Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb04 kk. 3-5
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1997 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1997
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1995 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1999
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1996 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1996
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
yb04 kk. 3-5

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo:

“KWANGATHI ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.” (1 Kor. 1:3) Yeka ukuthi sisibheke ngabomvu kanjani isikhathi lapho konke okuphefumulayo kuyonikeza khona uJehova inkazimulo emfanele! (IHu. 150:6) Njengoba silindele lolo suku olukhulu, siyaqhubeka simemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi senza abafundi.

Ukushumayela izindaba ezinhle yiwona msebenzi uJehova agxile kuwo emhlabeni namuhla. (Marku 13:10) Ngenxa yokuthi sazi kahle ukuthi uJehova unesithakazelo kangakanani kulo msebenzi, uma siwenza siyathandaza, siqaphela ukuthi umuntu ngamunye unethuba lokuzuza elungiselelweni lesihlengo. (IsAm. 14:6, 7, 14, 15) Yiqiniso, zikhona izingqinamba kodwa yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi ‘sembathiswe amandla avela phezulu’ ukuze sifeze inkonzo yethu!—Luka 24:49.

Kuyajabulisa ukubheka emuva onyakeni wenkonzo odlule futhi sicabange ngalokho uJehova akufezile ngezinceku zakhe ezithembekile. Ngamandla abawaphiwa umoya ongcwele, abantu bakaNkulunkulu baye babonisa uthando olunjengolukaKristu, banqoba inzondo emhlabeni wonke. Uthando olunjalo lwalubonakala ngokucacile emihlanganweni yethu. Kusukela ngo-June kuya ku-December 2003, izihambeli zomhlangano ezivela emazweni angaphezu kwayikhulu zaya emihlanganweni yezizwe engu-32 eyayisemazwekazini ayisithupha. Emihlanganweni yesigodi neyezizwe kwaxoxwa nezithunywa zevangeli, izisebenzi zakwamanye amazwe nezikhonzi zaseBethel zakwamanye amazwe.

Kule mihlangano, sathola incwadi ethi ‘Bona Izwe Elihle’ nethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngaphezu kwalokho, kwamenyezelwa ukuthi incwadi yeSikole Senkonzo Samaphayona ebukeziwe izoqala ukusetshenziswa ngasekupheleni konyaka wenkonzo ka-2004. Amaphayona asenesikhathi eside ephayona, asáya kulesi sikole, azofunda namaphayona amasha emakilasini.

Ngenxa yokusekela kwaphezulu nokuphana kwabantu, kuye kwakhiwa amanye amaHholo OMbuso amaningi, ikakhulukazi emazweni angamile kahle ngokwezimali. Ngenxa yesidingo sokudla okungokomoya esandayo emhlabeni wonke, kunwetshwa amagatsha emazweni amaningi. Incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! manje isitholakala ngezilimi ezingu-299, kunyatheliswa amakhophi ayizigidi ezingu-139; kanti angaphezu kwezigidi ezingu-93 amakhophi encwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade anyatheliswa ngezilimi ezingu-161; kanti amakhophi encwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? wona angaphezu kwezigidi ezingu-200 ngezilimi ezingu-267.

Sibamukela ngazo zombili abangu-258 845 abaye babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi ngonyaka wenkonzo odlule! Yize ukusekela kwenu uMbuso kaNkulunkulu kwenze ukuba uSathane anganifuni noma anibone, kwenze nokuba uJehova anigidlabeze ngezibusiso futhi anivikele ngokomoya njengoba nigijima emncintiswaneni obekwe phambi kwenu. (Heb. 12:1, 2; IsAm. 12:17) Yebo, qinisekani ukuthi ‘akunakwenzeka ukuba Lowo oniqaphile ozele.’—IHu. 121:3.

Isihloko sonyaka ka-2004 esithi, “Hlalani nilindile . . . Yibani abakulungele,” sifike ngesikhathi kakhulu. (Math. 24:42, 44) IZwi likaNkulunkulu lichaza amaKristu njengezakhamuzi zesikhashana kulesi simiso sezinto esifayo. (1 Pet. 2:11; 4:7) Ngakho, kudingeka sihlale sigxilile, sigcine ukuphila kwethu kulula futhi sihlolisise izinhliziyo zethu. “Udrako omkhulu” ufuna ukusishwabadela, asihlanganise nesimiso sakhe sezinto.—IsAm. 12:9.

Into ebalulekile ukuze sihlale siqaphile ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Kungasisiza ukuba ‘u-Yebo wethu asho uYebo’ mayelana nokuzinikezela kwethu futhi ‘siqinise ukubambelela kwethu ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni.’ (Jak. 5:12; Heb. 3:14) Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungasisiza sikhumbule ukuthi izwe seliphambuke kangakanani ezindinganisweni zikaNkulunkulu ezingashintshi. (Mal. 3:6; 2 Thim. 3:1, 13) Ulwazi lweBhayibheli lungasisiza sigweme “izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko” futhi sihlale sithembekile kuJehova.—2 Pet. 1:16; 3:11.

Bazali, njengoba nikhulisa izingane zenu ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kaJehova, ingabe niyazisiza ukuba zibeke imigomo engokomoya futhi ‘zihlale zilindile’? (Efe. 6:4) Ingabe niyaziqeqesha ukuba zibheke ikusasa lazo ngendlela ayelibheka ngayo umuntu ohlakaniphe kunabo bonke owake waphila emhlabeni? UJesu wayengaba umbazi, umsunguli noma udokotela omkhulu kunabo bonke abake baba khona, kodwa kunalokho waphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele. Kwangathi isibonelo sakhe singakushukumisela ukuba usize izingane zakho zibeke izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwazo.

Isigaba senceku ethembekile, esimelelwa iNdikimba Ebusayo, sisibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo “isixuku esikhulu” ngokusisiza sifeze umthwalo wethu wokuba ‘lezi zindaba ezinhle zombuso zishunyayelwe emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi.’ (IsAm. 7:9; Math. 24:14, 45) Nina bathandekayo uJehova uyaniqinisekisa ukuthi uyawukhumbula “umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.” (Heb. 6:10) Njengoba ufunda okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo futhi uphawula umphumela wemizamo yenu ehlangene emakhasini alandelayo, yazi ukuthi ufeze indima ebalulekile ekunikezeni lobu bufakazi bomhlaba wonke.

Kwangathi ningabhekana nekusasa ngesibindi njengoba niqhubeka ‘nigxilise amehlo ekukhokhweni komvuzo,’ ningavumeli muntu noma demoni liniphuce wona. (Heb. 11:26; Kol. 2:18) Yebo, thembelani kuJehova niqiniseka ukuthi uyobasiza bonke abamthandayo ukuba bafinyelele ukuphila okugcwele.—Joh. 6:48-54.

Qinisekani ukuthi siyajabula ukukhonza kanye nani kube udumo enkazimulweni kaJehova.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela