AMACEBISO OKUTADISHA
Lungiselela Izimpendulo Ezakhayo
Emihlanganweni yethu yebandla, sinelungelo lokukhuthaza abafowethu nodadewethu ngezimpendulo zethu. (Heb. 10:24, 25) Singazilungiselela kanjani izimpendulo ezikhuthaza ngempela?
Thandaza kuJehova. Mcele akusize uphendule ngendlela eletha udumo kuye nekhuthazayo kwabanye.—IHu. 35:18.
Zama ukuba ungamane nje uyifunde phansi njengoba injalo impendulo yakho. Lapho uphendula ngamazwi akho, abanye bayozuza njengoba bekuzwa uveza ukholo lwakho kuJehova.
Gcina izimpendulo zakho zimfushane. Ngokuvamile izimpendulo ezimfushane nezilula ziyakhuthaza kakhulu futhi zenza nabanye bakwazi ukuphendula emihlanganweni.—IzAga 10:19.
Hlale unikeza izimpendulo ezakhayo. Gwema ukusebenzisa izimpendulo zakho ukuze weluleke noma ugxeke ibandla noma okholwa naye.
Ngisho noma ungakhonjwanga, usengabakhuthaza abanye. Lalelisisa futhi ubancome abanye ngezimpendulo zabo.—IzAga 10:21.