Imiphumela Ebuhlungu Ebangelwa Yizimpi
Zimbalwa kakhulu izinto eziswisa abantu ubuhlungu njengezimpi nezingxabano ezinodlame. Amasosha nabantu abahlukunyezwe yizimpi bakwazi kahle lokho.
AMASOSHA
“Uhlale ubona abantu befa futhi belimala kakhulu kangangokuba ukuphila kwabo kuyashintsha ngenxa yalezo zingozi. Uhlale uzizwa ungaphephile.”—UGary, waseBrithani.
“Ngadutshulwa emhlane nasebusweni futhi ngabona abaningi bebulawa, kuhlanganise nezingane nabantu abadala. Impi ikwenza ube nenhliziyo yetshe.”—UWilmar, waseColombia.
“Uma umuntu edutshulwa phambi kwakho, leso sithombe asibe sisaphuma engqondweni. Ulokhu umuzwa ehayiza futhi ekhala. Awuphinde umkhohlwe lowo muntu.”—UZafirah, wase-United States.
ABAHLUKUNYEZWE YIZIMPI
“Ngavele ngacabanga ukuthi angeke ngiphinde ngijabule. Ngangisaba ukuthi ngizofa kodwa engangikusaba kakhulu ukuthi umndeni wami nabangani bami bazobulawa.”—U-Oleksandra, wase-Ukraine.
“Kwakusabisa ukuma kulayini silinde ukudla kusukela ngo-2 ekuseni kuze kube ngu-11 ntambama, ngoba sasazi ukuthi singase sidubuleke noma yinini.”—UDaler, waseTajikistan.
“Impi yangishiya ngiyintandane. Yangishiya ngingenabazali abazongiduduza futhi banginakekele.”—UMarie, waseRwanda.
Laba bantu bahlukumezeka kakhulu ngenxa yezimpi kodwa manje sebenokuthula. Ngaphezu kwalokho, bayaqiniseka ukuthi zonke izimpi nezingxabano ezinodlame kuzophela maduzane. Kule Nqabayokulinda, kuzochazwa kusetshenziswa iBhayibheli ukuthi lokho kungenzeka kanjani.