lamukelwa isixuku esithokozile soFakazi esikhumulweni sezindiza eHouston, eTexas.
Kuyinselele ukuthola izindawo ezikahle okuzoqhutshelwa kuzo imihlangano emikhulu ngemali ephansi. Kodwa igama elihle oFakazi BakaJehova abasuke bezakhele lona esikhathini esingaphambili livamile ukubasiza. Nakhu okubikwa igatsha elithile okufakazela lokhu: “Ngemva komzukuzuku sifuna indawo, sathola eyodwa vo eyayizokwazi ukuthatha izihambeli ezibalelwa ku-50 000 okwakulindeleke ukuba zize emhlanganweni. Nokho, lapho sebexoxe nabaphathi benkundla, abazalwane bathola ukuthi izindleko zizokhuza phezulu. Kungakadluli zinsuku ezingaki abameleli begatsha bebuzile ngale nkundla, bona laba baphathi bathinta igatsha bacela ukuba baphinde bahlanganise amakhanda. Ngemva kwalokho, omunye wabaphathi abakhulu wathi: ‘Ekuqaleni thina besingazi kahle ukuthi nifunani. Kodwa kuthe singaqonda ukuthi imihlangano yenu inhloboni nokuthi nizozenzela imisebenzi eminingi edingekile, sajabula kabi. Lisihlaba umxhwele izinga eliphakeme enihlela ngalo, amalungiselelo eniwenzayo angakhi phezulu nobunyoninco enisebenza ngabo.’” Ekugcineni oFakazi BakaJehova bathola le nkundla ngemali ekahle.
Izincwadi Ezakhululwa Emhlanganweni
Ingabe ukukhuthalele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu? Kumelwe ukuba wajabula-ke lapho uthola incwajana enamakhasi angu-36 enemibala egqamile ethi ‘Bona Izwe Elihle.’ Imifanekiso, amabalazwe, izithombe, nemidwebo ye-computer, nezinye izici eziningi zizokusiza utadishe kangcono. Ngakho le ncwajana mayihlale neBhayibheli lakho nezincwadi zokutadisha ojwayele ukuzisebenzisa. Futhi ungayikhohlwa lapho uya esifundweni uma izinkulumo nezingxoxo zizobe zisekelwe emazweni aseBhayibhelini.
Phakathi nenkulumo ethi “Izingane Zethu—Ifa Eliyigugu,” isikhulumi sakhulula incwadi enezithombe ezinhle namakhasi angu-256 enesihloko esithi Funda KuMfundisi Omkhulu. Abazali abalazisa ngokujulile leli fa laphezulu bayokuthokozela ukutadisha le ncwadi enhle entsha nezingane zabo ezincane. “Izingane,” kusho le ncwadi, “kudingeka zifundiswe isimilo, noma izimiso ezizophila ngazo. Futhi kudingeka zifundiswe kusukela zisencane. Kungase kwenzeke izinto ezibuhlungu futhi ziyenzeka, uma izingane zingalutholi usizo kuze kwephuze.”
Le ncwadi inezithombe ezingu-230—zicishe ziziphinde kabili ezisencwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Isithombe nesithombe sihambisana nemishwana esichazayo, ngokuvamile ewumbuzo. Izimpendulo zisekhasini elifanayo. Le mibuzo neminye eminingi esencwadini inganisiza nikwazi ukuxoxa, yenze izingane zisho okusezinhliziyweni zazo. Ngokwesibonelo, umushwana ohambisana nesithombe esisekhasini 101 uthi: “Kungani kubalulekile ukukhumbula ukubonga?” Futhi nina bazali, qikelelani ukuthi niyasifunda isandulela esithi, “Lokho Izingane Ezikudingayo Kubazali.” Uma nikusebenzisa ukusikisela okulapho, imikhaya yenu iyozuza kakhulu kule ncwadi enhle.
Izithulu Zijabulela I-video
Ngo-1915 e-United States, uJohn A. Gillespie, i-pilgrim, noma umdala ojikelezayo, wacula ngolimi lwezandla eculela izithulu eziyidlanzana ezazisemhlanganweni we-International Bible Students, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Manje angaphezu kuka-1 200 amabandla namaqembu abamemezeli nabantu abathakazelayo abayizithulu emhlabeni kabanzi. Bondliwa kanjani ngokomoya?
Okwamanje izincwadi zokutadisha iBhayibheli zitholakala ngezilimi zezandla ezingu-18, futhi ziyaqhubeka zanda. Abasebenzisa uLimi Lwezandla LwaseMelika bahlabana ngo-September 2002. Kusukela kuleyo nyanga, izihloko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda zase zizotholakala njalo ngenyanga kuyi-video. Le video isiza izithulu ezintweni abanye abangase bazithathe kalula.
Cabanga: OFakazi abaningi abangezona izithulu bakwazi ukucaphuna imibhalo eminingi ngekhanda. Imbangela yalokho ukuthi bezwa noma bafunde amagama afanayo njalo. Kanti abamemezeli abayizithulu bona abayitholi ngaso sonke isikhathi imibhalo ngamagama afanayo. Kungani? Kungoba alikho iBhayibheli ngoLimi Lwezandla LwaseMelika, futhi labo abasuke benezingxenye emihlanganweni yebandla abayibeki ngendlela efana ncimishi ngaso sonke isikhathi imiBhalo ngolimi lwezandla. Kodwa kwashintsha lokhu ngesikhathi izincwadi sezitholakala kuyi-video ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Futhi njengoba nezihloko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda sezitholakala kuyi-video, izithulu sezithola amavesi eBhayibheli ahunyushwa ngendlela engaguquki.
