AMACEBISO OKUTADISHA
Zuza Ngokusebenzisa Izikhombo
Izikhombo ezisenguqulweni ethi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele zibonisa ukuthi iBhayibheli liyavumelana ngokuveza eminye imiBhalo enemininingwane eyengeziwe. Izikhombo uzibona ngonkamisa omncane oba ngemva kwegama. Uma usebenzisa iBhayibheli elinyathelisiwe, bheka unkamisa ofana nonkamisa osevesini phakathi nendawo ukuze uthole imiBhalo ehlobene nalelo vesi. Ku-jw.org noma ku-JW Library®, cofa unkamisa oseduze kwegama ukuze ubone imiBhalo ehlobana nalelo vesi.
Izikhombo zingakuyisa kunoma iyiphi yalezi zinto ezilandelayo kanye nokunye:
Ukulandisa Okufanayo: Isikhombo sikuyisa kokunye ukulandisa okukhuluma ngesenzakalo esifanayo esikwenye incwadi yeBhayibheli. Ngokwesibonelo, bheka eyesi-2 Samuweli 24:1 neyoku-1 IziKronike 21:1.
Ingcaphuno: Isikhombo sibonisa ukuthi athathwe kuphi amagama athile noma inkulumo ethile. Ngokwesibonelo, bheka uMathewu 4:4 noDuteronomi 8:3.
Isiprofetho esigcwalisekile: Isikhombo siveza isiprofetho nokugcwaliseka kwaso. Ngokwesibonelo, bheka uMathewu 21:5 noZakariya 9:9.