AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LEVITIKUSI 1-3
Injongo Yeminikelo
Iminikelo noma imihlatshelo uNkulunkulu ayeyale ukuba ama-Israyeli ayenze ngaphansi koMthetho kaMose yayimjabulisa uJehova, futhi yayifanekisela uJesu, umhlatshelo ayezowenza kanye nezinzuzo zalowo mhlatshelo.—Heb 8:3-5; 9:9; 10:5-10.
Njengoba nje yonke iminikelo eyayinikelwa kwakufanele ibe ngephilile nengenasici, noJesu wanikela ngomzimba wakhe owawungenasono futhi ungenasici.—1Pet 1:18, 19; bheka isithombe esisesembozweni
Njengoba nje iminikelo eshiswayo yayinikelwa yonke kuNkulunkulu, noJesu wazinikela ngokuphelele kuJehova
Njengoba nje labo ababenikela ngemihlatshelo ehlanganyelwayo eyamukelekayo babenokuthula noNkulunkulu, nabagcotshiwe abadla eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa banokuthula noNkulunkulu