Ngaphezu kwalokho, amabandla namaqembu oLimi Lwezandla LwaseMelika akusadingeki abele abahumushi ukuba babe abafundi bezigaba eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Emabandleni abantu abezwayo, umfundi owabelwe angase achithe ihora noma ngaphezudlwana elungiselela INqabayokulinda ukuze afunde kahle. Kodwa ebandleni labamemezeli abayizithulu abantu ababelwe ukuhumusha isihloko ngolimi lwezandla baye bachithe amahora amaningi belungiselela. Manje sebengenza ezinye izinto ezingokomoya ngaleso sikhathi esibalulekile. Abazalwane nodade bazizwa kanjani ngaleli lungiselelo elisha?
Iqembu labamemezeli abayizithulu esifundazweni saseRhode Island, e-U.S.A., labhala: “Seqiwa injabulo lapho kumenyezelwa ukuthi sesizothola INqabayokulinda kuyi-video. Empeleni, kukhona abamemezeli abakhala.” Umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda eFlorida wathi manje sebebaningi kakhulu abaphakamisela ukuphendula kangangokuthi “kuyamjabulisa ukubona izandla eziningi azotomula kuzo!” Wabuye wathi “izimpendulo ziya zivuthwa.” Omunye umdala wabhala: “Imiphumela mihle ngendlela emangalisayo! Ngisho namaphuzu ajulile aqondwa kahle kakhulu.” Yebo, ngenxa yesibusiso sikaJehova esicebile, isixuku esandayo sezithulu sijabulela ilungelo lokwazi uNkulunkulu nokumkhazimulisa.—Roma 10:10.
Usizo Lwabahumushi
Ukudla okungokomoya okulungiselelwa isigaba somphathi othembekile sekutholakala ngezilimi okungenani ezingu-390. (Luka 12:42) Ngakho-ke umsebenzi wokuhumusha uyingxenye enkulu nekhula njalo yomsebenzi wenhlangano kaJehova.
Ukuhumusha ngendlela efanele akusho nje ukumane ufake igama lolimi lwendawo esikhundleni segama elisendabeni oyihumushayo. Kunalokho, kusho ukudlulisela imiqondo. Kuyacaca-ke ukuthi kudingeka abahumushi bayiqonde kahle indaba abazoyihumusha ngaphambi kokuba baqale ukuyihumusha. Kuye kwenzeke kube yinselele lokhu.
Yingakho iqembu labazalwane abafanelekayo abakhethwa ukuba babe othisha baqeqeshwa esimisweni semfundo esibizwa ngokuthi i-Course in Improved English Comprehension, beqondiswa yiNdikimba Ebusayo. Lapho sebeqedile kulesi sikole, esasiseWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, laba bazalwane bahambela amaqembu abahumushi emhlabeni wonke phakathi nonyaka wenkonzo ka-2002 no-2003. Bachitha izinyanga cishe ezintathu neqembu ngalinye, belifundisa futhi belisiza ngomsebenzi eliwenzayo. Ngenxa yale mfundo, abahumushi banomuzwa wokuthi sebeyakwazi ukukuqonda kahle-hle okushiwo yisiNgisi.
Elinye iqembu labahumushi lathi: “UJehova ngomusa wakhe wakubona kukuhle ukuba asisize sikufanelekele kangcono ukwenza izabelo zethu. Sesizethemba ngokwengeziwe manje. Ngesibusiso sikaJehova, silindele ukubona imiphumela emihle.” Umbonisi womsebenzi wokuhumusha wathi: “Iningi lethu besiye siqhekezeke amakhanda isikhathi eside sihlushwa amagama nemisho yesiNgisi. Bese umsebenzi uyabambezeleka. Yingakho-ke le Course in Improved English Comprehension siyamukele ngesasasa. Yasifundisa ukukuhlaziya ngendlela ehlelekile okubhalwe ngesiNgisi, yasinika namacebiso awusizo okusingatha izinto ezinzima. Umphumela uwukuthi asisakhathazeki kangako futhi sesiyakwazi ukuhumusha ngokunembile nangokushesha.”
Elinye iqembu labhala: “Le mfundo yayiwusizo ngokwengeziwe uma iqhathaniswa neyezwe efana nayo ngoba lena yayenzelwe izidingo zethu ezikhethekile. Sithemba ukuthi izobasiza abahumushi emhlabeni jikelele, yenze kube lula nakakhulu ukuba abanjengezimvu ‘bathole umqondo’ weqiniso.”—Math. 13:23.
Kuze kube manje bangu-1 660 abahumushi abasebenza ngezilimi ezingaphezu kuka-150 asebeyitholile le mfundo. Le mfundo ibuye yashintshwa ukuze kusizwe abantu abahumushela ezilimini zezandla nabahumusha iSpanishi besihumushela ezilimini zendabuko zaseMelika Ephakathi neseNingizimu.
Sihlonyiselwe Ukuba Sibe Abafundisi Abangcono
Bobabili uJehova neNdodana yakhe ezelwe yodwa—“uLizwi”—bakubheka njengokubaluleke kakhulu ukukwazi ukukhulumisana nabanye. (Joh. 1:1, 14; 3:16; IsAm. 19:13) Isigaba senceku ethembekile naso sikubheka ngendlela efanayo, yingakho siqhubeka sizikhandla ukuze sisize abantu bakaNkulunkulu balole amakhono abo okushumayela nokufundisa. Inalowo mgomo, inhlangano kaJehova yenza incwadi ethi Zuza Emfundweni Yesikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kusukela yaqala ukusetshenziswa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngo-January 2003 abamemezeli abaningi bathi bayayazisa le ncwadi.
