Imibuzo Evela Kubafundi
Uyophela nini umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle?
UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuphela” kuleli vesi nasemavesini 6 no-13, lithi teʹlos. Libhekisela ekupheleni kwezwe likaSathane e-Armagedoni. (IsAm. 16:14, 16) Ngakho, sizoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle kuze kube ngaphambi nje kokuphela kwaleli zwe. Lokhu kulungisa indlela ebesiqonda ngayo ngaphambili.
Ekuqaleni, indlela ebesiqonda ngayo beyiwukuthi siyoyeka ukushumayela izindaba ezinhle lapho iBhabhiloni Elikhulu liqala ukubhujiswa. (IsAm. 17:3, 5, 15, 16) Sasikholelwa ukuthi lesi senzakalo sasiyosho ukuphela ‘konyaka womusa kaJehova’ okungokomfanekiso. (Isa. 61:2) Sasicabanga nokuthi labo abayosinda ngosizi olukhulu kuyoba yilabo ababonise ukuthi bazinikele kuJehova ngaphambi kwaleso senzakalo. Sasibafanisa namaJuda asinda ngesikhathi kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E. Lawo maJuda ayebekwe uphawu lokuba asinde kusengaphambili ngoba ayekhonza uJehova futhi ebuzonda ububi. (Hez. 5:11; 9:4) Nokho, ukuqhathanisa labo abayosinda osizini olukhulu nalawo maJuda akuhambisani namazwi kaJesu atholakala kuMathewu 24:14, abonisa ukuthi abantu bangase babe nethuba lokwamukela izindaba ezinhle kuze kube ngaphambi nje kokuphela kwaleli zwe e-Armagedoni.
Ukuqonda kwethu okucacisiwe kwencwadi kaMathewu 24:14 kulungisa nendlela esiqonda ngayo umyalezo onjengesichotho esikhulu owabikezelwa kusAmbulo 16:21. Ucwaningo olwengeziwe luveze ukuthi le miBhalo emibili iyavumelana. Kanjani? Impendulo incike endleleni abantu abasabela ngayo emyalezweni woMbuso. Umphostoli uPawulu wathi ‘kulabo abasindiswayo,’ lo myalezo uyizindaba ezinhle, “iphunga lokuphila.” Kodwa ezitheni zikaNkulunkulu, uyizindaba ezimbi, “iphunga lokufa.” (2 Kor. 2:15, 16) Ziyawuzonda umyalezo woMbuso ngoba uveza lokho leli zwe lazo ezilithandayo eliyikho—likhohlakele, libuswa uSathane futhi maduze lizobhujiswa.—Joh. 7:7; 1 Joh. 2:17; 5:19.
Phawula nokuthi isichotho esingokomfanekiso okukhulunywe ngaso kusAmbulo 16:21 siyoba ‘sikhulu ngokungajwayelekile.’ Lokhu kusikisela ukuthi phakathi nosizi olukhulu, umsebenzi wokushumayela ungase ube namandla ngisho nakakhulu, okuwukuthi igama likaJehova liyokwenziwa laziwe ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo ngaphambili. (Hez. 39:7) Ngaleso sikhathi, ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, bakhona yini abanye abayodonseleka emyalezweni woMbuso njengokungathi badonswa yiphunga elimnandi? Kungenzeka bakhona. Mhlawumbe bangase bakhumbule noma bafunde ukuthi sekuphele iminyaka eminingi oFakazi BakaJehova basho ukuthi inkolo yamanga izobhujiswa.
Ukuze sifanise lokhu, cabanga ngalokho okwenzeka eGibhithe lasendulo ngemva kweziNhlupho Eziyishumi. Ngemva kokuba uJehova “[esekhiphe] isahlulelo kubo bonke onkulunkulu baseGibhithe,” abantu abangewona ama-Israyeli, “iqembu elikhulu elixubile,” bazihlanganisa nabantu baKhe. (Eks. 12:12, 37, 38) La bantu abangewona ama-Israyeli kungenzeka bakhetha ukuba ngasohlangothini lukaJehova lapho bezibona zenzeka iziNhlupho Eziyishumi uMose ayexwayise ngazo.
Noma ubani oyophendukela kuJehova ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, uyoba nelungelo lokusekela abafowabo bakaKristu abayobe besekhona emhlabeni. (Math. 25:34-36, 40) Yiqiniso ukuthi lelo thuba lokwahlulelwa njengezimvu liyophela ngaphambi nje kwe-Armagedoni, lapho abasasele kwabagcotshiwe bethola umvuzo wabo wasezulwini.
Lokhu kuqonda okucacisiwe kuluveza ngendlela enamandla uthando lukaJehova olukhulu nesihe sakhe esikhulu. Ngempela, “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—2 Pet. 3:9.