AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Indlela UMthetho Owabonisa Ngayo Ukuthi UJehova Uyabakhathalela Abahluphekayo
Abahluphekayo nalabo ababengenalo ifa babethola usizo esizweni sakwa-Israyeli (Dut 14:28, 29; it-2-E 1110 ¶3)
Phakathi nonyaka weSabatha, ama-Israyeli ayekweleta ‘ayekhululwa’ ezikweletini zawo (Dut 15:1-3; it-2-E 833)
Lapho umIsrayeli ezithengisa ukuba abe isigqila, wayeba isigqila iminyaka eyisithupha bese ekhululwa ngonyaka wesikhombisa, inkosi yakhe imnikeze nesipho (Dut 15:12-14; it-2-E 978 ¶6)
ZIBUZE, ‘Yiziphi izindlela engingabonisa ngazo ukuthi ngiyawakhathalela amaKristu aswele?’