“Ayikho enye inkolo ezihlupha kangaka ngokusiza amalungu ayo, amancane namadala, ukuba akwazi ukukhuluma ngokuphumelelayo,” kubhala umdala wasePhilippines. Umdala waseBrazil wathi: “Kimina, u-January 2003 waqopha umlando emlandweni woFakazi BakaJehova.” Omunye wathi: “Ngiphawule ukuthi izingane ebandleni sezinesithakazelo esengeziwe sokunikeza izinkulumo esikoleni. Abanye sebeyifunde bayiqeda incwadi futhi benza zonke izivivinyo—bakwenza konke lokhu nje yayingakafundwa nakufundwa esikoleni!” Umbonisi ojikelezayo uyisebenzisa njalo le ncwadi ekuhambeleni kokwelusa. Uyabhala: “Izihloko ezinjengesithi ‘Funda Ngokuzimisela,’ ‘Ukutadisha Kuyazuzisa,’ nesithi ‘Yazi Ukuthi Kufanele Uphendule Kanjani’ ziwusizo olukhulu ekulungiseleleni imihlangano nensimu.”
Udade waseBrithani wathi “ukuba khona kwezivivinyo kuyingxenye enhle kakhulu yokufundisa. Uma sifuna ukuhlakulela amakhono esiwafunda esikoleni, kudingeka sizenze lezi zinto ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Lezi zivivinyo zisenza sikwazi ukukwenza lokhu.” Umzalwane waseJapane onenkinga yokukhuluma uyabhala: “Njalo nje uma nginesabelo sokufunda, ngiba nexhala lokuthi kazi ngiyoba yini esiteji. Ngiyaqaphela ukuthi ukuzenyeza kwami kwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Ngakho kwathi lapho kufika isabelo engigcine ukusithola, ngabhala amaphuzu asencwadini ISikole Senkonzo ngaphansi kwesihlokwana esithi ‘Indlela Yokukhuluma Ngokucacile’ (emakhasini 87 no-88) nebhokisi elithi ‘Ukubhekana Nokungingiza’ (ekhasini 95). Yiqiniso, angilindele ukuyinqoba zisuka nje inkinga yami yokungingiza, kodwa ngizimisele ukuqhubeka ngizama!”
“EBurundi,” kubhala igatsha laseKenya, “abazalwane bathi bayayazisa le ncwadi entsha, manje esitholakala nangesiKirundi. Njengoba abaningi kuleli zwe bengafundile kangako, ababhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini sebewaqonda kangcono amaphuzu eseluleko. Umphumela uwukuthi sebezibeka ngomdlandla owengeziwe izinkulumo zabo.”
Le ncwadi isize nabanye bathuthukisa amakhono abo okubhala. Udade osekhulile nobuthaka waseMexico uthi: “Encwadini ISikole Senkonzo, emakhasini 71 kuya ku-73, ngathola ukusikisela engingakusebenzisa ekubhaleni izincwadi. Ngishumayela ngale ndlela ngoba umzimba awusavumi. Noma kunjalo, ngangikugwema ukubhalela izihlobo zami. Kodwa ngenxa yesiqondiso esikule ncwadi entsha, sengiyakwazi manje ukuzishumayeza kangcono.” Umbonisi wesigodi eNingizimu Afrika waphawula: “Ngempela le ncwadi yinhle ngendlela emangalisayo. Ayigcini nje ngokuningiliza ngezimfanelo zokukhuluma kodwa ibuye izihlobanise nezinto ezingokomoya, iveze indlela ezibonisa ngayo uthando lobuKristu nokukhathalela abanye.”
Izigigaba Eziphathelene Nomthetho
Ngo-June 17, 2002 iNkantolo Ephakeme e-United States yakhipha isinqumo esiyingqopha-mlando ecaleni elaliphakathi kwe-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. neVillage of Stratton. Esinqumweni sayo esasekelwa amajaji angu-8 kwangu-9, iNkantolo ephakeme yakuleli yathi ikholelwa ukuthi umthetho-sisekelo awuyivuni imithetho ethi kudingeka imvume yokukhankasa uma isetshenziswa enkonzweni yasobala yoFakazi BakaJehova.
Ngemva kokunqoba leli cala, uMnyango Wezomthetho egatsheni lase-United States wathinta omasipala kulo lonke leli. Umphumela waba ukuthi izinkinga ezazithinta umsebenzi wethu wokushumayela zaxazululwa komasipala abangu-238 ababekade bezame ukusebenzisa umthetho wokukhankasa noma ukuhambe ucela enkonzweni yethu yasobala. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yesinqumo sase-Stratton, abamemezeli boMbuso kwabanye omasipala abangu-216 akusadingeki baqale bathintane namaphoyisa noma iziphathimandla zedolobha andukuba baye enkonzweni yasensimini. Sengathi uJehova angaqhubeka ehlelemba izithiyo ezinjena.—Isaya 40:4; Math. 24:14.
Abazalwane basalokhu beboshwa futhi begqunywa ejele e-Armenia ngoba benqaba ukungenela ezempi ngenxa kanembeza. Umshushisi eYerevan, okuyinhloko-dolobha, wacela ukuba isinqumo esilahla abazalwane abaningana siphinde sibhekisiswe ngoba efuna bathole izigwebo ezinde kunababezitholile. Amajaji asamukele isicelo sakhe, athi abanikezwe izigwebo ezidle ngokuqina.
Ngo-February 2003 i-European Court of Human Rights yasivuma isicelo soFakazi BakaJehova ababili ababekade beyizithunywa zevangeli sokuba bafake icala eNkantolo. Njengoba wawuxoshiwe eBulgaria ngo-1995, lo mbhangqwana waba nomuzwa wokuthi lalephuliwe ilungelo lawo lenkululeko yenkolo nelokungabandlululwa. INkantolo yathola ukuthi isikhalo sawo “siyezwakala.”
Lathi lisanda kuqeda nje ibandla lase-Asmara, e-Eritrea ukugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, amaphoyisa akaka indawo ababehlangene kuyo abafaka ozankosi bonke abantu ababelapho abangu-164—amadoda, omame nezingane. Bavalelwa ejele baphonswa imibuzo ubusuku bonke. Ngakusasa iziphathimandla zadedela izingane neningi lodade nabantu abathakazelayo. Abanye bayiswa ejele elikhulukazi e-Asmara, lapho abanye bagqunywa khona kwaze kwacishe kwaphela inyanga ngaphambi kokuba badedelwe. Ngaphandle kwalesi sehlakalo, abazalwane abayishumi basesekamu eliyijele ngoba benqaba ukungenela ezempi ngenxa kanembeza. Abathathu sebeneminyaka engu-9 beboshiwe.
Abafowethu basalokhu behlaselwa kabuhlungu namanje eGeorgia. Izikhulu zedolobha namaphoyisa ayehlomile angena ngenkani emihlanganweni isaqhubeka ayihlakaza ngesihluku. Avele aqonda esiteji axosha bonke ababekhona. Ngesinye isikhathi avimba imigwaqo eseduze ukuze abazalwane bangakwazi ukudlula baye emhlanganweni. Umshushisi woFakazi BakaJehova ongubhongoza usalindele ukuvela enkantolo, kodwa akaboshiwe. Icala lakhe selihlehliswe izikhathi ezingu-19. Abacheme naye bake bavuk’ umbhejazane enkantolo, bashaya abazalwane futhi babangcofa ngamazwi. UMnyango Wentela wesula ilayisense yoFakazi ababeyidingela ukulanda izincwadi nokwenza ezinye izinto ezihlobene nalokho.
Zimnandi ezivela eKosovo naseRomania. Ngo-May 20, 2003 abamemezeli boMbuso abangu-90 eKosovo baqashelwa ngokomthetho kwabhaliswa nomthetho-sisekelo wabo. Ngo-May 22, 2003, iRomania nayo yakhipha umthetho ovela emnyango kahulumeni owawuqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova base beqashelwa njengenkolo esemthethweni. ISiphakamiso 3 salo mthetho sithi: “Inkolo yobuKristu ‘Eyinhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova’ inawo wonke amalungelo nezibopho ezibekwe emthethweni wezinkolo eziqashelwa uMbuso WaseRomania.” Lo mthetho wakhishwa ngenxa yesinqumo sango-2000 seNkantolo Ephakeme Yobulungisa yaseRomania.
ERussia icala elalihlose ukuvala oFakazi BakaJehova eMoscow lahlehliselwa isikhathi esingaziwa ngo-May 22, 2003. Ijaji lathi “ongqondongqondo” abaphinde bayohlola ukuthi izincwadi ezishicilelwa oFakazi BakaJehova zibe naliphi ithonya ezingqondweni zabantu eminyakeni eyishumi edlule, langasho ukuthi abathathe isikhathi esingakanani. Abezesayensi bayangabaza ukuthi ukuhlola okunjalo kunengqondo. Kwenzeka lokhu nje i-European Court of Human Rights isiqalile ukuhlola incwadi yesikhalo eyabhalwa abazalwane. Le ncwadi ikhala ngokuhlukunyezwa nokubandlululwa koFakazi ngabezomthetho eMoscow eminyakeni engu-7 edlule.
UMkhandlu Wongqongqoshe wasenyakatho yeCyprus, ngesiNqumo sawo esingunombolo E-1516-2002 sika-August 8, 2002, waqeda umthetho owawuvimbela oFakazi BakaJehova ukuba bangene enyakatho yalesi siqhingi. Amaphayona ayexoshiwe khona ngesikhathi kumiswa umthetho obavimbelayo ngo-1997. AmaHholo OMbuso amabili ayedliwe abuyiselwa kubazalwane.
E-Uzbekistan, uMarat Mudarisov watholakala enecala “lokugqugquzela ukuzondwa kwezinkolo nokuyengela izingane” enkolweni yakhe. Isigwebo sakhe silengisiwe. Eqinisweni “icala” lakhe nje ukushumayeza omakhelwane bakhe ngezindaba ezinhle kanye nokuqhuba izingxoxo zeBhayibheli masonto onke emihlanganweni yebandla. Kusanda kufakwa isicelo eNkantolo Ephakeme yase-Uzbekistan futhi isigwebo esingafanele esasinikezwe uMfoweth’ uMudarisov sahoxiswa.
Babhekana Nezilingo
Njengoba selidumela emansumpeni kulesi simiso sezinto samanje, udlame nezibhelu kuqhubekela phambili, ngokuvamile kudale ubunzima obukhulu. Nyakenye, impi yombango ibilokhu iyivithiza iLiberia nenhloko-dolobha yayo iMonrovia. “Kwaze kwaphela isonto kulwiwa emigwaqweni futhi kwasuka esinamathambo kulo lonke idolobha,” kusho umbiko wezindaba wakwaReuters. “Lapho sebehoxile abavukeli kwathi gozololo, kodwa ngomhlaka-24 June, impi yaqala phansi, isivutha bhe yagcina isicekele phansi izingqalasizinda kwafa nabantu.” Kwenye indawo khona lapha kwadingeka ukuba abazalwane balale mba phansi eHholo LoMbuso elimanzi ngenxa yezinhlamvu zezibhamu neziqhumane, kuchaza ihhovisi legatsha. “Wawumubi kabi umonakalo owenzeka lapha,” kubhala abazalwane. “Sasihogela iphunga lezidumbu.” Isifo sohudo esaqubuka sabulala abengeziwe.
Amadoda ayehlomile ayigcugca imizi namaHholo OMbuso. Njengoba babazi ukuthi noma yini ewusizo ingantshontshwa, abazalwane abaningi baneliswa ukuthola izidingo zokuphila hhayi okunye, kuchaza umbhangqwana waseMonrovia oyizithunywa zevangeli. Imikhaya ayiyithenganga ngisho nemibhede emisha ngemva kokuba eyayikhona intshontshiwe, yazilalela phansi komata. Labo ababengakwazi ukugoduka baphila njengababaleki noma babalekela ezweni elingumakhelwane.
“Abantu baphilela olwanamuhla,” kuloba igatsha. “Noma kunjalo, kukhuthaza kakhulu ukubona ukuthi abazalwane bazimisele ukuya ezifundweni nasensimini uma izimo zivuma.” Uma kufika izimpahla zosizo, kusho izithunywa zevangeli ezishiwo ngenhla, “phakathi kwezinto zokuqala abazalwane abazicelayo kuba izincwadi zeBhayibheli, ngezinye izikhathi nesikhwama sasensimini ngoba esinye sisuke silahlekile.”
Amazwekazi Ayazinyathelisela
Ngo-September 1, 2001 kwakhethwa abazalwane abangu-7 emazweni ahlukahlukene ukuba bakhe iqembu elibizwa ngokuthi iPrinting Study Group. INdikimba Ebusayo yacela laba bazalwane ukuba bahlole wonke amagatsha anyathelisayo emhlabeni futhi basikisele izindlela zokuzisebenzisa ngezinga elikhulu ngisho nangokwengeziwe lezi zakhiwo. Ngenxa yokusikisela kwaleli qembu, ngo-October 17, 2001 iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba amazwekazi azinyathelisele. Lawo mazwekazi yi-Afrika, i-Asia, iYurophu, iMelika eseNyakatho neseNingizimu.
Leli lungiselelo elisha laqala ukusebenza ekuqaleni kuka-2002. Imiphumela iyakhuthaza. Cabanga ngokukhiqizwa kwezincwadi. Ngonyaka ka-2000, igatsha lase-United States lanyathelisela amanye amazwe izincwadi ezingaba amaphesenti angu-50. Kodwa manje, ngaphansi kwaleli lungiselelo, likhiqiza ezingamaphesenti angu-26 kuphela. Umphumela ube ukuncipha kwezindleko zokuthumela izincwadi, ukuncipha kwezisebenzi, imishini, indawo ebidingeka endaweni yokunyathelisa e-United States, nasekutheni izakhiwo ebezivele zikhona kwamanye amazwe zithwale umsebenzi ozilingene.
Kanye noshintsho lokuba amazwekazi azinyathelisele, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kuthengwe imishini emisha yokunyathelisa engu-7 ebizwa ngokuthi iMAN Roland Lithoman. Izothatha isikhundla semishini esigugile nesihlupha, kunyatheliswe ngayo esikhathini esizayo. Emihlanu kule mishini emisha iya egatsheni laseBrazil, eBrithani, eJapane, eMexico naseNingizimu Afrika, eminye isixhunyiwe kakade. Lena eminye emibili izoya eWallkill, eNew York, lapho kuhlelwe ukuba ifakwe khona ngo-April nango-May 2004. Umshini owodwa ungamamitha angu-40 ubude, ngehora uzokwenza omagazini abangu-90 000 (abangu-25 ngomzuzwana), noma amakhasi ezincwadi ahamba ngamaqoqo angangomagazini futhi uzokwazi ukunyathelisa wonke amakhasi ngombala ogqamile.
Olunye Ushintsho EBrooklyn NaseWallkill
Kanye nale mishini emisha, eWallkill kuzofika nomshini omusha wokuhlanganisa izincwadi okwazi ukwenza izincwadi ezinoqwembe oluqinile namaBhayibheli anesembozo sesikhumba nombala oyigolide angu-120 ngomzuzu. UMnyango Othumela Izincwadi, ozosuka eBrooklyn uye eWallkill, uzosizakala ngesimiso sokugcina izincwadi esinamashalofu amade esizokwenza ukuba izincwadi zithathe indawo encane kunebidingeka eBrooklyn.
Izakhiwo ezingasenalutho eBrooklyn zizosetshenziselwa ezinye izinto. Ngaphezu kwalokho, ngo-June 2003 iNdikimba Ebusayo yamemezela ukuthi isakhiwo esingamamitha-skwele angu-95 000 esiku-360 Furman Street singase sidayiswe, okuyilapho bekukhona khona uMnyango Othumela Izincwadi neminye iminyango. Eminye iminyango ekulesi sakhiwo isithuthelwe kwezinye izingxenye zesakhiwo saseBrooklyn noma izothuthwa maduzane.
Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso
Ungakapheli unyaka wenkonzo ka-2003, kwase kuqedwe amaHholo OMbuso angu-2 340 emhlabeni jikelele. Kusho ukuthi ngenyanga kwákhiwa amahholo angu-195, noma angaphezudlwana kwangu-6 ngosuku! Kusukela ngo-November 1999, ngesikhathi kuqala isimiso sokwakha emazweni angenamali, sekwakhiwe amaHholo OMbuso angu-7 730. Ezindaweni eziningi lithi lingaphela nje ihholo, likhuphuke inani labeza ezifundweni bese amahholo egcwala ekhuza phezulu.
Ngenkathi kuqala lesi simiso e-Afrika kwakunezindawo ezifanelekela ukukhulekela ezingu-550 emazweni angu-38 kuleli zwekazi. Ngemva kweminyaka engaphansi kwemine, wona lawo mazwe angu-38 ayesenamaHholo OMbuso angaphezu kuka-5 060—okusho ukuthi amabandla amathathu kuya kwamane ayeseneHholo elilodwa. Embikweni okhuluma ngokuthi umsebenzi wamaHholo OMbuso uwuthinta kanjani umphakathi eMalawi, igatsha lakhona lalandisa ngesichazamazwi esisha esashicilelwa i-Christian Literature Association yaseMalawi. Lithi: “Kulesi sichazamazwi kunegama elithi oFakazi BakaJehova bese lihunyushwa ngendlela eqondile ngolimi lwesiChewa. Uma sesibonisa indlela elingase lisetshenziswe ngayo emshweni leli gama, lesi sichazamazwi siyenezela: ‘OFakazi BakaJehova sebakhe amasonto amaningi.’”
Ihhovisi legatsha kwelinye izwe lase-Afrika labhala: “Ngenkathi abazalwane behambisa amaphepha esicelo sethu sokwakha iHholo LoMbuso ehhovisi lesikhulu esithile, lo mlisa wawadabula khona lapho amaphepha ethu wawalahla. Kwathi esekwenza okwesithathu lokhu, abazalwane bayishiyela kuJehova indaba. Dukuduku, iziphathimandla zanikeza omunye walaba bazalwane umsebenzi wokukhipha izimali ezibolekisayo zinikezwe izikhulu zikahulumeni ngoba wayaziwa ukuthi uthembekile.
“Kubantu ababefake izicelo zemali ebolekisayo kwakukhona nalesi sikhulu esasidabule amaphepha ethu. Sathi singabona lo mzalwane, sajika khona lapho sahamba, sabuya ngesonto elilandelayo sithemba ukuthi sizothola sekungomunye umuntu okhipha izimali. Kodwa kulokhu, umfowethu waya kuso, wacela amaphepha aso, wagunyaza ukuba sinikwe imali. Saba namahloni, sacela abazalwane ukuba baphinde balethe amaphepha abo esicelo. Yisona gaqa laso esawahambisa kwabasiphethe ukuze bawahlole futhi sayithola imvume yokwakha iHholo LoMbuso. Njengoba sesibahlonipha manje oFakazi, sathi: ‘Ababuyiseli okubi ngokubi.’”
Igatsha lase-Ukraine liyalandisa: “Ngesikhathi abazalwane befuna indawo edolobheni lase-Artsyz, bathintana nomdwebi-mapulani wesifunda. Bamtshengisa izithombe zamaHholo OMbuso ayesephelile. Wahlabeka umxhwele wathi: ‘IHholo LoMbuso elinjena kufanele libe seduze namahhovisi ethu esifunda ngoba lizolenza liqhakaze idolobha.’ Wabe esesikisela indawo ethile. Kamuva, umdwebi-mapulani omkhulu wesifunda wanezela: ‘Ngiyaqala mina ukubona amakholwa evumelana ngamapulani engakaqali ukwakha. Avame ukwenza okuphambene nalokhu.’”
Esakhiweni seHholo LoMbuso edolobheni laseLysychans’k, usomabhizinisi wesimame wasedolobheni elakhelene naleli wathi: “Benginibhekile. Ngicabanga ukuthi kufanele nakhe iHholo LoMbuso elinjena ngakithi. Ngizonilekelela nasemizamweni yokuthola isiza esikahle.” Abazalwane bamtshela ukuthi bayisihlanu kuphela oFakazi abahlala ngakubo—bambalwa kakhulu ukuba bangakha ibandla nehholo. Wabuza: “Kanti nidinga abangaki?” wabe esenezela: “Ngibhaliseni ngibe owesithupha.” Mhlawumbe wayencokola. Kodwa-ke yena wasamukela isifundo seBhayibheli.
AmaHholo OMhlangano Amasha
Ngonyaka wenkonzo odlule, kuqedwe futhi kwanikezelwa amaHholo OMhlangano eNhandeara naseGoiânia, eBrazil; e-El Trébol, eSantiago, eChile; eMorne Daniel, eDominica; eMachala, e-Ecuador; eSyracuse, eSicily, e-Italy; eGerehu, ePapua New Guinea; eLomé, eTogo; eNewburgh, eNew York naseWest Palm Beach, eFlorida, e-U.S.A. Mayelana nelaseNewburgh, usomabhizinisi walapha wathi: “Inhlangano yenu iyamangalisa! Nisebenzisa amavolontiya anezizinda, iziphiwo namakhono angefani, futhi wonke asebenzisana ngokuzwana. Ngiyayeshwama int’ enjena mina!” Akulona izinga lomsebenzi lodwa elahlaba umxhwele umhloli wezakhiwo walapha kodwa nabazalwane nodade. Wathi: “Kuyangijabulisa ukuza lapha. Kuba mnandi uma nginani.”
Lapho selizophela ihholo laseNewburgh, lasha, konakala ingxenye engamaphesenti angu-20 yalo. Kunokuba badikibale, abazalwane basabela ngobuningi ukuze basize balilungise. Ngenxa yalokho, yaphela inyanga seliqediwe ukulungiswa, okwenza ukuba linikezelwe ngesikhathi esasimisiwe, u-October 19, 2002. Likhuluma ngamavolontiya, iphephandaba lalapha lathi: “Ukholo lwawo luvutha lwedlula amalangabi ashisa ingxenye ethile yesakhiwo esingama-square-foot angu-60 000.” Njengendlela yokubonisa ukwazisa ubunye obuyigugu babantu bakaNkulunkulu, abazalwane bathola imvume yokuqamba umgwaqo oya kuleli Hholo LoMhlangano ngokuthi Umgwaqo Wobunye.
Ukunikezelwa Kwamagatsha
Njengoba izinxushunxushu zombango nezombusazwe zithe bhe, abazalwane eCôte d’Ivoire babuthana ngokuthula ngo-March 29, 2003 bezonikezela izakhiwo ezintsha eziningana egatsheni lase-Abidjan. Kuzo kukhona iHholo LoMbuso elisha, izakhiwo ezimbili zokuhlala, nesakhiwo esinendawo enkulu yokudlela, ikhishi, ilondolo, amashede namashabhu. Lezi zakhiwo ezintsha zingaphesheya komgwaqo uma usegatsheni lokuqala elakhiwa ngo-1982. Amavolontiya avela emazweni angu-15, amaningi awo ayezizele ngezindleko zawo, alekelela abakhi balapha abangu-110. USébastien Johnson, umbonisi wamagatsha owayehambele leli gatsha, wethula inkulumo yokulinikezela enesihloko esithi, “Inhliziyo Yakho Mayibe Sekukhulekeleni Okumsulwa.”
NgoMgqibelo ngo-February 15, 2003, kwaba khona abangu-332 ekunikezelweni kwegatsha elisha eGuyana. URichard Kelsey wasegatsheni laseJalimane wabeka inkulumo yokulinikezela. Wakhuluma kakhulu ngoJehova njengongumaKhi Oyingcweti wezulu nomhlaba. Nokho, uMfoweth’ uKelsey wabonisa ukuthi ngesenzo sokudala sikaJehova esizedlula zonke, esasingesokuqala futhi, kwavela isidalwa somoya esikhazimulayo—iNdodana yakhe ezelwe yodwa. Izithunywa zevangeli eziningi zokuqala zabuya zize kulesi simiso sokunikezela, ezinye zaziqala ukubuya ngemva kweminyaka eminingi! Uma sicabanga ukuthi bangaphezudlwana nje kuka-2 000 abamemezeli bezindaba ezinhle eGuyana, yaba nkulu intokozo uma bebona abangu-4 752 ababevela emazweni angu-12 ngeSonto esimisweni esikhethekile.
Ekuvulweni kwesakhiwo seBethel esenezelwe eHaiti, iphimbo lensizw’ endala uGeorge Corwin lavevezeliswa umunyu lapho ixoxa ngokuvakashela kwayo eSt. Marc, itheku elingamakhilomitha angu-60 uma usuka ePort-au-Prince uya enyakatho. Njengoba ayeyisithunywa sevangeli eSt. Marc eminyakeni engaphezu kwengu-40 edlule, wasiza ekumisweni kwebandla lakhona lokuqala. Sekunamabandla amane amakhulu. Abantu ayebafundela iBhayibheli, manje abangoFakazi abaqinile nabathembekile, bamamukela ngesasasa elikhulu. Ngenkathi uMfoweth’ uCorwin efika eHaiti, kwakunabamemezeli abangaphansana kuka-900, kanti ihhovisi legatsha—elalingumuzi omncane oqashiwe—lalinezisebenzi ezimbili.
Igatsha elisha lakhiwa eHaiti ngo-1986 kodwa nalo laba lincane. Leli elinwetshiwe elisanda kunikezelwa, lithatha umkhaya waseBethel ongu-40, okhonza abamemezeli abangaphezu kuka-12 000. Amavolontiya avela e-Australia, eBrithani, eCanada, eDenmark, eJalimane nase-United States ahlanganyela kulo msebenzi wokwakha. Afundisa namavolontiya aseHaiti amakhono abalulekile okwakha.
Imishini emikhulu cishe nazo zonke izinto zokwakha kwadingeka kulandwe kwamanye amazwe ngoba akukho lapha. Ngakho umsebenzi wawuhamba kancane ngezinye izikhathi kodwa ungami. Usuku lokunikezela lwaba ngoMgqibelo, ngo-November 23, 2002. Kubantu abangu-3 122 ababekhona kwakukhona nabangu-240 ababevela emazweni angu-13. UDavid Splane weNdikimba Ebusayo wethula inkulumo yokunikezela. Ngakusasa, kwaba khona abangaphezu kuka-20 000 esimisweni esikhethekile eSylvio Cator Stadium ePort-au-Prince.
“Masisukumeni, sakhe.” (Neh. 2:18) La mazwi akhuthazayo ashiwo amaJuda athembekile ngesikhathi sikaNehemiya, avela esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso yango-June 2000 eHungary. Abantu bakaJehova kulo lonke leli bamenywa ukuba bafake isandla ekwakheni igatsha elisha eBudapest. Amavolontiya angu-13 741, evela kuwo wonke amabandla alapha angu-251, ahlanganyela kulo msebenzi owathatha iminyaka emibili owawuhilela nokushintsha isakhiwo esasingesamasosha. Isimiso sokunikezela saba ngo-May 10, 2003, kwafika izimenywa ezingu-554 zivela emazweni angu-22. Ilungu leNdikimba Ebusayo uGuy Pierce labeka inkulumo yokunikezela ethi, “UJehova Uyaqhubeka Ekhulisa.”
Kuye kuthi phathaphatha, sekwandiswa igatsha eMexico. Izakhiwo ezintsha ezingu-14, ezanikezelwa ngo-March 15, 2003, zenezela kwezanikezelwa ngo-1974, ngo-1985 nango-1989. Ukwakha isisekelo salezi zakhiwo ezintsha esingamamitha-skwele angu-80 000 kwakuyinselele ekhethekile ngezizathu ezimbili. Okokuqala, ngenxa yokuthi kulesi siza kwakuke kwaba nechibi, inhlabathi yakhona ayikulungele ukuba kwakhiwe isakhiwo esikhulu kuyo. Okwesibili, le ndawo ithandwa ukuzamazama komhlaba. Ngakho ukuze kwakhiwe isiza esiqinile nesiphephile, kwadingeka ukuba izisebenzi zifake izinsika zikakhonkolo ezingu-3 261, ngayinye imbelwe ishone phansi ngamamitha angu-24! Ukuhlela nokwakha kwathatha iminyaka engu-12 namavolontiya angu-28 600 avela eMexico nangu-734 ayevela kwamanye amazwe.
Mathathu amalungu eNdikimba Ebusayo abeka izinkulumo esimisweni sokunikezela. UGuy Pierce wakhuluma ngenjabulo enkulu ebangelwa ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova. UTheodore Jaracz wachaza ukuthi kukanjani izibusiso zenkambo yokwethembeka enkonzweni kaNkulunkulu zizedlula kude le izilingo amaKristu abhekana nazo kulesi sikhathi sokuphela. UGerrit Lösch yena wayibeka ngeSpanishi inkulumo yokunikezela ethi, “Khulekela UNkulunkulu Weqiniso!”
Ngo-November 23, 2002 igatsha lasePeru lanikezela izakhiwo eziningana, ezihlanganisa ihhovisi elihle elisha elinezitezi ezinhlanu nesakhiwo sokuhlala. UGerrit Lösch wabeka inkulumo yokulinikezela ethi, “Ukwanda Kuholela Ekudumiseni UJehova.” Ngakusasa ngeSonto kwafika abantu abangu-59 940 eSan Marcos Stadium eLima, futhi isimiso esikhethekile sasikhuluma kakhulu ngesibusiso sikaJehova esicebile emsebenzini woMbuso ePeru. Yeka indlela esiye sabonakala ngayo leso sibusiso! Ngesikhathi kufika izithunywa zevangeli zokuqala zizovula umsebenzi ngo-1946, kwakunedlanzana labamemezeli nabantu abathakazelayo. Manje kunabamemezeli abangu-87 318 namabandla angu-916 ePeru.
Egatsheni laseRussia izivakashi ezingu-600 namalungu omkhaya waseBethel angu-350—ababevela emazweni angu-30 sebebonke—bahlangana ngo-May 17, 2003 bezozibonela kunikezelwa izakhiwo ezintsha zokuhlala, amahhovisi namashede. Lalikade linikezelwe eminyakeni eyisithupha ngaphambili, kungani kudingeke landiswe ngokushesha okungaka?
Igatsha laseRussia, eliseSolnechnoye emaphethelweni eSt. Petersburg, linakekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emazweni ayishumi. Kukhulunywa izilimi ezingaphezu kwekhulu kule ndawo enkulukazi ehlanganisa izigaba zezikhathi ezingu-11. Khona-ke, umsebenzi wokuhumusha wakha ingxenye eyinhloko neyandayo yomsebenzi egatsheni. Kumanje-nje abazalwane bahumushela izincwadi zeBhayibheli ezilimini ezingu-34. Ngaphandle kwalokho, kusukela lanikezelwa okokugcina, inani labamemezeli lapha landa ngabangaphezu kuka-40 000—cishe abangu-7 000 ngonyaka! “Futhi ukwanda kuqhubeka ngomfutho omkhulu,” kuloba igatsha. Ngakho besabela esibusisweni sikaJehova esicebile, abazalwane baseRussia bakujabulela ‘ukwelula izintambo zetende labo.’—Isaya 54:2.
Esimisweni sokunikezela ngoMgqibelo kwakukhona abaningi abathembekile asebemnkantsh’ ubomvu ababeshushiswe kakhulu ngenkathi yamaSoviet. Bonke babelalele njengoba uDavid Splane ayethula inkulumo yokunikezela enesihloko esithi “Ngizoyigcwalisa Le Ndlu Ngenkazimulo,” eyayisekelwe kuHagayi 2:7. Wachaza ukuthi nakuba izakhiwo ezintsha zizinhle futhi ziletha udumo, ngokuyinhloko ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu nezimfanelo ezingokomoya zomKristu ngamunye yikona okukhazimulisa uJehova kuhlobise nokukhulekela kweqiniso. NgeSonto, abangu-9 800 baqunga bahamba emkhizweni obandayo beyothamela isimiso esikhethekile eKirov Stadium eSt. Petersburg.
Emhlabeni jikelele zingu-19 848 sezizonke izikhonzi ezimisiwe ezisebenza ezakhiweni zamagatsha. Zonke zingamalungu eWorldwide Order of Special Full-Time Servants of Jehovah’s Witnesses (ISifungo Sezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele Emhlabeni Wonke).
[Ishadi/Izithombe ekhasini 12, 13]
EZINYE ZEZENZAKALO ZONYAKA WENKONZO KA-2003
September 1, 2002
September 1: Izihloko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda sezitholakala kuyi-video ngoLimi Lwezandla LwaseMelika.
November 23: Kunikezelwa amagatsha eHaiti nasePeru.
January 1, 2003
January 1: Amabandla aqala ukusebenzisa incwadi entsha ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
February 15: Kunikezelwa igatsha laseGuyana.
March 15 no-29: Izwe laseMexico nelaseCôte d’Ivoire anikezela amagatsha.
April 16: Amaphoyisa e-Asmara, e-Eritrea, abopha abangu-164 abebeseSikhumbuzweni.
May 1, 2003
May 10 no-17: Kunikezelwa igatsha laseHungary nelaseRussia.
May 20: OFakazi BakaJehova babhaliswa ngokomthetho eKosovo.
May 22: IRomania iqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo eqashelwayo. Icala elibekwe oFakazi ngenjongo yokubavimbela eMoscow lihlehliselwe isikhathi esingaziwa.
August: Kuxhunywa umshini omusha iMAN Roland Lithoman egatsheni laseBrithani.
August 31, 2003
August 31: Emazweni asathuthuka sekuqedwe amaHholo OMbuso angu-7 730 kusukela ngo-November 1999. Bangu-6 429 351 abamemezeli ababikayo emazweni angu-235.
[Izithombe]
EHaiti
EPeru
[Igrafu ekhasini 11]
(Bheka encwadini)
Ukwanda kwenani lezilimi:
Zonke izincwadi
“INqabayokulinda”
I-“Phaphama!”
400
300
200
100
1880 1920 1960 2000
[Isithombe ekhasini 14]
Othisha abafundisa i-Course in Improved English Comprehension nomkabo
[Isithombe ekhasini 22, 23]
Umshini uqhathaniswa nebhasi
Ubukhulu bomshini:
Ubude: amamitha angu-40
Ukuphakama: amamitha angu-5,5
Isisindo: ungamathani angu-201
[Izithombe ekhasini 28, 29]
Izakhiwo zamagatsha ezisanda kunikezelwa (1) eGuyana, (2) eHungary (3) naseCôte d’Ivoire